IzEnzo 16:11-15
IzEnzo 16:11-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho sasuka eTrowa ngomkhumbi, saqonda eSamotraki, ngangomuso safika eNeyapholi; Sisuka lapho saya eFiliphi, umuzi oyinhloko yesifunda saseMakedoniya, uyikoloni; sahlala izinsuku ezithile kulowo muzi. Kwathi ngesabatha saphumela ngaphandle komuzi ngasemfuleni, lapho okwakumelwe ukukhuleka khona; sahlala phansi, sakhuluma kwabesifazane ababebuthene khona. Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya, engumthengisi wezibubende, womuzi waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, wasizwa, onhliziyo yakhe iNkosi yayivula ukuba alalele okwakhulunywa nguPawulu. Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe, wasincenga, wathi: “Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona. Futhi wasicindezela.
IzEnzo 16:11-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Sasuka eThrowa ngomkhumbi, saqonda eSamothrake, kwathi ngakusasa safika eNeyapholi. Sasuka lapho saya eFiliphi, elingumuzi ovelele esifundeni saseMakhedoniya, ikoloni. Sahlala kulo muzi izinsuku ezithile. Ngosuku lweSabatha, saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho esasifuna kube yindawo yokukhuleka. Sesihleli phansi, sakhuluma nabesifazane ababebuthene lapho. Owesifazane othile, ogama lakhe linguLidiya, wasemzini waseThiyathira, othengisa ezibukhwebezane, okhonza uNkulunkulu, walalela. INkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba alalelisise lokho okwakukhulunywa nguPawula. Kuthe esebhabhadisiwe nabendlu yakhe, wasincenga wathi: “Uma nithi ngethembekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona.” Wasehlula.
IzEnzo 16:11-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona samuka eTrowa ngomkhumbi, saqonda eSamotrake, ngangomuso safika eNeyapholi. Sisuka lapho saya eFilipi elingumuzi oyikhanda lesifunda saseMakedoniya, ikoloni.* Kulowo muzi sahlala izinsuku ezithile. Ngosuku lwesabatha saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho sathi babevama ukukhuleka khona; sahlala phansi, sakhuluma kubo abesifazane ababebuthene. Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya, engumthengisi wezibubende, wasemzini waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, walalela, iNkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba aqaphele okwakhulunywa nguPawulu. Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe, wasincenga wathi: “Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona;” wasicindezela.
IzEnzo 16:11-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)