UDuteronomi 28:12-13
UDuteronomi 28:12-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“USimakade uyakukuvulela indlu yakhe yengcebo, izulu, anise imvula ezweni lakho ngesikhathi esifaneleyo, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho. Uyokwetsheleka izizwe eziningi, kodwa ungatsheleki lutho kuzo. USimakade uyakukwenza ube yinhloko, ungabi ngumsila; uyoba phezulu kuphela, ungabi phansi, uma ulalela imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho engikuyala ngayo namuhla futhi uyigcine, uyenze.
UDuteronomi 28:12-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“UJehova uyakukuvulela indlu yakhe yengcebo, izulu, anise imvula yezwe lakho ngesikhathi sayo, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho; uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo. UJehova uyakukwenza ube yinhloko, ungabi ngumsila; woba phezulu kuphela, ungabi ngaphansi, uma uyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho engikuyala ngayo namuhla ukuba uyigcine, uyenze
UDuteronomi 28:12-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova uyakuvula ingcebo yakhe enhle, izulu, ukuba anise imvula ezweni lakho ngesikhathi esifanele, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho; uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha wena awuyikuboleka. UJehova uyakukwenza ube yinhloko, ungabi ngumsila; futhi uyoba phezulu kuphela, futhi ngeke ube ngaphansi; uma niyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla ukuba niyigcine, niyenze