UDuteronomi 34:10-12
UDuteronomi 34:10-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Akuzange kuphinde kuvele umphrofethi kwa-Israyeli owayefana noMose, owayazana noSimakade ubuso nobuso. Akekho owayengalinganiswa naye ngazo zonke izibonakaliso nezimangaliso uSimakade amthumela ukuba azenze eGibhithe, kuFaro, kuzo zonke izinceku zakhe, nasezweni lakhe lonke, nangazo zonke izenzo zamandla, nezinto ezesabekayo uMose azenza phambi kwabo bonke abakwa-Israyeli bebuka.
UDuteronomi 34:10-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Akuvelanga ngasemuva kwa-Israyeli umprofethi onjengoMose, owazana noJehova ubuso nobuso ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke amthumela uJehova ukuba azenze ezweni laseGibithe kuFaro, nakuzo zonke izinceku zakhe, nakulo lonke izwe lakubo, nangesandla sonke esinamandla nangayo yonke ingebhe enkulu akwenza uMose emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli.
UDuteronomi 34:10-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kusukela ngaleso sikhathi akuvelanga mprofethi kwa-Israyeli njengoMose owamazi uJehova ubuso nobuso; kuzo zonke izibonakaliso nezimangaliso uJehova amthuma ukuba azenze ezweni laseGibithe kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe nakulo lonke izwe lakhe, nangaso sonke leso sandla esinamandla nakukho konke ukwesabeka okukhulu uMose akubonisayo phambi kwamehlo ka-Israyeli wonke.