UDuteronomi 2:2-7
UDuteronomi 2:2-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“UJehova wakhuluma kimi, wathi: ‘Sekuyisikhathi niyizungeza le ntaba; phendukani, niye ngasenyakatho. Yala abantu ngokuthi: “Niyakudabula umkhawulo wabafowenu, abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri; bayakunesaba, kepha maniqaphele nokho, ningalwi nabo, ngokuba angiyikuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, lokhu ngimnikile u-Esawu intaba yaseSeyiri ibe yifa lakhe. Niyakuthenga kubo ukudla ngemali ukuba nidle, nithenge kubo futhi amanzi ngemali ukuba niphuze.” ’ “Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho; ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu; nakule minyaka engamashumi amane uJehova uNkulunkulu wakho waba nawe, awuswelanga lutho.
UDuteronomi 2:2-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wakhuluma kimi, wathi: Sekuyisikhathi eside niyizungeza le ntaba; jikelani enyakatho. Yala abantu, uthi: Niyakudabula umkhawulo wabafowenu, abantwana bakwa-Esawu, abahlala eSeyiri; bayakunesaba; khona-ke zinakekeleni. Ungagxambukeli kubo; ngokuba angiyikuninika okwezwe labo, ngisho nobubanzi bonyawo; ngoba intaba iSeyiri ngamnika uEsawu ibe yilifa. Kumelwe nithenge kubo inyama ngemali, ukuze nidle; futhi kumelwe uthenge kubo amanzi ngemali, ukuze uphuze. Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho; Uyakwazi ukuhamba kwakho kulolugwadule olukhulu; ngoba le minyaka engamashumi amane uJehova uNkulunkulu wakho wayenawe; entula lutho.
UDuteronomi 2:2-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“USimakade wathi kimi: ‘Sekwanele ukuba nilokhu nizungeza le ntaba; phendukani, nilibangise enyakatho. Yala abantu, uthi: “Niyodabula umngcele wabafowenu bozalo luka-Esawu abahlala eSeyiri. Bayonesaba, nokho anoqaphela, ningalwi nabo, ngokuba angiyukuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, ngokuba iSeyiri ngalinika u-Esawu ukuba libe yifa lakhe. Niyothenga kubo ngesiliva ukudla eniyokudla, namanzi eniyowaphuza, niwakhokhele isiliva.” ’ “USimakade uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho. Ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu, nakule minyaka engama-40, uSimakade uNkulunkulu wakho ube nawe, aweswelanga lutho.