UDaniyeli 10
10
Umbono KaDaniyeli Ngesikhulu SasePheresiya NesaseJavani
1 Ngonyaka wesithathu kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, uDaniyeli ogama lakhe labizwa ngokuthi uBhelitheshazari wambulelwa izwi; izwi laliqinisile, lalingukulwa okukhulu; waliqonda izwi, waqonda nombono.
2 Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila amasonto amathathu agcwele. 3Ngangingadli sinkwa sekhethelo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye, kwaze kwaphela amasonto amathathu.
4 Ngosuku lwama-24 lwenyanga yokuqala, ngiseceleni komfula omkhulu iHidekeli, 5 ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu embethe ilineni, ebhince okhalo igolide elicwengekileyo lase-Ufazi. 6Umzimba wakhe wawunjengekhrisolithe, nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubenyezela kwethusi eliphucuziweyo, nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.
7 Mina, Daniyeli, yimi ngedwa engawubona umbono, ngokuba abantu ababenami abawubonanga, kepha behlelwa ngukuthuthumela okukhulu, babaleka bayocasha. 8 Ngasala ngedwa; ngawubona lo mbono omkhulu, ngaphelelwa ngamandla, ngokuba ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angaba namandla. 9 Ngase ngizwa izwi lamazwi akhe; lapho ngizwa izwi lamazwi akhe, ngase ngilele ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi.
10Ngathintwa yisandla, sanginyakazisa ukuba ngigaqe ngamadolo ami nangezintende zezandla zami. 11 Wathi kimi: “Daniyeli, wena muntu othandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume nokuma, ngokuba ngithunywe kuwe;” lapho esekhulumile leli lizwi kimi, ngema ngithuthumela.
12 Wayesethi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ukuqonda nokuzithoba phambi kukaNkulunkulu wakho amazwi akho ezwakala; mina ngifikile ngenxa yamazwi akho. 13 Kepha isikhulu sasembusweni wasePheresiya samelana nami izinsuku ezingama-21, kepha bheka, uMikhayeli, omunye wezikhulu zokuqala, weza wazongisiza, noma kade ngishiywe ngedwa khona namakhosi asePheresiya. 14 Sengifikile ukuba ngikuqondise okuyakwehlela abantu bakho ngezinsuku ezizayo, ngokuba umbono usenezinsuku.”
15 Esewakhulumile kimi lawo mazwi, ngabhekisa ubuso bami phansi, ngathula. 16 Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi kowayemi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla. 17 Inceku enje yenkosi yami ingakhuluma kanjani nenkosi yami enje na? Ngokuba mina, khona lapho ngaphela amandla, nokuphefumula bekungasekho kimi.”
18 Wabuye wangithinta obonakala njengomuntu, wangiqinisa. 19 Wathi: “Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine.”
Lapho ekhuluma kimi, ngaqiniswa, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.”
20 Wayesethi kimi: “Uyazi ukuthi ngifikeleni kuwe na? Kepha manje ngiyakubuya ukuba ngilwe nesikhulu sasePheresiya; lapho sengisukile kuso, kuyofika isikhulu saseJavani. 21 Kepha ngiyakutshela okulotshwe embhalweni weqiniso. Akekho noyedwa ozihlanganisa nami ukulwa nalaba ngaphandle kukaMikhayeli, isikhulu senu.
Okuqokiwe okwamanje:
UDaniyeli 10: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.