UmShumayeli 1:1-9
UmShumayeli 1:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Amazwi oMshumayeli indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. “Ize leze,” usho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize.” Kuyinzuzoni kumuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga na? Isizukulwane siyamuka, isizukulwane siyeza, kepha umhlaba umi phakade. Ilanga liyaphuma, ilanga liyashona, lishesha ukuya endaweni yalo lapho liphuma khona. Umoya uya ngaseningizimu, uzungeze, uye ngasenyakatho; uzungazungeza njalo ekuhambeni kwawo, nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela. Yonke imifula iyangena elwandle, kepha ulwandle alugcwali; endaweni eya kuyo imifula, ibuye iye khona njalo. Zonke izinto ziyakhandleka, akakho ongakuphimisa; iso alisuthi ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa. Okwake kwaba khona yikho okuyakuba khona, nokwake kwenziwa yikho okuyakwenziwa; akukho okusha phansi kwelanga.
UmShumayeli 1:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Amazwi oMshumayeli, indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. “Ize leze,” kusho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize!” Uzuzani umuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashika phansi komthunzi welanga na? Isizukulwane siyafika, sedlule, kodwa umhlaba umi ingunaphakade. Ilanga liyaphuma, lishone, lisheshe liye endaweni yalo lapho liphuma khona. Umoya uvunguza uye eningizimu, uphendukele enyakatho, uphenduphenduke, ubuyele lapho uqale khona. Yonke imifula igelezela olwandle, kodwa ulwandle alugcwali; lapho imifula ike yageleza khona, isayophinde futhi igeleze khona. Zonke izinto ziyakhandla, umuntu angezichaze. Iso alideli ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa. Okwake kwaba khona, kuyobuye kube khona, nokwake kwenziwa kuyobuye kwenziwe. Ayikho into entsha phansi komthunzi welanga.
UmShumayeli 1:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Amazwi oMshumayeli, indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. “Yize leze,” usho uMshumayeli, okuyize okuyize; konke kuyize. Umuntu unanzuzoni kuwo wonke umshikashika wakhe awenzayo phansi kwelanga na? Isizukulwane siyedlula, isizukulwane siyeza, kodwa umhlaba umi kuze kube nininini. Ilanga liyaphuma futhi ilanga liyashona futhi liphuthuma endaweni yalo lapho liphuma khona. Umoya uya eningizimu futhi uphendukela enyakatho; uzungeza njalo, nomoya ubuya emijikelezweni yawo. Yonke imifula igelezela olwandle; nokho ulwandle alugcwele; endaweni eya kuyo imifula, ibuyela khona. Konke kugcwele umshikashika; umuntu akanakukukhuluma: iso alisuthi ngokubona, nendlebe ayisuthi ngokuzwa. Okwakukhona yikho okuzakuba khona; futhi okwenzekayo yilokho okuyokwenziwa; futhi akukho okusha phansi kwelanga.