IDutheronomi 28

28
Izibusiso Neziqalekiso
1 “Kuyothi uma ulalela nokulalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho, uqikelele ukugcina yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla. USimakade uNkulunkulu wakho uyokuphakamisa phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba. 2Zonke lezi zibusiso ziyokwehlela kuwe, kube ngezakho, uma ulalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho.
3“Uyakubusiswa emzini, ubusiswe nasensimini.
4“Siyakubusiswa isithelo sesibeletho sakho, nesomhlaba wakho, nesemfuyo yakho, kwande amankonyane ezinkomo zakho namazinyane ezimvu zakho.
5“Kuyakubusiswa iqoma lakho, nomkhombe wakho wokuxovela isinkwa.
6 “Uyakubusiswa ekungeneni kwakho, ubusiswe nasekuphumeni kwakho.
7“USimakade uyozenza izitha ezikuvukelayo ukuba zehlulwe phambi kwakho, ziyakuza kuwe zivela ngasendaweni eyodwa, kodwa ziyakubaleka ngezindlela eziyisikhombisa.
8“USimakade uyakuyala isibusiso sibe phezu kwakho, ezinqolobaneni zakho nakukho konke okwenzayo, uyakukubusisa ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.
9 “USimakade uyakukumisa ube yisizwe esingcwele kuye njengoba afunga kuwe, uma ugcina imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho, uhamba ezindleleni zakhe. 10Bonke abantu bomhlaba bayakubona ukuthi ubizwe ngegama likaSimakade, bakwesabe. 11 USimakade uyakukwandisela okuhle: isithelo sesibeletho sakho, esemfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho ukukunika lona.
12 “USimakade uyakukuvulela indlu yakhe yengcebo, izulu, anise imvula ezweni lakho ngesikhathi esifaneleyo, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho. Uyokwetsheleka izizwe eziningi, kodwa ungatsheleki lutho kuzo. 13 USimakade uyakukwenza ube yinhloko, ungabi ngumsila; uyoba phezulu kuphela, ungabi phansi, uma ulalela imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho engikuyala ngayo namuhla futhi uyigcine, uyenze. 14 Ungaphambuki kuwo wonke amazwi engikuyala ngawo namuhla, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ulandele abanye onkulunkulu, ubakhonze.
Umphumela Wokungalaleli
15 “Kuyothi uma ungalaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho ukuba uqikelele ukugcina yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso ziyokwehlela, zikusibekele.
16 “Uyakuqalekiswa emzini, uqalekiswe nasensimini.
17 “Iqoma lakho liyakuqalekiswa, kuqalekiswe nomkhombe wakho wokuxovela isinkwa.
18 “Isithelo sesibeletho sakho, isithelo somhlabathi wakho, amankonyane ezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho, kuyakuqalekiswa.
19 “Uyakuqalekiswa ekungeneni kwakho, uqalekiswe nasekuphumeni kwakho.
20 “USimakade uyakwehlisela kuwe isiqalekiso, ukudideka nokusolwa, kukho konke oyokwenza, uze ubhujiswe, ushabalale ngokushesha, ngenxa yobubi bezenzo zakho, ngokuba ungishiyile. 21 USimakade uyakunamathelisa kuwe isifo, aze akubhubhise ezweni ongena kulo ukulidla. 22 USimakade uyokushaya ngalezi zifo: isifuba, umkhuhlane, ukushisa komzimba, imfiva, ukushisa okukhulu, isikhutha kanye nenkemba; kuyokuxosha uze ubhubhe uphele. 23Izulu lakho phezu kwekhanda lakho liyakuba yithusi, umhlaba ophansi kwakho ube yinsimbi. 24 USimakade uyoyenza imvula yezwe lakini ibe ngumsizi nothuli, uthuli oluvela ezulwini, lwehlele phezu kwakho, uze ubhujiswe.
