UDuteronomi 1:29-35
UDuteronomi 1:29-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngase ngithi kini: ‘Ningabi naluvalo, ningabesabi. USimakade uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyonilwela, njengoba enza kini eGibhithe nibuka. Nasehlane, nibonile ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wanithwala njengendoda igqogqoshe indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’ “Noma kunjalo, nokho anikholwanga nguSimakade uNkulunkulu wenu, owayehamba phambi kwenu endleleni enifunela indawo yokuba nikanise kuyo. Ebusuku wayenibonisa ngomlilo indlela enizohamba ngayo, nangefu emini. “USimakade wezwa izwi enalikhuluma, wathukuthela, wafunga wathi: ‘Impela akukho namunye kulaba bantu balesi sizukulwane esibi oyolibona izwe elihle engafunga ukulinika okhokho babo
UDuteronomi 1:29-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngase ngithi kini: ‘Ningashaywa luvalo, ningabesabi. UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke anenzela khona eGibithe emehlweni enu, nasehlane lapho ubone khona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuthwala njengendoda ithwala indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’ “Noma kunjalo, anikholwanga nokho nguJehova uNkulunkulu wenu owahamba phambi kwenu endleleni ukunifunela indawo ukuba nimise kuyo amatende enu, ngomlilo ebusuku ukunibonisa indlela ebeniyakuhamba ngayo, nangefu emini. “UJehova wezwa izwi lokukhuluma kwenu, wathukuthela, wafunga wathi: ‘Impela akuyikubona noyedwa walaba bantu balesi sizukulwane esibi izwe elihle engafunga ukubanika lona oyihlo
UDuteronomi 1:29-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngase ngithi kini: Ningabesabi, ningabesabi. UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke akwenza kini phambi kwamehlo enu eGibithe; Ehlane, lapho wabona khona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuzala, njengalokho umuntu ezala indodana yakhe, endleleni yonke owahamba ngayo, naze nafika kule ndawo. Kodwa kule ndaba anikholwanga nguJehova uNkulunkulu wenu; owahamba phambi kwenu endleleni ukunifunela indawo yokumisa amatende enu, emlilweni ebusuku, ukuze anibonise indlela eniyakuhamba ngayo, nangefu emini. UJehova wezwa izwi lamazwi enu, wathukuthela, wafunga wathi: Impela akakho kulawa madoda alesi sizukulwane esibi oyobona lelo zwe elihle engafunga ukulinika oyihlo