IzEnzo 11:19-30
IzEnzo 11:19-30 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Labo abahlakazekile ngokushushiswa okwavela ngoStefanu badabula baze bafika eFenike, naseKhupro, nase-Antiyokiya, bengalishumayeli izwi kubaJuda kuphela. Abanye kubo kwakungamadoda aseKhupro naseKhurene, abathi sebefikile e-Antiyokiya, bakhuluma kumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu. Isandla seNkosi sasinabo, kwakholwa isixuku esikhulu saphendukela eNkosini. Izindaba ezinjalo zezwakala ezindlebeni zebandla laseJerusalema, bathuma uBarnabasi ukuba ahambe aze afike e-Antiyokiya. Owathi efika, esewubonile umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabakhuthaza bonke ukuthi banamathele eNkosini ngokuzimisela kwenhliziyo. Ngokuba wayeyindoda enhle, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi. UBarnabasi wasesuka waya eTarsu ukuyadinga uSawuli; Esemtholile wamyisa e-Antiyokiya. Kwasekusithi umnyaka wonke babuthana ebandleni, bafundisa abantu abanengi. Futhi abafundi baqala ukubizwa ngokuthi amaKristu e-Antiyokiya. Ngalezo zinsuku kwafika abaprofethi bevela eJerusalema, beza e-Antiyokiya. Kwasekusukuma omunye wabo obizo lakhe lingu-Agabu, watshengisa ngoMoya ukuthi kuzakuba khona indlala enkulu emhlabeni wonke; Khona abafundi bazimisela, kwaba yilowo nalowo njengamandla akhe, ukuthumela usizo kubazalwane abakhileyo eJudiya. Bakwenza-ke lokho, bakuthumela emalungeni ngesandla sikaBarnaba noSawulu.
IzEnzo 11:19-30 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Labo abahlakazekile ngokushushiswa okwavela ngoStefanu badabula baze bafika eFenike, naseKhupro, nase-Antiyokiya, bengalishumayeli izwi kubaJuda kuphela. Abanye kubo kwakungamadoda aseKhupro naseKhurene, abathi sebefikile e-Antiyokiya, bakhuluma kumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu. Isandla seNkosi sasinabo, kwakholwa isixuku esikhulu saphendukela eNkosini. Izindaba ezinjalo zezwakala ezindlebeni zebandla laseJerusalema, bathuma uBarnabasi ukuba ahambe aze afike e-Antiyokiya. owathi efika, esewubonile umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabakhuthaza bonke ukuthi banamathele eNkosini ngokuzimisela kwenhliziyo. Ngokuba wayeyindoda enhle, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi. UBarnabasi wasesuka waya eTarsu ukuyadinga uSawuli; Esemtholile wamyisa e-Antiyokiya. Kwasekusithi umnyaka wonke babuthana ebandleni, bafundisa abantu abanengi. Futhi abafundi baqala ukubizwa ngokuthi amaKristu e-Antiyokiya. Ngalezo zinsuku kwafika abaprofethi bevela eJerusalema, beza e-Antiyokiya. Kwasekusukuma omunye wabo obizo lakhe lingu-Agabu, watshengisa ngoMoya ukuthi kuzakuba khona indlala enkulu emhlabeni wonke; Khona abafundi bazimisela, kwaba yilowo nalowo njengamandla akhe, ukuthumela usizo kubazalwane abakhileyo eJudiya. Bakwenza-ke lokho, bakuthumela emalungeni ngesandla sikaBarnaba noSawulu.
IzEnzo 11:19-30 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha labo ababehlakazekile ngenxa yokuhlushwa okwaqala ngoStefani, bahamba baze bayofika eFenikhe, eKhuphro, nase-Antiyokhiya, bengakhulumanga zwi nakoyedwa, ngaphandle kwabaJuda. Kepha abanye kubo, amadoda ayevela eKhuphro naseKhurene, kwathi ukuba bafike e-Antiyokhiya, bakhuluma nakumaGriki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu. Isandla seNkosi sasinabo, abantu abaningi kakhulu bakholwa, baphendukela eNkosini. Umbiko ngabo wafinyelela ezindlebeni zebandla laseJerusalema, lathumela uBharnabha ukuba aye e-Antiyokhiya. Esefikile, wabona umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabagqugquzela bonke ukuba bazinikele ngenhliziyo, banamathele eNkosini. Wayeyindoda elungile, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi. UBharnabha wayesedlulela eTharsu eyofuna uSawula. Kwathi ukuba amfumane, wamyisa e-Antiyokhiya. Kwenzeka ukuba bahlanganyele ebandleni isikhathi esiwunyaka, befundisa abantu abaningi. Kwaqala-ke e-Antiyokhiya ukuba abafundi kuthiwe ngamaKhristu. Ngalezo zinsuku abaphrofethi behlela e-Antiyokhiya bevela eJerusalema. Kwase kusukuma omunye wabo, ogama lakhe kungu-Agabhu, wabikezela ngoMoya ukuthi kuzakubhoka indlala enkulu ezweni lonke, lokho okwenzeka ngesikhathi sikaKlawudiyu. Abafundi bazimisela ukuba kube yilowo nalowo ngangamandla akhe, bathumele okokusiza abazalwane eJudiya. Bonke bakwenza, bakuthumela emalungeni ngesandla sikaBharnabha noSawula.
IzEnzo 11:19-30 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha labo ababehlakazekile ngokuhlupheka okwaqala ngoStefanu bahamba, baze bafika eFenike, naseKhupro, nase-Antiyokiya, bengalikhulumi izwi koyedwa, kubaJuda kuphela. Kodwa kwakukhona abanye kubo, amadoda aseKhupro naseKhurene, abathi befika e-Antiyokiya, bakhuluma nakumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu. Isandla seNkosi sasinabo; kwakholwa abaningi kakhulu, baphendukela eNkosini. Kepha kwezwakala izwi ngabo ezindlebeni zebandla laseJerusalema; lase lithuma uBarnaba ukuba ahambe afike e-Antiyokiya; wathi ukuba afike, abone umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo. Ngokuba wayeyindoda enhle, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi. UBarnaba wayeseya eTarsu ukuba afune uSawulu; kwathi esemfumene, wamyisa e-Antiyokiya. Kwase kwenzeka ukuba umnyaka wonke bahlangane ebandleni, befundisa abantu abaningi. Kwaqala e-Antiyokiya ukuba abafundi bathiwe amaKristu. Ngalezo zinsuku kwehlela e-Antiyokiya abaprofethi bevela eJerusalema. Kwasukuma omunye kubo ogama lakhe lingu-Agabu, wakhomba ngoMoya ukuthi kuzakuba khona indlala enzima ezweni lonke; yaba khona emihleni kaKlawudiyu. Abafundi base bezimisela ukuba yilowo nalowo kubo athumele njengamandla akhe okokusiza abazalwane abakhe eJudiya. Bakwenza-ke, bakuthumela emalungeni ngesandla sikaBarnaba noSawulu.