UDuteronomi 32:1-43

UDuteronomi 32:1-43 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Lalelani nina mazulu, ngiyakhuluma; umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami. Isifundiso sami masehle njengemvula, inkulumo yami iconse njengamazolo, njengomkhizo otshanini, nanjengezihlambi ohlazeni, ngokuba ngiyomemezela igama likaSimakade: ngimnike udumo uNkulunkulu wethu. “Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena. “Bonile kuye; abaseyibo abantwana bakhe, ngenxa yesici sabo; bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe. Ngabe nimbonga kanjalo uSimakade, na? Nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile, akasiye yini uyihlo anidalwanga nguye wanenza, wanimisa, na? “Khumbula izinsuku zasendulo, ubheke iminyaka yezizukulwane ngezizukulwane; buza kuyihlo, uyakukulandisa, nezingwevu zizokutshela. OPhezukonke lapho abela izizwe ifa lazo, lapho ehlukanisela abantwana babantu, wamisa imingcele yezizwe ngokwenani labantu bakwa-Israyeli. Ngokuba isabelo sikaSimakade singabantu bakhe. UJakobe uyisifunda sefa lakhe. “Wamthola ezweni eliyihlane, nasoqwathuleni lomkhulungwane kwahlongasibi, wamzungeza, wamnakekela, wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe. Njengokhozi lunyakazisa isidleke salo, lubhakuza phezu kwamaphuphu alo, welula amaphiko akhe, wabathatha, wabathwala ngamaphikho akhe. NguSimakade kuphela owamqondisa, akukho nkulunkulu wabezizwe onaye. “Wamkhweza ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, wadla izithelo zamasimu, wammuncisa uju edwaleni, namafutha eweni lensengetsha. Wadla izaqheqhe zemihlambi, ubisi lwezimvu, amafutha amawundlu, izinqama zohlobo lwaseBhashani, izimbuzi, namanoni kakolo wekhethelo; waphuza iwayini livela egazini lamagilebhisi. “UJeshuruni wakhuluphala, wayesekhahlela; usekhuluphele, uzimukile, futhi uchachambile. Wamshiya uNkulunkulu owamenza, waledelela iDwala lensindiso yakhe. Bamenza waba nesikhwele ngonkulunkulu babezizwe, bamthukuthelisa ngezinengiso. “Bahlabela amadimoni angeyena uNkulunkulu, nonkulunkulu abangazange babazi, onkulunkulu abasha, abasanda kuhlangabezana nabo, nababengaziwa ngokhokho babo. Walikhohlwa iDwala elakuzalayo, wamkhohlwa uNkulunkulu owakudalayo. “USimakade wakubona lokho, wanengwa ngukuchukuluzwa ngamadodana namadodakazi akhe. Wathi: ‘Ngizobufihla ubuso bami kubo, ngibone ukuthi sizoba yini isiphetho sabo; ngokuba bayisizukulwane esiphambeneyo, nabantwana okungekho ukwethembeka kubo. Bangenze nganesikhwele ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisa ngokuyize kwabo; ngiyobenza babe nesikhwele ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula. Ngokuba umlilo uphenjwe yintukuthelo yami; uyabhebhetheka kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uyaqothula umhlaba nezithelo zawo, wokhela nezisekelo zezintaba. “ ‘Ngiyonqwabelisa izinhlekelele phezu kwabo ngibacibe ngemicibisholo yami: bayakuphela amandla yindlala, baqedwe wubhubhane, baqothulwe yisifo esibi, ngibathumele ngezinzawula zezilwane zasendle ezinesihlungu nezihuquzela othulini, zibalume. Emigwaqweni inkemba iyodla lubi, emakamelweni kubhoke uvalo: ezinsizweni nasezintombini, koncelayo nasempungeni. Ngathi: “Ngizobavithiza babe yizicucu ngiqede ukukhunjulwa kwabo kubantu,” kungenjalo, ngesaba ukuchukuluzwa yisitha, funa abamelene nabo baqonde, bathi: “Izandla zethu eziphakamile, akusiye uSimakade owenze konke lokhu.” ’ ” “Bayisizwe esingenangqondo, akukho ukuqonda kubo. Uma bebehlakaniphile bebeyakukuqonda lokhu, baqonde nesiphetho sabo. Oyedwa angayixosha kanjani inkulungwane, ababili bahubhe izinkulungwane ezilishumi, uma idwala labo belingathengisanga ngabo, uSimakade ebengabanikelanga, na? Impela idwala labo alifani neDwala lethu; nezitha zethu ziyakuvuma lokho. Umvini wabo ungumvini waseSodoma ovela emasimini aseGomora; izithelo zawo ziwubuthi, amahlukuzo awo amuncu. Iwayini labo liyisihlungu sezinyoka, lingubuthi bemfezi. Lokho akugciniwe yini kimi, kwavalelwa ezinqolobaneni zami, na? Impindiselo ingeyami, nokunxephezela kungokwami, lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana, ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele, izinto abalungiselelwe zona uyozenza zifike ngokushesha kubo. “USimakade uyobehlulela abantu bakhe, abe nesihawu ezincekwini zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, akusekho oboshiweyo nokhululekileyo. Uyakuthi: ‘Baphi onkulunkulu babo, nedwala ababephephela kulo, ababedla amanoni emihlatshelo yabo, bephuza iwayini lomnikelo wabo wokuphuzwayo, na? Mabanisize, mababe yisiphephelo senu. “ ‘Bonani manje ukuthi Mina, yebo, Mina Nginguye, akekho unkulunkulu ngaphandle kwami; Mina ngiyabulala, ngibuye ngiphilise, ngilimaze, futhi ngipholise; akekho ongabahlenga esandleni sami. Ngiphakamisela isandla sami ezulwini, ngithi: Mina ngiyakuphila kuze kube phakade. Uma ngilola inkemba yami ebengezelayo, isandla sami sibambelele ekwehluleleni, ngiyophenduka ngiphindisele kwabamelene nami, ngiphindisele kwabangizondayo.’ ” “Imicibisholo yami ngiyoyidakisa ngegazi, inkemba yami idle abantu, ngegazi lababuleweyo nabathunjiweyo, kuqala enhlokweni yabaholi bezitha. Memezani ngokuthokoza bantu bakhe, nina zizwe, ngokuba uyakuliphindiselela igazi lezinceku zakhe, aziphindiselele kwabamelene naye, ahlambulule izwe lakhe nabantu bakhe.”

UDuteronomi 32:1-43 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Bekani indlebe nina mazulu, ngiyakukhuluma; umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami. Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula, inkulumo yami ichiche njengamazolo, njengomkhizo ohlazeni, nanjengezihlambi etshanini, ngokuba ngiyakumemezela igama likaJehova: mnikeni uNkulunkulu wethu ubukhulu. “Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena. “Bonile kuye; abasibo abantwana bakhe, kuyisici sabo; bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe. UJehova nimvuza kanjalo nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile na? Akasiye uyihlo owakudala na? Wakwenza, wakubumba. “Khumbula izinsuku zasendulo, ubheke iminyaka yezizukulwane ngezizukulwane; buza kuyihlo, uyakukulandisa, nasemalungeni akho, akutshele. Lapho oPhezukonke wazinika izizwe ifa lazo, lapho wahlukanisa abantwana babantu, wamisa imikhawulo yezizwe njengokomumo wabantwana bakwa-Israyeli. Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe; uJakobe uyisiqephu sefa lakhe. “Wamfumana ezweni eliyihlane, nasoqwatheni lomkhulungwane kwahlongasibi, wamzungeza, wamnakekela, wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe. Njengokhozi olunyakazisa isidleke salo, lubhakuza phezu kwamazinyane alo, wawelula amaphiko akhe, wabathatha, wabathwala ngezimpaphe zakhe. UJehova yedwa wamhola, akwabakho unkulunkulu wabezizwe naye. “Wamkhwelisa ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, wadla izithelo zamasimu, wammuncisa izinyosi edwaleni, namafutha eweni lensengetsha, namangqanga ezinkomo, nobisi lwezimvu, namafutha amawundlu, nezinqama zohlobo lwaseBashani, nezimbuzi, namanoni omongo kakolweni; egazini lezithelo zomvini waphuza iwayini. “UJeshuruni wayesekhuluphala, wakhaba; usukhuluphele, uzimukile, uchachambile; wayesemshiya uNkulunkulu owamenza, walidelela iDwala lensindiso yakhe. Bamvusela umhawu ngawonkulunkulu babezizwe, bamthukuthelisa ngezinengiso. “Bahlabela amademoni angesibo onkulunkulu, onkulunkulu ababengabazi, onkulunkulu abasha, abasand'ukuqhamuka, ababengesatshwa ngoyihlo. IDwala elakuzalayo awusalinakekeli, ukhohliwe uNkulunkulu owakudalayo. “UJehova wakubona, wanengwa yibo, ngenxa yokuncokoloza kwamadodana akhe namadodakazi akhe. Wayesethi: ‘Ngiyakubafihlela ubuso bami, ngibone ukugcina kwabo ukuthi kuyakuba yini; ngokuba bayisizwe esiphambeneyo, abantwana okungekho kubo ukukholwa. Bangivusele umhawu ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisile ngamaze abo; ngiyakubavusela umhawu ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula. Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami; uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uqede umhlaba nezithelo zawo, wokhele izisekelo zezintaba. “ ‘Ngiyakubanqwabelela izinhlupheko, ngiqedele imicibisholo yami phezu kwabo. Bayakuphela indlala, baqedwe ngukushisa komzimba, nayisifo esibuhlungu, ngibathumele amazinyo ezilwane, kanye nesihlungu sezikhasayo othulini. Ngaphandle inkemba iyakwaphuca, ingebhe phakathi emakamelweni: izinsizwa nezintombi, oncelayo kanye nempunga. Bengiyakuthi: “Ngiyakubaphephula, ngiqede inkumbulo yabo kubantu,” uma bengingesabi ukuncokoloza kwezitha, funa abamelene nabo baduke, funa bathi: “Isandla sethu siphakeme, uJehova akenzanga konke lokhu.” ’ “Ngokuba bayisizwe esimasu aso aphelile, akukho ukuqonda kubo. Sengathi nga behlakaniphile ukuba bakuqonde lokho, bazindle ngokugcina kwabo. Emunye angaxosha kanjani inkulungwane; ababili bangabhengula kanjani izinkulungwane eziyishumi, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebengabakhapheli, na? Ngokuba idwala labo alinjengeDwala lethu; nezitha zethu ziyakubona. Ngokuba umvini wabo ungumvini waseSodoma nowamasimu aseGomora; izithelo zabo ziyizithelo zenyongo, amahlukuzo abo amunyu; iwayini labo liyisihlungu sawodrako,* lingubuthi obesabekayo bamabululu. Lokho akubekelelwe kimina, kunamathelisiwe engcebeni yami na? Ngeyami impindiselo nembuyiselo ngesikhathi sokushelela konyawo lwabo, ngokuba usuku lwabo lwengozi selusondele, izinto abazilungiselweyo ziyakuphuthuma. “Ngokuba uJehova uyakubahlulela abantu bakhe, azihawukele izinceku zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, kungekho omunye ovalelweyo noma okhululekileyo. Uyakuthi: ‘Baphi onkulunkulu babo, idwala ababephephela kulo, ababedla amanoni emihlatshelo yabo, beliphuza iwayini lomnikelo wabo wokuphuzwa, na? Mabavuke, banisize, babe yisivikelo senu. “ ‘Bonani manje ukuthi mina, yebo, mina nginguye, akakho unkulunkulu ngaphandle kwami; mina ngiyabulala, besengiphilisa, ngilimazile, kepha ngiyakupholisa; akakho ongophula esandleni sami. Ngokuba ngiyaphakamisela isandla sami ezulwini, ngithi: Mina ngiyaphila kuze kube phakade: uma ngilola inkemba yami ebenyezelayo, nesandla sami sibambelela ekwahluleleni, ngiyakubuyisela impindiselo kwabamelene nami, ngibaphindisele abangizondayo.’ “Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi, inkemba yami idle inyama, ngegazi lababuleweyo nelabathunjwa, kuqala kuwo amakhanda abaholi bezitha. Yenanelani abantu bakhe nina zizwe, ngokuba uyakuphindisela igazi lezinceku zakhe, abuyisele impindiselo kwabamelene naye, enzele izwi lakhe nabantu bakhe ukubuyisana.”

UDuteronomi 32:1-43 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Yizwani nina mazulu, ngikhulume; futhi yizwa, mhlaba, amazwi omlomo wami. Ukufundisa kwami kuyakuconsa njengemvula, inkulumo yami iconse njengamazolo, njengemvula etshanini nanjengezihlambi etshanini. Ngokuba ngiyakumemezela igama likaJehova; mnikeni uNkulunkulu wethu ubukhulu. Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe ziwukulunga; uNkulunkulu weqiniso ongenabubi, ulungile, ulungile yena. Babonakalisile, ibala labo alisilo ibala labantwana bakhe; bayisizukulwane esibi nesiphambeneyo. Nimbuyisela kanje uJehova nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile na? Akusiye uyihlo okuthengileyo? Akanenzanga futhi wanimisa na? Khumbulani izinsuku zasendulo, nibheke iminyaka yezizukulwane ngezizukulwane; buza uyihlo, uzakukutshela; abadala bakho, futhi bayokutshela. Lapho oPhezukonke ehlukanisela izizwe ifa labo, lapho ehlukanisa abantwana bakwa-Adamu omunye nomunye, wamisa imingcele yabantu ngokwesibalo sabantwana bakwa-Israyeli. Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe; UJakobe uyisiphetho sefa lakhe. Wamfumana ezweni eliyihlane nasehlane eliklabalasayo; wamyisa nxazonke, wamyala, wamlondoloza njengenhlamvu yeso lakhe. Njengokhozi olunyakazisa isidleke salo, lundizela phezu kwamaphuphu alo, lwelule amaphiko alo, luwathathe, luwathwale ngamaphiko alo; Kanjalo uJehova yedwa wamqondisa, kwakungekho nkulunkulu wezizweni kanye naye. Wamkhwelisa ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba ukuba adle izithelo zensimu; wammunyisa uju lwedwala namafutha etsheni letshe; Ibhotela lezinkomo, nobisi lwezimvu, kanye namafutha amawundlu, nezinqama zohlanga lwaseBashani, nezimbuzi, kanye namanoni ezinso zikakolweni; waphuza igazi lamagilebhisi elicwengekileyo. Kodwa uJesuruni wakhuluphala wakhahlela; ukhuluphele, ukhuluphele, ukhuluphele; wayesemshiya uNkulunkulu owamenzayo, wadelela iDwala lensindiso yakhe. Bamvusela umhawu ngonkulunkulu bezizweni, bamcunula ngezinengiso. Bahlabela amadimoni, hatshi uNkulunkulu; konkulunkulu ababengabazi, konkulunkulu abasha abavukile, ababengabesabanga oyihlo. Edwaleni elakuzalayo, awunakucatshangwa, ukhohlwe uNkulunkulu owakuzalayo. UJehova ekubona lokho waba nengwa yibo ngenxa yokugconwa kwamadodana akhe namadodakazi akhe. Wathi: “Ngiyakubafihlela ubuso bami, ngibone ukuthi ukuphela kwabo kuyakuba yini; ngoba bayisizukulwane esibi kakhulu, abantwana abangenakholo kubo. Bangivusela umhawu ngokungesiye uNkulunkulu; bangiklolodele ngezinto zabo eziyize, futhi ngiyobenza babe nomhawu ngabangebona abantu; ngizabagcona ngesizwe esingelangqondo. Ngokuba umlilo uphekiwe entukuthelweni yami, ushise uze ufike endaweni yabafileyo, uqede umhlaba nezithelo zawo, uthungele izisekelo zezintaba. Ngizabuthela ububi phezu kwabo; ngiyakuchithela imicibisholo yami phezu kwabo. Bayakushiswa yindlala, baqedwe ukushisa okushisayo nencithakalo ebabayo; ngiyakubathumelela amazinyo ezilwane, kanye nesihlungu sezinyoka zothuli. Inkemba evela ngaphandle nokwesaba okuvela ngaphakathi kuyobhubhisa insizwa kanye nentombi, nosane kanye nendoda esempunga. Ngathi: Ngiyakubahlakazela emagumbini, ngiqede ukukhunjulwa kwabo phakathi kwabantu. Akukhona yini ukuthi ngesaba ulaka lwesitha, ukuthi izitha zabo zazingayikwenza isimangaliso, nokuthi zathi: ‘Isandla sethu siphakeme, futhi uJehova akenzanga konke lokhu. Ngokuba bayisizwe esingenangqondo, akukho ukuqonda kubo. O, ukube bebehlakaniphile, bakuqonde lokhu, bakuqaphele ukuphela kwabo; Inkulungwane iyakubaleka kanjani, nezinkulungwane ezimbili eziyishumi zingabaleka, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebavalile na? Ngokuba idwala labo alinjengeDwala lethu, nezitha zethu zingabahluleli. Ngokuba umvini wabo ungowomvini waseSodoma nowamasimu aseGomora; izithelo zomvini zabo ziyizithelo zenyongo, amahlukuzo abo ayababa; Iwayini labo liwubuthi bamakhanka nobuhlungu obunzima bamabululu. Akubekelwanga yini kimi, kwabekwa uphawu phakathi kwengcebo yami na? Impindiselo nokuphindisela kungokwami; unyawo lwabo luyokhubeka ngesikhathi esifanele, ngoba usuku lwenhlekelele yabo luseduze, futhi izinto ezibehlelayo ziyashesha. Ngoba uJehova uyokwahlulela abantu bakhe futhi azisole ngezinceku zakhe lapho ebona ukuthi amandla azo aphelile, futhi akekho oboshiwe noma osele. Futhi uyothi: Baphi onkulunkulu babo, idwala labo ababethembele kulo na? Ababedla amanoni emihlatshelo yabo, bephuza iwayini leminikelo yabo yokuphuzwa na? mawasukume akusize abe isivikelo sakho. Bhekani manje ukuthi ngiyilokhu nokuthi akakho unkulunkulu ngaphandle kwami. Ngiyabulala, ngiphilise; ngiyalimaza, ngipholise, akakho ongophula esandleni sami. Ngoba ngiphakamisela isandla sami ezulwini ngithi: Ngiphila kuze kube nininini. Lapho ngilola inkemba yami ebenyezelayo, nesandla sami sibambe ukwahlulela; ngiyakuziphindiselela ezitheni zami, ngiphindisele kwabangizondayo. Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi, inkemba yami idle inyama; futhi lokhu ngegazi lababuleweyo kanye neziboshwa, kusukela ekuqaleni kokuphindisela esitheni. Jabulani, O zizwe, kanye nabantu bakhe, ngokuba uyophindisela igazi lezinceku zakhe futhi aphindisele kwabamelene naye futhi abe nesihe ezweni lakhe nakubantu bakhe.