UDuteronomi 34

34
UDuteronomi 34
UMose uyafa
1UMose wakhuphuka emathafeni akwaMowabi, waya entabeni yaseNebo esiqongweni sasePisiga esibhekene neJeriko. UJehova wambonisa lonke izwe lakwaGileyadi kwaDani;
2nalo lonke iNafetali, nezwe lakwa-Efrayimi, noManase, nezwe lonke lakwaJuda, kuze kube selwandle lwasentshonalanga;
3neningizimu nethafa lesigodi saseJeriko umuzi wamasundu kuze kube seSowari.
4UJehova wathi kuye: “Nanti izwe engalifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho;’ Ngikwenze wakubona ngamehlo akho, kodwa akumelwe uhambe. Lapho.
5UMose inceku kaJehova wafela khona ezweni lakwaMowabi njengezwi likaJehova.
6Wammbela esigodini sasezweni lakwaMowabi malungana neBeti Peyori, kepha akukho noyedwa olaziyo ithuna lakhe kuze kube namuhla.
7UMose wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili ekufeni kwakhe; iso lakhe lalingafiphele, namandla akhe emvelo ayengakanciphi.
8Abantwana bakwa-Israyeli bamkhalela uMose emathafeni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu; zaphela-ke izinsuku zokukhala nokumkhalela uMose.
9UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya wokuhlakanipha; ngokuba uMose wabeka izandla phezu kwakhe; abantwana bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokho uJehova emyalile uMose.
10Kusukela ngaleso sikhathi akuvelanga mprofethi kwa-Israyeli njengoMose owamazi uJehova ubuso nobuso;
11kuzo zonke izibonakaliso nezimangaliso uJehova amthuma ukuba azenze ezweni laseGibithe kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe nakulo lonke izwe lakhe,
12nangaso sonke leso sandla esinamandla nakukho konke ukwesabeka okukhulu uMose akubonisayo phambi kwamehlo ka-Israyeli wonke.

Okuqokiwe okwamanje:

UDuteronomi 34: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume