UmShumayeli 1:1-17

UmShumayeli 1:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Amazwi oMshumayeli, indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. “Ize leze,” kusho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize!” Uzuzani umuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashika phansi komthunzi welanga na? Isizukulwane siyafika, sedlule, kodwa umhlaba umi ingunaphakade. Ilanga liyaphuma, lishone, lisheshe liye endaweni yalo lapho liphuma khona. Umoya uvunguza uye eningizimu, uphendukele enyakatho, uphenduphenduke, ubuyele lapho uqale khona. Yonke imifula igelezela olwandle, kodwa ulwandle alugcwali; lapho imifula ike yageleza khona, isayophinde futhi igeleze khona. Zonke izinto ziyakhandla, umuntu angezichaze. Iso alideli ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa. Okwake kwaba khona, kuyobuye kube khona, nokwake kwenziwa kuyobuye kwenziwe. Ayikho into entsha phansi komthunzi welanga. Ikhona yini into okuthiwa ngayo: “Bheka, lokhu kusha?” Empeleni seyake yaba khona emandulo, singakabi bikho. Akukho ukukhunjulwa kwezinto esezedlule, nokwalezo ezisayokwenziwa yilabo abalandelayo. Mina Mshumayeli ngangiyinkosi yakwa-Israyeli, eJerusalema. Ngazinikela ngenhliziyo yami yonke ukufuna nokucwaninga ngokuhlakanipha yonke into eyenziwa phansi komthunzi welanga. Kungumsebenzi okhathazayo uNkulunkulu awunikeze abantu ukuba babe matasatasa ngawo. Ngiyibone yonke imisebenzi eyenziwa phansi komthunzi welanga; impela konke kufana nokubamba utalagu! Okugobile ngeke kuqondiswe, okungekho ngeke kwabalwa. Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Ngizuze ukuhlakanipha okukhulu ukwedlula bonke abangendulela ekubuseni eJerusalema. Yebo, inhliziyo yami izuze ukuhlakanipha okukhulu nokuqonda. Ngizinikele ngenhliziyo yami yonke ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuwula nobuthutha. Ngithole ukuthi konke lokho kufana nokubamba utalagu.

UmShumayeli 1:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Amazwi oMshumayeli indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. “Ize leze,” usho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize.” Kuyinzuzoni kumuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga na? Isizukulwane siyamuka, isizukulwane siyeza, kepha umhlaba umi phakade. Ilanga liyaphuma, ilanga liyashona, lishesha ukuya endaweni yalo lapho liphuma khona. Umoya uya ngaseningizimu, uzungeze, uye ngasenyakatho; uzungazungeza njalo ekuhambeni kwawo, nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela. Yonke imifula iyangena elwandle, kepha ulwandle alugcwali; endaweni eya kuyo imifula, ibuye iye khona njalo. Zonke izinto ziyakhandleka, akakho ongakuphimisa; iso alisuthi ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa. Okwake kwaba khona yikho okuyakuba khona, nokwake kwenziwa yikho okuyakwenziwa; akukho okusha phansi kwelanga. Kukhona yini into okuthiwa ngayo: “Bheka, intsha le.” Yayikhona nasemandulo ayengaphambi kwethu. Akukho ukukhunjulwa kwase bephelile, nabalandelayo abayakufika abayikukhunjulwa nabo phakathi kwabalandela bona. Mina Mshumayeli ngangiyinkosi phezu kuka-Israyeli eJerusalema. Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike. Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya. Okuyisigwegwe akunakuqondiswa, nokungekho akunakubalwa. Ngakhuluma mina nenhliziyo yami, ngathi: “Bheka, ngenzile ukuhlakanipha kube kukhulu, ngikwandisile kunabo bonke phambi kwami eJerusalema, yebo, inhliziyo yami ibonile kakhulu ukuhlakanipha nokwazi.” Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula. Ngase ngibona ukuthi nalokho kwakungukufuna umoya.

UmShumayeli 1:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Amazwi oMshumayeli, indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. “Yize leze,” usho uMshumayeli, okuyize okuyize; konke kuyize. Umuntu unanzuzoni kuwo wonke umshikashika wakhe awenzayo phansi kwelanga na? Isizukulwane siyedlula, isizukulwane siyeza, kodwa umhlaba umi kuze kube nininini. Ilanga liyaphuma futhi ilanga liyashona futhi liphuthuma endaweni yalo lapho liphuma khona. Umoya uya eningizimu futhi uphendukela enyakatho; uzungeza njalo, nomoya ubuya emijikelezweni yawo. Yonke imifula igelezela olwandle; nokho ulwandle alugcwele; endaweni eya kuyo imifula, ibuyela khona. Konke kugcwele umshikashika; umuntu akanakukukhuluma: iso alisuthi ngokubona, nendlebe ayisuthi ngokuzwa. Okwakukhona yikho okuzakuba khona; futhi okwenzekayo yilokho okuyokwenziwa; futhi akukho okusha phansi kwelanga. Kukhona yini okungashiwo ngakho ukuthi: Bheka, kukusha na? bekuphambi kwethu kusukela kudala. Akukho ukukhunjulwa kwezinto zakuqala; futhi akuyikubakho ukukhunjulwa kwezinto ezizayo kanye nabazayo. Mina, uMshumayeli, ngangiyinkosi phezu kuka-Israyeli eJerusalema. Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuphenya ngokuhlakanipha ngakho konke okwenzeka phansi kwezulu: lo mzamo wosizi uNkulunkulu awunike abantwana babantu ukuba baqeqeshwe ngawo. Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; futhi bheka, konke kuyize nokuhlushwa komoya. Okuyisigwegwe ngeke kuqondiswe, futhi okushodayo akunakubalwa. Ngakhuluma ngenhliziyo yami ngathi: “Bheka, mina sengize ngobuso obukhulu, ngizuza ukuhlakanipha kunabo bonke ababe ngaphambi kwami eJerusalema; yebo, inhliziyo yami yaba nesipiliyoni esikhulu sokuhlakanipha nolwazi. Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo