UDuteronomi 32

32
Ihubo lokuvalelisa kukaMose
1 “Bekani indlebe nina mazulu, ngiyakukhuluma;
umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.
2Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula,
inkulumo yami ichiche njengamazolo,
njengomkhizo ohlazeni,
nanjengezihlambi etshanini,
3 ngokuba ngiyakumemezela igama likaJehova:
mnikeni uNkulunkulu wethu ubukhulu.
4 “Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele,
ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga;
unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala;
ulungile, uqotho yena.
5 “Bonile kuye;
abasibo abantwana bakhe, kuyisici sabo;
bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.
6 UJehova nimvuza kanjalo
nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile na?
Akasiye uyihlo owakudala na?
Wakwenza, wakubumba.
7“Khumbula izinsuku zasendulo,
ubheke iminyaka yezizukulwane ngezizukulwane;
buza kuyihlo, uyakukulandisa,
nasemalungeni akho, akutshele.
8 Lapho oPhezukonke wazinika izizwe ifa lazo,
lapho wahlukanisa abantwana babantu,
wamisa imikhawulo yezizwe
njengokomumo wabantwana bakwa-Israyeli.
9 Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe;
uJakobe uyisiqephu sefa lakhe.
10“Wamfumana ezweni eliyihlane,
nasoqwatheni lomkhulungwane kwahlongasibi,
wamzungeza, wamnakekela,
wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.
11 Njengokhozi olunyakazisa isidleke salo,
lubhakuza phezu kwamazinyane alo,
wawelula amaphiko akhe, wabathatha,
wabathwala ngezimpaphe zakhe.
12UJehova yedwa wamhola,
akwabakho unkulunkulu wabezizwe naye.
13“Wamkhwelisa ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba,
wadla izithelo zamasimu,
wammuncisa izinyosi edwaleni,
namafutha eweni lensengetsha,
14namangqanga ezinkomo,
nobisi lwezimvu,
namafutha amawundlu,
nezinqama zohlobo lwaseBashani,
nezimbuzi,
namanoni omongo kakolweni;
egazini lezithelo zomvini waphuza iwayini.
15“UJeshuruni wayesekhuluphala,
wakhaba;
usukhuluphele, uzimukile,
uchachambile;
wayesemshiya uNkulunkulu owamenza,
walidelela iDwala lensindiso yakhe.
16Bamvusela umhawu ngawonkulunkulu babezizwe,
bamthukuthelisa ngezinengiso.
17 “Bahlabela amademoni angesibo onkulunkulu,
onkulunkulu ababengabazi,
onkulunkulu abasha,
abasand'ukuqhamuka,
ababengesatshwa ngoyihlo.
18IDwala elakuzalayo awusalinakekeli,
ukhohliwe uNkulunkulu owakudalayo.
19“UJehova wakubona,
wanengwa yibo,
ngenxa yokuncokoloza kwamadodana akhe
namadodakazi akhe.
20Wayesethi:
‘Ngiyakubafihlela ubuso bami,
ngibone ukugcina kwabo ukuthi kuyakuba yini;
ngokuba bayisizwe esiphambeneyo,
abantwana okungekho kubo ukukholwa.
21 Bangivusele umhawu ngokungesiye uNkulunkulu,
bangithukuthelisile ngamaze abo;
ngiyakubavusela umhawu ngabangesiso isizwe,
ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.
22 Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami;
uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi,
uqede umhlaba nezithelo zawo,
wokhele izisekelo zezintaba.
23“ ‘Ngiyakubanqwabelela izinhlupheko,
ngiqedele imicibisholo yami phezu kwabo.
24 Bayakuphela indlala,
baqedwe ngukushisa komzimba,
nayisifo esibuhlungu,
ngibathumele amazinyo ezilwane,
kanye nesihlungu sezikhasayo othulini.
25 Ngaphandle inkemba iyakwaphuca,
ingebhe phakathi emakamelweni:
izinsizwa nezintombi,
oncelayo kanye nempunga.
26Bengiyakuthi: “Ngiyakubaphephula,
ngiqede inkumbulo yabo kubantu,”
27 uma bengingesabi ukuncokoloza kwezitha,
funa abamelene nabo baduke,
funa bathi: “Isandla sethu siphakeme,
uJehova akenzanga konke lokhu.” ’
28“Ngokuba bayisizwe esimasu aso aphelile,
akukho ukuqonda kubo.
29Sengathi nga behlakaniphile
ukuba bakuqonde lokho,
bazindle ngokugcina kwabo.
30Emunye angaxosha kanjani inkulungwane;
ababili bangabhengula kanjani
izinkulungwane eziyishumi,
uma iDwala labo lingathengisanga ngabo,
uJehova ebengabakhapheli, na?
31Ngokuba idwala labo alinjengeDwala lethu;
nezitha zethu ziyakubona.
32 Ngokuba umvini wabo
ungumvini waseSodoma
nowamasimu aseGomora;
izithelo zabo ziyizithelo zenyongo,
amahlukuzo abo amunyu;
33iwayini labo liyisihlungu sawodrako,*
lingubuthi obesabekayo bamabululu.
34Lokho akubekelelwe kimina,
kunamathelisiwe engcebeni yami na?
35 Ngeyami impindiselo nembuyiselo
ngesikhathi sokushelela konyawo lwabo,
ngokuba usuku lwabo lwengozi selusondele,
izinto abazilungiselweyo ziyakuphuthuma.
36 “Ngokuba uJehova uyakubahlulela abantu bakhe,
azihawukele izinceku zakhe,
lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile,
kungekho omunye ovalelweyo noma okhululekileyo.
37Uyakuthi: ‘Baphi onkulunkulu babo,
idwala ababephephela kulo,
38 ababedla amanoni emihlatshelo yabo,
beliphuza iwayini
lomnikelo wabo wokuphuzwa, na?
Mabavuke, banisize,
babe yisivikelo senu.
39 “ ‘Bonani manje ukuthi mina,
yebo, mina nginguye,
akakho unkulunkulu ngaphandle kwami;
mina ngiyabulala, besengiphilisa,
ngilimazile, kepha ngiyakupholisa;
akakho ongophula esandleni sami.
40 Ngokuba ngiyaphakamisela isandla sami ezulwini,
ngithi: Mina ngiyaphila kuze kube phakade:
41uma ngilola inkemba yami ebenyezelayo,
nesandla sami sibambelela ekwahluleleni,
ngiyakubuyisela impindiselo kwabamelene nami,
ngibaphindisele abangizondayo.’
42“Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi,
inkemba yami idle inyama,
ngegazi lababuleweyo nelabathunjwa,
kuqala kuwo amakhanda abaholi bezitha.
43 Yenanelani abantu bakhe nina zizwe,
ngokuba uyakuphindisela igazi lezinceku zakhe,
abuyisele impindiselo kwabamelene naye,
enzele izwi lakhe nabantu bakhe ukubuyisana.”
44 UMose wafika wakhuluma onke amazwi aleli hubo ezindlebeni zabantu, yena noJoshuwa indodana kaNuni. 45UMose eseqedile ukukhuluma onke lawa mazwi kubo bonke abakwa-Israyeli 46 wathi kubo: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alo mthetho. 47 Ngokuba akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”
48UJehova wayesekhuluma kuMose ngalona lolo suku, ethi: 49 “Khuphukela entabeni yase-Abarimi, intaba yaseNebo esezweni lakwaMowabi, emalungana neJeriko, ulibheke izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli ukuba libe yifa labo, 50 ufele kuleyo ntaba okhuphukela kuyo, ubuthelwe kubantu bakini, njengalokho u-Aroni umfowenu wafela entabeni yaseHori, wabuthelwa kubantu bakubo, 51 ngokuba naphambuka kimi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ngasemanzini aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini, lokhu ningangingcwelisanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli. 52 Uyakulibona izwe phambi kwakho, kepha awuyikungena khona, izwe engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli.”

Okuqokiwe okwamanje:

UDuteronomi 32: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume