KwabaseKolose 3:5-10
KwabaseKolose 3:5-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho bulalani amalungu enu asemhlabeni; ubufebe, ukungcola, inkanuko, inkanuko embi, lokuhaha, okuyikukhonza izithombe; Ngenxa yalezozinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli; enanike nahamba kuzo nani, nisahlezi kukho. Kepha manje nani lahlani zonke lezi; ulaka, nolaka, nenzondo, nokuhlambalaza, nokukhuluma amanyala emlonyeni wenu. Ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe; sembathe umuntu omusha, owenziwa musha ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo
KwabaseKolose 3:5-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni: ubufebe, ukungcola, ukuhuheka, inkanuko embi, umhobholo, nokukhonza izithombe, okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu kubantu bokungalaleli; ebeniphila kukho ngesikhathi nisahlezi kulezi zinto. Kepha manje lahlani konke lokhu: ulaka, ukuthukuthela, ububi, ukuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo ngemilomo yenu. Ningaqambi amanga omunye komunye, ngokuba senikhumule umuntu omdala nezenzo zakhe; nembethe omusha, owenziwa musha njalo ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo
KwabaseKolose 3:5-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe, okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu, ekade nihamba kukho nani, lapho nisahlezi kukho; kepha kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu; ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe, nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo
KwabaseKolose 3:5-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)