UDaniyeli 10:11-14
UDaniyeli 10:11-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wathi kimi: “Daniyeli, wena muntu othandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume nokuma, ngokuba ngithunywe kuwe;” lapho esekhulumile leli lizwi kimi, ngema ngithuthumela. Wayesethi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ukuqonda nokuzithoba phambi kukaNkulunkulu wakho amazwi akho ezwakala; mina ngifikile ngenxa yamazwi akho. Kepha isikhulu sasembusweni wasePheresiya samelana nami izinsuku ezingama-21, kepha bheka, uMikhayeli, omunye wezikhulu zokuqala, weza wazongisiza, noma kade ngishiywe ngedwa khona namakhosi asePheresiya. Sengifikile ukuba ngikuqondise okuyakwehlela abantu bakho ngezinsuku ezizayo, ngokuba umbono usenezinsuku.”
UDaniyeli 10:11-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wathi kimi: “Daniyeli, wena muntu othandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume nokuma, ngokuba ngithunywe kuwe;” lapho esekhulumile leli zwi kimi, ngema ngithuthumela. Wayesethi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ukuqonda nokuzithoba phambi kukaNkulunkulu wakho amazwi akho ezwiwa; mina ngifikile ngenxa yamazwi akho. Kepha isikhulu sasembusweni wasePheresiya samelana nami izinsuku ezingamashumi amabili nanye, kepha bheka, uMikayeli, omunye wezikhulu zokuqala, weza ukungisiza, noma kade ngishiyiwe ngedwa khona namakhosi asePheresiya. Sengifikile ukuba ngikuqondise okuyakwehlela abantu bakho ngezinsuku ezizayo, ngokuba umbono usenezinsuku.”
UDaniyeli 10:11-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Yathi kimi: “Daniyeli, indoda ethandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume uqonde, ngokuba manje ngithunyiwe kuwe. Lapho ekhuluma leli zwi kimi, ngema ngithuthumela. Yayisithi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ekuqondeni nasekukujeziseni phambi kukaNkulunkulu wakho, amazwi akho ezwiwa, mina ngizele amazwi akho. Kepha umbusi wombuso wasePheresiya wamelana nami izinsuku ezingamashumi amabili nanye; kodwa bheka, uMikayeli, omunye wezikhulu, ufikile ukungisiza; ngahlala lapho namakhosi asePheresiya. Manje ngize ukuze ngikubonise okuzokwenzeka kubantu bakini ekupheleni kwezinsuku, ngoba nokho umbono ungowezinsuku eziningi.