UDuteronomi 4:29-31
UDuteronomi 4:29-31 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Niyomfuna uSimakade uNkulunkulu wenu nilapho, nimfumane. Niyakumfuna ngenhliziyo yenu yonke nangawo wonke umphefumulo wenu. Ekuhluphekeni kwakho, lapho wehlelwa yizo zonke lezo zinto, uyophendukela kuSimakade uNkulunkulu wakho ngezinsuku zokugcina, ulalele izwi lakhe. USimakade uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomusa; akayukukushiya, akayukukubhubhisa, futhi akayukusikhohlwa isivumelwano asifunga kokhokho bakho.
UDuteronomi 4:29-31 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu. Uma usekuhluphekeni, zikwehlela zonke lezi zinto, uyakuphendukela kuJehova uNkulunkulu wakho ngezinsuku zokugcina, ulalele izwi lakhe, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomusa; akayikukushiya, angakubhubhisi, angakhohlwa isivumelwano sawoyihlo asifungela bona.
UDuteronomi 4:29-31 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kodwa uma nifuna uJehova uNkulunkulu wenu lapho, niyomthola, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu. Lapho usekuhluphekeni, zonke lezi zinto zikwehlela, ekupheleni kwezinsuku, uma uphendukela kuJehova uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe; Ngoba uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu olesihawu