UDaniyeli 5:1-14

UDaniyeli 5:1-14 ZUL20

UBhelishazari, inkosi, wenzela izinduna zakhe eziyinkulungwane idili elikhulu, waphuza iwayini phambi kwaleyo nkulungwane. Kwathi uBhelishazari esalinambitha iwayini wayeseyaleza ukuba kulethwe izitsha zegolide nezesiliva, lezo uNebukhadinezari, uyise, ayezithathe ethempelini eJerusalema, ukuba inkosi, izikhulu zayo, omkayo, nezancinza zayo baphuze ngazo. Base beziletha izitsha zegolide ezazithathwe ethempelini eliyindlu kaNkulunkulu, eJerusalema; inkosi, izikhulu zayo, omkayo, nezancinza zayo baphuza ngazo. Baphuza iwayini, badumisa onkulunkulu begolide, abesiliva, abethusi, abensimbi, abomuthi nabetshe. Ngaso leso sikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu, yaloba maqondana nothi lwezibani, emgudulweni wodonga lwesigodlo senkosi; inkosi yabona ingxenye yesandla esasiloba. Kwase kuhwaqabala ubuso bayo, imicabango yayo yayiyesabisa, kwaxega amanyonga okhalo lwayo, namadolo ayo ashayana. Inkosi yamemeza kakhulu ukuba kulethwe abathwebulayo, amaKhaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBhabhele: “Noma ngubani ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okubukhwebezane, afakwe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.” Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi, kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokuyazisa inkosi ngencazelo yawo. Khona lapho inkosi uBhelishazari yesaba kakhulu, kwahwaqabala ubuso bayo, nezinduna zayo zamangala. Ngenxa yamazwi enkosi nawezinduna zayo kwase kungena indlovukazi endlini yedili, yakhuluma yathi: “Mana njalo, nkosi; imicabango yakho mayingakwesabisi, kungaguquki ukucwebezela kwakho. Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wonkulunkulu abangcwele; okwathi ngezinsuku zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya, ukuqonda, nokuhlakanipha okufana nokuhlakanipha kwawonkulunkulu. Inkosi uNebukhadinezari, uyihlo, yambeka waba yinduna yezanusi, eyabathwebulayo, eyamaKhaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo, ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo, ukwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, ukudalula izimfumbe, nokuqaqa amafindo kukuye uDaniyeli, lowo inkosi eyambiza ngokuthi nguBhelitheshazari; manje makabizwe uDaniyeli, uyakuyisho incazelo.” Ngakho-ke uDaniyeli walethwa phambi kwenkosi. Inkosi yakhuluma, yathi kuye: “Wena unguDaniyeli ongomunye wabathunjwa bakwaJuda, abalethwa yinkosi ubaba, bevela kwaJuda na? Ngizwile ngawe ukuthi umoya wonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya, ukuqonda, nokuhlakanipha okwedluleleyo.