KwabaseKolose 3:5-10

KwabaseKolose 3:5-10 ZULUNT

Ngakho bulalani amalungu enu asemhlabeni; ubufebe, ukungcola, inkanuko, inkanuko embi, lokuhaha, okuyikukhonza izithombe; Ngenxa yalezozinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli; enanike nahamba kuzo nani, nisahlezi kukho. Kepha manje nani lahlani zonke lezi; ulaka, nolaka, nenzondo, nokuhlambalaza, nokukhuluma amanyala emlonyeni wenu. Ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe; sembathe umuntu omusha, owenziwa musha ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo