UDaniyeli 10:1-6
UDaniyeli 10:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngonyaka wesithathu kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, uDaniyeli ogama lakhe labizwa ngokuthi uBhelitheshazari wambulelwa izwi; izwi laliqinisile, lalingukulwa okukhulu; waliqonda izwi, waqonda nombono. Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila amasonto amathathu agcwele. Ngangingadli sinkwa sekhethelo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye, kwaze kwaphela amasonto amathathu. Ngosuku lwama-24 lwenyanga yokuqala, ngiseceleni komfula omkhulu iHidekeli, ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu embethe ilineni, ebhince okhalo igolide elicwengekileyo lase-Ufazi. Umzimba wakhe wawunjengekhrisolithe, nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubenyezela kwethusi eliphucuziweyo, nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.
UDaniyeli 10:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngomnyaka wesithathu kaKoresi, inkosi yasePheresiya, uDaniyeli ogama lakhe labizwa ngokuthi uBeliteshasari wambulelwa izwi; izwi laliqinisile, lalingukulwa okukhulu; waliqonda izwi, waqonda nombono. Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila amasonto amathathu apheleleyo. Ngangingadli isinkwa esithandiweyo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye kwaze kwaphelela amasonto amathathu. Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yokuqala, ngiseceleni komfula omkhulu iHidekeli, ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu embethe ilineni, ebhince okhalweni igolide elicwengekileyo lase-Ufazi. Umzimba wakhe wawunjengekrisolithe,* nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubengezela kwethusi eliphucuziweyo, nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.
UDaniyeli 10:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngomnyaka wesithathu kaKoresi inkosi yasePheresiya kwembulelwa uDaniyeli ogama lakhe linguBeliteshasari; le ndaba yayiqinisile, kepha isikhathi esimisiwe sasiside; wayiqonda indaba, waqonda nombono. Ngalezo zinsuku mina Daniyeli ngalilela amasonto amathathu agcwele. Angidlanga sinkwa esihle, kwakungekho nyama nawayini emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye, kwaze kwaphela amasonto amathathu apheleleyo. Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yokuqala ngiseceleni komfula omkhulu oyiHidekeli; Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona, bheka, nanto indoda ethile eyembethe ilineni, ibhince okhalweni lwegolide elicolekileyo lase-Ufasi. Umzimba wakhe wawunjengoboya, nobuso bakhe bunjengokubonakala kombani, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengethusi elimibalabala, nomsindo wamazwi akhe njengezwi lesixuku.