IzEnzo 1:15-26
IzEnzo 1:15-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngaleyo mihla uPetru wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasikhona ndawonye kwakungathi ikhulu namashumi amabili, wathi: “Madoda, bazalwane, kwakumelwe ukuba kugcwaliseke umbhalo uMoya oNgcwele awukhulumayo ngaphambili ngomlomo kaDavide ngoJuda owayengumholi kulabo ababamba uJesu, ngokuba wayebalwe kanye nathi, wathola isabelo kule nkonzo.” Lowo-ke wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waqhuma phakathi, nezibilini zakhe zonke zachitheka; kwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema, yaze yaqanjwa leyo nsimu ngolimi lwakubo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu Yegazi. Ngokuba kulotshiwe eNcwadini yamaHubo ukuthi: “Umuzi wakhe mawube yihlane, kungabikho ohlala kuwo,” nokuthi: “Isikhundla sakhe asithathwe ngomunye.” “Ngakho kulawo madoda ayehamba nathi isikhathi sonke, lapho iNkosi uJesu ingena, iphuma phakathi kwethu, kuqalela embhapathizweni kaJohane kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo kithi, kumelwe ukuba enye kuwo ibe ngufakazi kanye nathi ngokuvuka kwakhe.” Base bemisa ababili, uJosefa othiwa uBarsaba, othiwa futhi uJustu, kanye noMathiya. Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, ake ukhombe omunye kulaba ababili omkhethileyo ukuba athathe isikhundla sale nkonzo nobuphostoli aphambuka kuso uJuda ukuya endaweni yakhe.” Base bebenzela inkatho; yadla uMathiya; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.
IzEnzo 1:15-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngalezo zinsuku uPetru wasukuma phakathi kwabafundi, (isibalo samagama ndawonye sasingaba yikhulu namashumi amabili). Madoda, bazalwane, kwakumele ukuba kugcwaliseke lombhalo uMoya oNgcwele owakhuluma ngaphambili ngomlomo kaDavida ngoJudasi owayengumkhokheli walabo abambamba uJesu. Ngokuba wayebalwa nathi, wazuza ingxenye yalo msebenzi. Lomuntu wathenga insimu ngomvuzo wokungalungi; wawa ngekhanda, wagqabuka phakathi, kwagobhoza amathumbu akhe onke. Kwakwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema; kuze kuthi leyo nsimu ngolimi lwabo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu yegazi. Ngokuba kulotshiwe encwadini yamaHubo ukuthi: “Umuzi wakhe mawube yincithakalo, kungahlali muntu kuwo; Ngakho-ke kulawo madoda abehamba nathi isikhathi sonke lapho iNkosi uJesu ingena iphuma phakathi kwethu, kusukela ekubhapathizweni kukaJohane kuze kube lusuku akhushulwa ngalo kithina, kufanele ukuthi kube khona omunye abe ngufakazi kanye nathi wokuvuka kwakhe. Base bemisa ababili, uJosefa othiwa uBarsaba, othiwa futhi nguJustusi, noMathiya. Basebekhuleka bathi: Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, tshengisa ukuthi kulaba ababili omkhethileyo. Ukuze athathe ingxenye yalenkonzo lobupostoli, uJudasi aphambuka kukho, ukuze aye endaweni yakhe. Basebebenzela inkatho; inkatho yadla uMathiyasi; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.
IzEnzo 1:15-26 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngalezo zinsuku uPetru wasukuma phakathi kwabafundi, (isibalo samagama ndawonye sasingaba yikhulu namashumi amabili). Madoda, bazalwane, kwakumele ukuba kugcwaliseke lombhalo uMoya oNgcwele owakhuluma ngaphambili ngomlomo kaDavida ngoJudasi owayengumkhokheli walabo abambamba uJesu. Ngokuba wayebalwa nathi, wazuza ingxenye yalo msebenzi. Lomuntu wathenga insimu ngomvuzo wokungalungi; wawa ngekhanda, wagqabuka phakathi, kwagobhoza amathumbu akhe onke. Kwakwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema; kuze kuthi leyo nsimu ngolimi lwabo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu yegazi. Ngokuba kulotshiwe encwadini yamaHubo ukuthi: “Umuzi wakhe mawube yincithakalo, kungahlali muntu kuwo; Ngakho-ke kulawo madoda abehamba nathi isikhathi sonke lapho iNkosi uJesu ingena iphuma phakathi kwethu, kusukela ekubhapathizweni kukaJohane kuze kube lusuku akhushulwa ngalo kithina, kufanele ukuthi kube khona omunye abe ngufakazi kanye nathi wokuvuka kwakhe. Base bemisa ababili, uJosefa othiwa uBarsaba, othiwa futhi nguJustusi, noMathiya. Basebekhuleka bathi: Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, tshengisa ukuthi kulaba ababili omkhethileyo. ukuze athathe ingxenye yalenkonzo lobupostoli, uJudasi aphambuka kukho, ukuze aye endaweni yakhe. Basebebenzela inkatho; inkatho yadla uMathiyasi; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.
IzEnzo 1:15-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngaleyo mihla, uPhethro wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasibuthene lapho kwakungathi yi-120, wathi: “Madoda, bazalwane, kwakumele ukuba ugcwaliseke umbhalo, uMoya oNgcwele awukhuluma phambilini ngomlomo kaDavide ngoJuda owayengumholi walabo ababamba uJesu, ngokuba wayebalwe kanye nathi, futhi enesabelo kule nkonzo.” Ngakho-ke lowo wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waphahlazeka, kwachitheka nezibilini zakhe zaphumela ngaphandle. Lokho kwaziwa yibo bonke abakhe eJerusalema, yaze leyo nsimu yaqanjwa igama ngolimi lwakubo, kwathiwa i-Akheldama, okusho ukuthi iNsimu Yegazi. Ngokuba kulotshiwe encwadini yaMahubo ukuthi: “Umuzi wakhe mawube yihlane, kungahlali muntu kuwo,” nokuthi: “Isikhundla sakhe masithathwe ngomunye.” “Ngakho-ke kubalulekile ukuba kula madoda ayehamba nathi isikhathi sonke, lapho iNkosi uJesu ingena iphuma phakathi kwethu, kusukela embhabhadisweni kaJohane kuze kube wusuku akhushulwa ngalo kithi, enye yawo ibe ngufakazi kanye nathi, wokuvuka kwakhe.” Base baphakamisa ababili, uJosefa okuthiwa nguBharisabha, owayebizwa futhi ngokuthi nguJustu kanye noMathiyase. Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, wazi izinhliziyo zabantu bonke, sikhombise ukuthi ngubani omkhethileyo kulaba ababili, ukuba athathe indawo kulo msebenzi nobuphostoli obulaxazwe nguJuda, waya endaweni yakhe.” Base bebenzela unkatho, lwadla uMathiyase; wayesebalwa kanye nabaphostoli abali-11.