IzEnzo 1

1
IzEnzo 1
1Umlando wokuqala ngawenza, Theyofilu, ngakho konke uJesu aqala ukukwenza nokukufundisa,
2kwaze kwafika usuku akhushulwa ngalo, esebalayile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile;
3azibonakalisa kubo ephila emva kokuhlupheka kwakhe ngobufakazi obuningi obungenaphutha, ebonwa yibo izinsuku ezingamashumi amane, ekhuluma izinto eziphathelene nombuso kaNkulunkulu;
4Kwathi esebuthene labo, wabalaya ukuthi bangasuki eJerusalema, kodwa balindele isithembiso sikaBaba, elasizwa ngami.
5Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi; kodwa lina lizabhabhathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli insuku ezinengi.
6Sebebuthene bambuza, bathi: “Nkosi, uyawubuyisela ngalesi sikhathi umbuso ku-Israyeli na?
7Wathi kubo: “Akusikhona okwenu ukwazi izikhathi nezinkathi uBaba azimise ngamandla akhe.
8Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.
9Esetshilo lezizinto, bekhangele wakhutshulwa; ifu lamsusa emehlweni abo.
10Kwathi besagqolozele ezulwini enyuka, bheka, amadoda amabili emi ngakubo embethe izingubo ezimhlophe;
11Athi futhi: Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, onyuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo njengalokho nimbonile eya ezulwini.
12Base bebuyela eJerusalema bevela entabeni ethiwa Yeminqumo, esuka eJerusalema, ibanga lohambo lwesabatha.
13Sebengenile bakhuphukela ekamelweni eliphezulu, lapho kwakuhlala khona oPetru, noJakobe, noJohane, no-Andreya, noFiliphu, noTomase, noBartolomewu, noMathewu, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni Zelote, uJuda umfowabo kaJakobe.
14Labo bonke baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni nasekunxuseni, kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.
15Ngalezo zinsuku uPetru wasukuma phakathi kwabafundi, (isibalo samagama ndawonye sasingaba yikhulu namashumi amabili).
16Madoda, bazalwane, kwakumele ukuba kugcwaliseke lombhalo uMoya oNgcwele owakhuluma ngaphambili ngomlomo kaDavida ngoJudasi owayengumkhokheli walabo abambamba uJesu.
17Ngokuba wayebalwa nathi, wazuza ingxenye yalo msebenzi.
18Lomuntu wathenga insimu ngomvuzo wokungalungi; wawa ngekhanda, wagqabuka phakathi, kwagobhoza amathumbu akhe onke.
19Kwakwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema; kuze kuthi leyo nsimu ngolimi lwabo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu yegazi.
20Ngokuba kulotshiwe encwadini yamaHubo ukuthi: “Umuzi wakhe mawube yincithakalo, kungahlali muntu kuwo;
21Ngakho-ke kulawo madoda abehamba nathi isikhathi sonke lapho iNkosi uJesu ingena iphuma phakathi kwethu,
22kusukela ekubhapathizweni kukaJohane kuze kube lusuku akhushulwa ngalo kithina, kufanele ukuthi kube khona omunye abe ngufakazi kanye nathi wokuvuka kwakhe.
23Base bemisa ababili, uJosefa othiwa uBarsaba, othiwa futhi nguJustusi, noMathiya.
24Basebekhuleka bathi: Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, tshengisa ukuthi kulaba ababili omkhethileyo.
25ukuze athathe ingxenye yalenkonzo lobupostoli, uJudasi aphambuka kukho, ukuze aye endaweni yakhe.
26Basebebenzela inkatho; inkatho yadla uMathiyasi; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.

Okuqokiwe okwamanje:

IzEnzo 1: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo