UDaniyeli 5:1-14

UDaniyeli 5:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UBelishasari inkosi wenzela izinduna zakhe eziyinkulungwane idili, waphuza iwayini ngaphambi kwaleyo nkulungwane. UBelishasari esalinambitha iwayini wayaleza ukuba kulethwe izitsha zegolide nezesiliva, uNebukadinesari uyise ayezikhiphe ethempelini laseJerusalema, ukuba inkosi nezikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuze ngazo. Base beletha izitsha zegolide ezazikhishwe ethempelini lendlu kaNkulunkulu yaseJerusalema, inkosi, nezikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuza ngazo. Baphuza iwayini, batusa onkulunkulu begolide, nabesiliva, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe. Ngasona leso sikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu, yaloba maqondana nothi lwezibani kokunamekiweyo kodonga lwendlu yenkosi; inkosi yabona inxenye yesandla esalobayo. Kwase kuguquka ukucwebezela kwayo, nemicabango yayo yayesabisa, zaxhega izinyonga zokhalo lwayo, namadolo ayo ashayana. Inkosi yamemeza ngamandla ukuba kulethwe abathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBabele: “Ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okububende, abe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.” Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi, kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokwazisa inkosi incazelo. Khona inkosi uBelishasari yesaba kakhulu, nokucwebezela kwayo kwaguquka kuyo, nezinduna zayo zamangala. Ngenxa yamazwi enkosi nawezinduna zayo kwase kungena inkosikazi endlini yedili; inkosikazi yakhuluma yathi: “Mana njalo, nkosi; imicabango yakho mayingakwesabisi, kungaguquki ukucwebezela kwakho. Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ezinsukwini zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha njengokuhlakanipha kwawonkulunkulu; inkosi uNebukadinesari, uyihlo yambeka induna yezanusi, neyabathwebulayo, neyamaKaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo, ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo, nokwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, nokubonakalisa izimfumbe, nokuthukulula amafindo kuye uDaniyeli lowo inkosi eyambiza ngokuthi uBeliteshasari; kalokhu makabizwe uDaniyeli, uyakubonakalisa incazelo.” Khona uDaniyeli wangeniswa phambi kwenkosi. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Wena unguDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda, abalethwa yinkosi ubaba, bevela kwaJuda na? Ngizwile ngawe ukuthi umoya wawonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha okudluleleyo.

UDaniyeli 5:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UBhelishazari, inkosi, wenzela izinduna zakhe eziyinkulungwane idili elikhulu, waphuza iwayini phambi kwaleyo nkulungwane. Kwathi uBhelishazari esalinambitha iwayini wayeseyaleza ukuba kulethwe izitsha zegolide nezesiliva, lezo uNebukhadinezari, uyise, ayezithathe ethempelini eJerusalema, ukuba inkosi, izikhulu zayo, omkayo, nezancinza zayo baphuze ngazo. Base beziletha izitsha zegolide ezazithathwe ethempelini eliyindlu kaNkulunkulu, eJerusalema; inkosi, izikhulu zayo, omkayo, nezancinza zayo baphuza ngazo. Baphuza iwayini, badumisa onkulunkulu begolide, abesiliva, abethusi, abensimbi, abomuthi nabetshe. Ngaso leso sikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu, yaloba maqondana nothi lwezibani, emgudulweni wodonga lwesigodlo senkosi; inkosi yabona ingxenye yesandla esasiloba. Kwase kuhwaqabala ubuso bayo, imicabango yayo yayiyesabisa, kwaxega amanyonga okhalo lwayo, namadolo ayo ashayana. Inkosi yamemeza kakhulu ukuba kulethwe abathwebulayo, amaKhaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBhabhele: “Noma ngubani ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okubukhwebezane, afakwe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.” Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi, kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokuyazisa inkosi ngencazelo yawo. Khona lapho inkosi uBhelishazari yesaba kakhulu, kwahwaqabala ubuso bayo, nezinduna zayo zamangala. Ngenxa yamazwi enkosi nawezinduna zayo kwase kungena indlovukazi endlini yedili, yakhuluma yathi: “Mana njalo, nkosi; imicabango yakho mayingakwesabisi, kungaguquki ukucwebezela kwakho. Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wonkulunkulu abangcwele; okwathi ngezinsuku zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya, ukuqonda, nokuhlakanipha okufana nokuhlakanipha kwawonkulunkulu. Inkosi uNebukhadinezari, uyihlo, yambeka waba yinduna yezanusi, eyabathwebulayo, eyamaKhaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo, ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo, ukwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, ukudalula izimfumbe, nokuqaqa amafindo kukuye uDaniyeli, lowo inkosi eyambiza ngokuthi nguBhelitheshazari; manje makabizwe uDaniyeli, uyakuyisho incazelo.” Ngakho-ke uDaniyeli walethwa phambi kwenkosi. Inkosi yakhuluma, yathi kuye: “Wena unguDaniyeli ongomunye wabathunjwa bakwaJuda, abalethwa yinkosi ubaba, bevela kwaJuda na? Ngizwile ngawe ukuthi umoya wonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya, ukuqonda, nokuhlakanipha okwedluleleyo.

UDaniyeli 5:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Inkosi uBelishasari wenzela izikhulu zayo eziyinkulungwane idili elikhulu, waphuza iwayini phambi kwaleyo nkulungwane. UBelishasari, enambitha iwayini, wathi kulethwe izitsha zegolide nezesiliva uyise uNebukadinesari azithatha ethempelini laseJerusalema; ukuze inkosi nezikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuze kulo. Base beletha izitsha zegolide ezazithathwe ethempelini lendlu kaNkulunkulu eyayiseJerusalema; inkosi nezikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuza kuyo. Baphuza iwayini, batusa onkulunkulu begolide, nesiliva, nethusi, nensimbi, nezokhuni, namatshe. Ngaleso sikhathi kwaphuma iminwe esandleni somuntu yabhala phezu kothi lwesibani odongeni olunamekiwe lwendlu yenkosi, inkosi yabona ingxenye yesandla esibhalayo. Khona-ke ubuso benkosi bashintsha, futhi imicabango yayo yamethusa, kwaze kwaxebuka amalunga ezinkalweni zayo namadolo ayo ashayana. Inkosi yamemeza ngezwi elikhulu ukuba kulethwe ababhula ngezinkanyezi, namaKaledi, nabahlola imihlola; Inkosi yasikhuluma, yathi kwabahlakaniphileyo baseBhabhiloni: “Ofunda lo mbhalo, angazise incazelo yawo, agqokwe okubomvu, afakwe iketanga legolide entanyeni yakhe, abe ngowesithathu embusweni. Khona-ke bonke abahlakaniphileyo benkosi bangena, kodwa babengakwazi ukuwufunda umbhalo, futhi abazange babonise incazelo yawo enkosini. Inkosi uBelishasari yasikhathazeka kakhulu, ubuso bayo baguquka phakathi kwayo, lezikhulu zayo zamangala. Indlovukazi, ngenxa yamazwi enkosi nezikhulu zayo, yangena endlini yedili; indlovukazi yakhuluma yathi: O nkosi, phila phakade; Kukhona indoda embusweni wakho onomoya wawonkulunkulu abangcwele; nasemihleni kayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha njengokuhlakanipha konkulunkulu; owabeka inkosi, uyihlo uNebukadinesari, inkosi, ngithi uyihlo abe yinkosi yabathakathi, nabathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola; Ngokuba umoya omuhle kakhulu, nokwazi, nokuqondisisa, nokuchaza amaphupho, nokumemezela izahlulelo ezilukhuni, nokususa imibuzo kuDaniyeli lowo inkosi eyambiza uBeliteshasari; makukhulunywe ngaye uDaniyeli, aveze incazelo. Khona-ke uDaniyeli walethwa phambi kwenkosi. Inkosi yasikhuluma, yathi kuDaniyeli: Wena unguDaniyeli yini, ongomunye wabantwana bakwaJuda abadingisiwe, inkosi, ubaba, eyabahola iphuma ezweni lamaJuda na? Ngizwile ngawe ukuthi umoya wawonkulunkulu ukuwe, nokuthi ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha okudlulele kutholakala kuwe.