25 “USimakade uyokwenza izitha zakho zikunqobe, uyakuzihlasela ngandlelanye; ubaleke ngezindlela eziyisikhombisa. Uyoba yinto eyesabisayo, kuyo yonke imibuso yomhlaba. 26 Isidumbu sakho siyakuba ngukudla kwazo zonke izinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; akuyukuba bikho oyoziphazamisa. 27 USimakade uyokushaya ngamathumba aseGibhithe, ngamaqhubu, ngomuna, nangotwayi, okungelapheki. 28 USimakade uyokushaya ngokuhlanya, ngobumpumputhe, nangokudideka komqondo. 29 Uyophuphutheka emini njengempumputhe iphuphutheka ebumnyameni. Awuyukuphumelela ezindleleni zakho, uyakucindezelwa kuphela, uphangwe; akuyukuba bikho muntu oyokuhlenga.
30 “Uyakuthembisana umendo nowesifazane, omunye amdlwengule alale naye; uyakukwakha indlu, ungahlali kuyo; uyakutshala isivini, ungazikhi izithelo zaso. 31Inkabi yakho iyakuhlatshwa uzibonela ngawakho amehlo, ungayidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa ebusweni bakho, ingabuyiselwa kuwe; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, akuyukuba bikho oyakukusindisa. 32 Amadodana akho namadodakazi akho ayakunikwa ezinye izizwe, ubuka ngamehlo akho, uyofisa ukuwasiza usuku lonke, kodwa isandla sakho singabi namandla okwenza utho. 33 Izithelo zomhlabathi wakho nawo wonke umphumela wokusebenza kwakho, kuyodliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe nsuku zonke. 34Uyakusanganiswa yilokho oyokubona ngamehlo akho. 35 USimakade uyokushaya ngamathumba amabi, ongenakuphulukiswa kuwo, kusukela emadolweni akho nasemilenzeni, ematheni onyawo lwakho kuze kube sokhakhayini lwekhanda lakho.
36 “USimakade uyokuyisa, wena nenkosi oyibeke phezu kwakho, esizweni wena nokhokho bakho eningasazi, niyokhonza lapho abanye onkulunkulu bokhuni nabamatshe. 37 Uyakuba yinto esabisayo, nesiga, nombhinqo phakathi kwezizwe zonke lapho uSimakade eyokunixoshela khona.
38 “Uyophuma nembewu eningi, uye ensimini, uvune okuyingcosana, ngokuba kuyodliwa yisikhonyane. 39 Uyotshala izivini, usebenze, kodwa awuyukuliphuza iwayini noma ubuthe isivuno sazo, ngokuba siyodliwa ngumswenya. 40 Uyakuba neminqumo ezifundeni zakho zonke, kodwa awuyukuzigcoba ngamafutha, ngokuba izithelo zeminqumo yakho ziyakuvuthuluka. 41 Uyakuzala amadodana namadodakazi, kodwa awayukuba ngawakho, ngokuba ayakuthunjwa. 42 Yonke imithi yakho nezithelo zomhlabathi wakho kuyodliwa yisikhonyane.
43 “Umfokazi ohlala phakathi kwenu uyodlondlobala kunawe, wena uye ngokuya wehla. 44 Uyakukuboleka wena, wena ungakwazi ukumboleka; yena uyakuba yinhloko, wena ube ngumsila.
45 “Zonke lezi ziqalekiso ziyokwehlela kuwe, zikulandele, zikukhungathe, uze ubhujiswe, ngokuba awulalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho, awuyigcinanga imiyalo yakhe nezimiso zakhe akuyala ngakho. 46Ziyokwehlela phezu kwakho nasozalweni lwakho zibe yisibonakaliso nesimangaliso kuze kube phakade, 47 ngokuba awumkhonzanga uSimakade uNkulunkulu wakho ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo, ngenxa yobuningi bezinto. 48 Uyozikhonza izitha zakho uSimakade ayozithumela kuwe ngokulamba, ngokoma, ngobunqunu, nangokweswela izinto zonke, uyobeka ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.
49 “USimakade uyothumela kuwe isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba, esihlwitha njengokhozi. Kuyoba yisizwe ongayukuluqonda ulimi lwaso, 50 isizwe esibuso baso bugcwele ulunya, esingenandaba nomuntu omdala, nesingenaluzwelo komusha. 51Siyokudla isithelo semfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, uze ubhujiswe, asiyukushiya okusanhlamvu, iwayini elisha, amafutha amasha, amankonyane, amazinyane ezimvu zakho, size sikushaye sikubhuqe. 52 Siyakukuvimbezela kuwo wonke amasango akho, zize ziwe izingange zakho ozethembayo ezweni lakho lonke, siyakukuvimbezela kuwo wonke amasango akho ezweni lakho lonke uSimakade uNkulunkulu wakho akunike lona.
53 “Uyakudla isithelo sesibeletho sakho, inyama yamadodana akho neyamadodakazi akho, uSimakade uNkulunkulu wakho akunike wona ekuvinjezelweni nasekuhlaselweni, izitha zakho eziyakukuhlasela ngakho. 54Umuntu onokulunga phakathi kwenu, iso lakhe liyakuba libi kumfowabo, kumkakhe amthandayo, nakuyo insali yabantwana bakhe. 55Akayukunika namunye inyama yabantwana bakhe ayobe eyidla, ngokuba kungekho naye okumsalele ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo wonke amasango akho. 56 Owesifazane ontekenteke, ozwelayo phakathi kwenu, othambe ngendlela yokuthi akakaze azame ngisho ukubeka amathe onyawo lwakhe emhlabathini, ngenxa yokuthamba nokutetema, uyakuyikluluza indoda yakhe ayithandayo, nendodana yakhe, nendodakazi yakhe, 57 umzanyana ophuma phakathi kwemilenze yakhe, nabantwana bakhe ayokubazala, ngokuba uyakubadla ngasese ngenxa yokuswela kwakhe lapho evinjezelwe, exinwe yizitha zakhe kuwo wonke amasango akho.
58“Uma ungaqapheli ukuwenza wonke amazwi alo mthetho alotshwe kule ncwadi ukuba ulesabe igama lakhe elidumisekayo nelesabekayo elithi USIMAKADE UNKULUNKULU WAKHO, 59uSimakade uyakwenza ubhubhane lwakho ukuba lumangalise, nobhubhane lozalo lwakho, ubhubhane olukhulu oluhlala isikhathi eside nesifo esinzima esihlala isikhathi eside. 60 Uyobuyisela kuwe zonke izifo zaseGibhithe owawuzesaba, zinamathele kuwe. 61 Konke ukugula nalo lonke ubhubhane okungalotshiwe encwadini yalo mthetho, lokho uSimakade uyakukuletha phezu kwakho, uze ubhujiswe. 62 Noma nanibaningi ngangezinkanyezi zezulu, niyakushiywa niyingcosana, ngokuba awulalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho. 63 Kuyothi njengalokhu uSimakade wayejabula ngani ukuba anenzele okuhle nokunenza nande, kanjalo uSimakade uyojabula ngani lapho esenibhubhisa, nishatshalaliswe, nidwengulwe ezweni eningena kulo ukuba nilidle.
64 “USimakade uyakukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye, uyokhonza lapho abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo, wena nokhokho bakho. 65 Awuyukukuthola ukuphumula phakathi kwalezo zizwe, akuyukuba bikho ukuphumula ematheni onyawo lwakho, kodwa uSimakade uyokunika inhliziyo egubhazelayo, namehlo anqundekayo, nokudangala komphefumulo. 66Uyohlalela ovalweni wesabe ubusuku nemini, ungabe usaba nethemba ngokuphila kwakho. 67Ekuseni uyothi: ‘Sengathi ngabe sekukusihlwa,’ nakusihlwa uthi: ‘Sengathi ngabe sekusile,’ ngenxa yengebhe eyakuba senhliziyweni yakho, nangenxa yalokho okubonwa ngamehlo akho. 68 USimakade uyakukubuyisela eGibhithe ngemikhumbi ngendlela engasho ngayo kuwe, ngathi: ‘Awusayukuphinda uyibone futhi.’ Lapho niyakuzithengisa ezitheni zenu nibe yizigqila nezigqilakazi; ningathengwa muntu.”

Okuqokiwe okwamanje:

IDutheronomi 28: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo