IzEnzo 18:1-3
IzEnzo 18:1-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Emva kwalokho wamuka e-Athene, wafika eKorinte. Wafumana khona umJuda othile ogama lakhe lingu-Akwila, wasePontu ngokuzalwa, owayesanda kufika ephuma e-Italiya, enoPrisila umkakhe, ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda bamuke eRoma; weza kubo; lokhu wayemsebenzi munye nabo, wahlala nabo, basebenza. Ngokuba umsebenzi wabo kwakungukuthunga amatende.
IzEnzo 18:1-3 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Emva kwalokho uPawulu wamuka e-Athene, wafika eKorinte; Wafumana umJuda othile ogama lakhe lingu-Akwila, owazalelwa ePhontu, esanda kufika evela e-Italiya, noPrisila umkakhe; (ngokuba uKlawudiyu wayeyalile ukuba bonke abaJuda bamuke eRoma) weza kubo. Njengokuba yena engowomsebenzi ofanayo, wahlala nabo esebenza, ngokuba umsebenzi wabo babengabathungi bamatende.
IzEnzo 18:1-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Emveni kwalokho, uPawula wasuka e-Athene waya eKhorinte. Wafumana lapho umJuda othile, ogama lakhe ngu-Akhwila odabuka ePhontu, owayesanda kufika evela e-Ithaliya, nomkakhe uPhrisila, ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda baphume baphele eRoma; naye-ke weza kubona. Ngokuba wayenza umsebenzi ofanayo nowabo, wahlala nabo, basebenza, ngokuba umsebenzi wabo kwakungukuthunga amathende.
IzEnzo 18:1-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)