UDuteronomi 4:15-40

UDuteronomi 4:15-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Gcinani kahle imiphefumulo yenu, lokhu ningabonanga simo ngalolo suku uJehova akhuluma ngalo kini eHorebe ephakathi komlilo, funa none, nizenzele izithombe ezibaziweyo, isimo somfanekiso wowesilisa noma owowesifazane, noma umfanekiso wesilwane esisemhlabeni, noma umfanekiso wenyoni enamaphiko, endizayo emkhathini, noma umfanekiso wesilwanyana esinwabuzelayo emhlabeni, noma umfanekiso wenhlanzi esemanzini phansi komhlaba, funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu, uyengwe, uze ukhuleke kukho, ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho. Kepha uJehova wakuthatha, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibithe, ube ngabantu befa kuye njenganamuhla. “Futhi uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi angiyikuwela iJordani nokuthi angiyikungena kulelo zwe elihle uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho, kepha ngimelwe ukufa mina kulelizwe, ngingaweli iJordani; kodwa nina niyakuwela, nilidle lelo zwe elihle. Xwayani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu owasenza nani ngokuzenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uJehova uNkulunkulu wakho akwenqabela yona. Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu. “Nxa uyakuzala abantwana nabantwana babantwana, nanxa senihlale isikhathi eside ezweni, none, nenze izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento ethile, nenze okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho, nimthukuthelise, ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi niyakuphela nokuphela masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukuba nilidle; aniyikwandisa izinsuku zenu kulo: niyakuqothulwa nokuqothulwa. UJehova uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uJehova eyakuniholela khona. Lapho niyakukhonza onkulunkulu, umsebenzi wezandla zabantu, imithi namatshe, abangaboni, abangezwa, abangahogeli. Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu. Uma usekuhluphekeni, zikwehlela zonke lezi zinto, uyakuphendukela kuJehova uNkulunkulu wakho ngezinsuku zokugcina, ulalele izwi lakhe, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomusa; akayikukushiya, angakubhubhisi, angakhohlwa isivumelwano sawoyihlo asifungela bona. “Ngokuba ake ubuze izinsuku ezidlulileyo ezaziphambi kwakho, kusukela osukwini uNkulunkulu adala ngalo umuntu emhlabeni, kusukela kolunye uhlangothi lwezulu kuze kufike kolunye, uma kwake kwaba khona into engaka nokuba kwake kwezwakala okungangayo na? Abantu bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma livela phakathi komlilo, njengalokho wena uzwile, baphile, na? UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uJehova uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na? “Wena waboniswa lokho ukuba wazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu, akakho omunye ngaphandle kwakhe. Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wena wezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo. Lokhu ebethanda oyihlo wakhetha inzalo yabo emva kwabo, wakukhipha yena uqobo ngamandla akhe amakhulu eGibithe ukuba axoshe izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe phambi kwakho, angenise wena, akunike izwe labo libe yifa lakho njenganamuhla. “Yazi namuhla, ukungenise enhliziyweni yakho ukuthi uJehova unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi; akakho omunye. Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.”

UDuteronomi 4:15-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngakho zinakekeleni; ngoba anibonanga mfanekiso mhla uJehova ekhuluma kini eHorebe ephakathi komlilo. Ukuze ningonakalisi, nizenzele isithombe esibaziweyo, umfanekiso wanoma yisiphi isimo, umfanekiso wowesilisa noma wowesifazane, umfanekiso wazo zonke izilwane ezisemhlabeni, umfanekiso wazo zonke izinyoni ezinamaphiko ezindiza emoyeni, umfanekiso wakho konke okunwabuzelayo emhlabeni, umfanekiso wezinhlanzi zonke ezisemanzini ngaphansi komhlaba; futhi ungaphakamiseli amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga, nenyanga, nezinkanyezi, yebo, lonke ibandla lasezulwini, lixoshwe ukuba likhuleke kuzo, likhonze lezo uJehova UNkulunkulu wahlukanisela izizwe zonke ngaphansi kwalo lonke izulu. Kepha uJehova wanithatha, wanikhipha esithandweni sensimbi, eGibithe, nibe yifa lakhe, njenganamuhla. Ngaphezu kwalokho, uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi ngeke ngiwele iJordani nokuthi ngeke ngingene kulelo zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona njengefa. Kodwa kufanele ngifele kuleli zwe, angiyikuwela iJordani; kepha niyakudabula, nilidle lelo zwe elihle. Ziqapheleni ukuba ningakhohlwa isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu asenza nani, nizenzele isithombe esibaziweyo noma umfanekiso wakho konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenqabele ngakho. Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu. Nxa nizala abantwana nabazukulu, senihlale isikhathi eside ezweni, niziphange, nenze isithombe esibaziweyo noma umfanekiso wanoma yini, nenze okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wenu ukuba amthukuthelise zala: Ngifakaza kini namuhla izulu nomhlaba ukuthi niyakubhubha masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukulidla; aniyikuzandisa izinsuku zenu kulo, kepha niyakushaywa ngesiqalekiso. UJehova uyakunihlakaza phakathi kwezizwe, nisale niyingcosana phakathi kwezizwe uJehova eyakuniholela kuzo. Kumelwe nikhonze lapho onkulunkulu, umsebenzi wezandla zomuntu, imithi namatshe, abangaboni, abangezwa, abangadli, abangahogi. Kodwa uma nifuna uJehova uNkulunkulu wenu lapho, niyomthola, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu. Lapho usekuhluphekeni, zonke lezi zinto zikwehlela, ekupheleni kwezinsuku, uma uphendukela kuJehova uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe; Ngoba uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu olesihawu; Manje buzani ezinsukwini ezidlule, ezazingaphambi kwenu, kusukela osukwini uNkulunkulu adala ngalo umuntu emhlabeni, futhi nibuze kusukela kolunye uhlangothi lwezulu kuze kufike kolunye uhlangothi, uma kukhona into enjengalena enkulu, noma ingabe kakade yezwa? Bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma liphakathi komlilo, njengalokho nina nizwile, baphile, na? Noma uNkulunkulu wafuna ukuzibuthela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokwesabeka okukhulu, njengakho konke uJehova akwenzileyo. UNkulunkulu wenze kini eGibhithe phambi kwamehlo enu? Lokhu sekwaziwe kini, ukuze nazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu; akakho omunye ngaphandle kwakhe. Wenza ukuba uzwe izwi lakhe esezulwini ukuba anifundise; nasemhlabeni wanikhombisa umlilo wakhe omkhulu; nawezwa amazwi akhe ephakathi komlilo. Futhi ngenxa yokuthi wabathanda oyihlo, ngakho wakhetha inzalo yabo ngemva kwabo, futhi wakukhipha phambi kwamehlo akhe eGibhithe ngamandla akhe amakhulu; ukuba axoshe phambi kwakho izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, ukuba akungenise, akunike izwe lazo libe yifa lakho, njengokuba kunjalo namuhla. Yazi-ke namuhla, ukubeke enhliziyweni yakho ukuthi uJehova unguNkulunkulu phezulu ezulwini naphansi komhlaba; akekho omunye. Ugcine izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla ukuba kukuhambele kahle wena nabantwana bakho emva kwakho, zande izinsuku zakho emhlabeni uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona kuze kube phakade.

UDuteronomi 4:15-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Qaphelani kakhulu, lokhu ningabonanga simo ngalolo lusuku lapho uSimakade ekhuluma nani eHorebhe, ephakathi komlilo. Funa nenze okubi, nizenzele izithombe ezibaziweyo, eziwumfanekiso wowesilisa noma wowesifazane, umfanekiso wesilwane esisemhlabeni, noma wenyoni enamaphiko endiza emkhathini, noma umfanekiso wesilwanyana esinwabuzelayo emhlabeni, noma umfanekiso wenhlanzi esemanzini phansi komhlaba; hleze uphakamisele amehlo akho ezulwini, ubone ilanga, inyanga, izinkanyezi, nalo lonke ibandla lezulu, bese uyengeka, ukhuleke kukho, ukukhonze, lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwabele izizwe zonke eziphansi kwezulu. Nokho uSimakade wakuthatha wena, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibhithe, ukuze nibe ngabantu abayifa lakhe njenganamuhla. “USimakade wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi angiyukuliwela iJordani nokuthi angiyukungena kulelo lizwe elihle uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, libe yifa lakho. Kepha mina sengizakufa kuleli lizwe, angizukuliwela iJordani, kodwa nina nizoliwela, nilidle leli lizwe elihle. Qaphelani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu asenza nani, bese nizenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uSimakade uNkulunkulu wakho akuyala ngayo. Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu. “Kuyothi lapho sewuzele abantwana, nabo bazala ababo, senihlale isikhathi eside ezweni, bese nona, nenze izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento ethile, nenze okubi emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wakho, nimthukuthelise, ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngufakazi ngani namuhla, ukuthi niyakuqothulwa niphele masinyane ezweni eniwela iJordani ukuba nilidle. Izinsuku zenu aziyukwanda kulo, niyakuqothulwa nokuqothulwa. USimakade uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uSimakade eyakunixoshela khona. Lapho niyokhonza onkulunkulu abayimisebenzi yezandla zabantu, onkulunkulu bemithi namatshe, abangaboni, abangezwa, abangadli nabangahogeli. Niyomfuna uSimakade uNkulunkulu wenu nilapho, nimfumane. Niyakumfuna ngenhliziyo yenu yonke nangawo wonke umphefumulo wenu. Ekuhluphekeni kwakho, lapho wehlelwa yizo zonke lezo zinto, uyophendukela kuSimakade uNkulunkulu wakho ngezinsuku zokugcina, ulalele izwi lakhe. USimakade uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomusa; akayukukushiya, akayukukubhubhisa, futhi akayukusikhohlwa isivumelwano asifunga kokhokho bakho. “Ake ubuze izinsuku ezidlulileyo ezaziphambi kwakho, kusukela osukwini uNkulunkulu adala ngalo abantu emhlabeni, kusukela kolunye uhlangothi lwezulu kuze kufike kolunye, ukuthi kukhona yini okufana nale nto engaka okwake kwenzeka, futhi kukhona yini okwake kwezwakala okufana nakho na? Abantu bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma livela phakathi emlilweni, njengalokho ulizwile, baphila na? Ukhona yini unkulunkulu owake walinga ukuza azithathele isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngempi, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uSimakade uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibhithe, nizibonela ngawenu, na? “Wena wakuboniswa lokho ukuze wazi ukuthi uSimakade unguNkulunkulu, akekho omunye ngaphandle kwakhe. Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wawezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo. Ngenxa yokuba ebathanda okhokho bakho, wazikhetha izizukulwane zabo emva kwakho; wakukhipha Yena uqobo eGibhithe ngamandla akhe amakhulu, waxosha izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe phambi kwakho, ukuze akungenise, akunike izwe lazo, libe yifa lakho njengoba kunjalo nanamuhla. “Yazi namuhla, ukufake enhliziyweni yakho ukuthi uSimakade unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi; akekho omunye. Uyogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuze kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, ukuze zande izinsuku zakho ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, kuze kube phakade.”