IZenzo 11

11
UPhethro Ulanda Indaba KaKhorneliyu EJerusalema
1Abaphostoli nabazalwane baseJudiya bezwa ukuthi nabezizwe balemukele izwi likaNkulunkulu. 2Kepha kuthe ukuba uPhethro enyukele eJerusalema, abasokileyo baphikisana naye, 3bathi: “Ungene emzini wabantu abangasokile, wadla nabo!”
4Kepha uPhethro waqala wabalandisa konke ukusuka nokuhlala, wathi: 5 “Bengisemzini eJopha, ngikhuleka; ngafikelwa yisiyezi, ngabona umbono, kwehla isitsha esithile sinjengendwangu enkulu, sehliswa ezulwini ngamachopho amane, saze safika kimi. 6Ngasibhekisisa, ngasigqolozela, ngabona izilwane zomhlaba ezinezinyawo ezine, izilo zasendle, nezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu. 7Ngezwa izwi lithi kimi: ‘Sukuma, Phethro; hlaba, udle.’
8“Kepha ngathi: ‘Qha, Nkosi, ngokuba okuyichilo nokungcolileyo akukaze kungene emlonyeni wami.’
9“Nokho izwi elivela ezulwini laphendula ngokwesibili, lathi: ‘Ungasho ukuthi kungcolile lokho uNkulunkulu akuhlambululileyo.’
10“Lokho-ke kwenzeka kwaze kwaba kathathu, konke kwabuye kwenyuselwa ezulwini.
11“Ngaso leso sikhathi kwema amadoda amathathu phambi kwendlu esasikuyo, ethunywe kimi, evela eKhesariya. 12UMoya wayesethi kimi angihambe nawo ngingangabazi ngalutho. Bangiphelezela laba bazalwane abayisithupha, saze sayongena endlini yaleyo ndoda. 13 Yasibikela ukuthi yayibone ingelosi imi endlini yayo, ithi: ‘Thumela eJopha, ulande uSimoni okuthiwa nguPhethro, 14uzakukutshela amazwi ozakusindiswa ngawo, wena nabo bonke abendlu yakho.’
15“Ngathi ngisaqala ukukhuluma, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo njengalokhu kwenzeka nakithina ekuqaleni. 16 Ngase ngilikhumbula izwi iNkosi eyalikhuluma, ithi: ‘UJohane wayebhabhadisa ngamanzi, kodwa nina nizakubabhabhadisa ngoMoya oNgcwele.’
17“Ngakho-ke uma uNkulunkulu ebanikile isipho njengathi esakholwa yiNkosi uJesu uKhristu, pho ngingubani ukuba ngivimbe uNkulunkulu na?”
18 Sebekuzwile lokho, bathula du, badumisa uNkulunkulu, bethi: “Impela uNkulunkulu ubanikile nabezizwe ukuphendukela ekuphileni.”
Ibandla Lase-Antiyokhiya Libizwa NgamaKhristu
19 Kepha labo ababehlakazekile ngenxa yokuhlushwa okwaqala ngoStefani, bahamba baze bayofika eFenikhe, eKhuphro, nase-Antiyokhiya, bengakhulumanga zwi nakoyedwa, ngaphandle kwabaJuda. 20Kepha abanye kubo, amadoda ayevela eKhuphro naseKhurene, kwathi ukuba bafike e-Antiyokhiya, bakhuluma nakumaGriki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu. 21Isandla seNkosi sasinabo, abantu abaningi kakhulu bakholwa, baphendukela eNkosini.
22 Umbiko ngabo wafinyelela ezindlebeni zebandla laseJerusalema, lathumela uBharnabha ukuba aye e-Antiyokhiya. 23Esefikile, wabona umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabagqugquzela bonke ukuba bazinikele ngenhliziyo, banamathele eNkosini. 24Wayeyindoda elungile, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.
25 UBharnabha wayesedlulela eTharsu eyofuna uSawula. 26Kwathi ukuba amfumane, wamyisa e-Antiyokhiya. Kwenzeka ukuba bahlanganyele ebandleni isikhathi esiwunyaka, befundisa abantu abaningi. Kwaqala-ke e-Antiyokhiya ukuba abafundi kuthiwe ngamaKhristu.
AmaKhristu Athumela Izipho Kubazalwane BaseJudiya
27 Ngalezo zinsuku abaphrofethi behlela e-Antiyokhiya bevela eJerusalema. 28 Kwase kusukuma omunye wabo, ogama lakhe kungu-Agabhu, wabikezela ngoMoya ukuthi kuzakubhoka indlala enkulu ezweni lonke, lokho okwenzeka ngesikhathi sikaKlawudiyu. 29 Abafundi bazimisela ukuba kube yilowo nalowo ngangamandla akhe, bathumele okokusiza abazalwane eJudiya. 30 Bonke bakwenza, bakuthumela emalungeni ngesandla sikaBharnabha noSawula.

Okuqokiwe okwamanje:

IZenzo 11: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo