UDuteronomi 4:7-8
UDuteronomi 4:7-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Yisiphi isizwe esikhulu esinonkulunkulu oseduze naso njengoba enjalo uSimakade uNkulunkulu wethu noma yinini lapho simbiza, na? Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezehlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na?
UDuteronomi 4:7-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngoba yisiphi isizwe esikhulu esingaka uNkulunkulu oseduze kuso njengoJehova uNkulunkulu wethu kukho konke esimbiza ngakho? Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezahlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka kini namuhla na?
UDuteronomi 4:7-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba yisiphi isizwe esikhulu esinonkulunkulu oseduze naso njengoJehova uNkulunkulu wethu, enjalo nanini lapho simbiza, na? Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezahlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na?