IzEnzo 1:1-26

IzEnzo 1:1-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Incwadi yokuqala ngayiloba, Theyofilu, ngakho konke uJesu aqala ukukwenza nokukufundisa, kwaze kwaba wusuku akhushulwa ngalo, emva kokuba esebayalile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile. Emva kokuhlupheka kwakhe, wazibonakalisa kubo ephilile ngobufakazi obuningi, eziveza kubo ngalezi zinsuku ezingama-40, ekhuluma nabo ngombuso kaNkulunkulu. Kwathi esahleli nabo, wabayala ukuba bangamuki eJerusalema, kodwa balindele isithembiso sikaYise abasizwe ngaye. Ngokuba uJohane wayebhabhadisa ngamanzi, kodwa nina nizakubhabhadiswa ngoMoya oNgcwele zingakadluli izinsuku eziningi. Labo ababebuthene lapho bambuza bathi: “Nkosi, uzowubuyisela yini umbuso ku-Israyeli ngalesi sikhathi na?” Wathi kubo: “Akusikho okwenu ukwazi izikhathi noma imizuzu uBaba akumisileyo ngamandla akhe. Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, eJudiya lonke naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.” Kwathi esekushilo lokho, wakhushulwa bebuka, ifu lamsusa emehlweni abo. Bathi besagqolozele ezulwini ehamba, kwabonakala amadoda amabili emi ngakubo, egqoke izingubo ezimhlophe, athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini wenyuselwa ezulwini, uyakubuya kanjalo, njengalokhu nimbonile eya ezulwini.” Base bebuyela eJerusalema, besuka entabeni okuthiwa eyeMinqumo eseduze neJerusalema, eyibanga lohambo lwesabatha. Kuthe sebengenile, benyukela ekamelweni eliphezulu, lapho babehleli khona: uPhethro, uJohane, uJakobe, u-Andreya, uFiliphu, uThomase, uBhartholomewu, uMathewu, uJakobe ka-Alfewu, uSimoni umZelothe, noJuda kaJakobe. Bonke laba baqinisela ekukhulekeni benhliziyonye bekanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo. Kwathi ngaleyo mihla, uPhethro wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasibuthene lapho kwakungathi yi-120, wathi: “Madoda, bazalwane, kwakumele ukuba ugcwaliseke umbhalo, uMoya oNgcwele awukhuluma phambilini ngomlomo kaDavide ngoJuda owayengumholi walabo ababamba uJesu, ngokuba wayebalwe kanye nathi, futhi enesabelo kule nkonzo.” Ngakho-ke lowo wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waphahlazeka, kwachitheka nezibilini zakhe zaphumela ngaphandle. Lokho kwaziwa yibo bonke abakhe eJerusalema, yaze leyo nsimu yaqanjwa igama ngolimi lwakubo, kwathiwa i-Akheldama, okusho ukuthi iNsimu Yegazi. Ngokuba kulotshiwe encwadini yaMahubo ukuthi: “Umuzi wakhe mawube yihlane, kungahlali muntu kuwo,” nokuthi: “Isikhundla sakhe masithathwe ngomunye.” “Ngakho-ke kubalulekile ukuba kula madoda ayehamba nathi isikhathi sonke, lapho iNkosi uJesu ingena iphuma phakathi kwethu, kusukela embhabhadisweni kaJohane kuze kube wusuku akhushulwa ngalo kithi, enye yawo ibe ngufakazi kanye nathi, wokuvuka kwakhe.” Base baphakamisa ababili, uJosefa okuthiwa nguBharisabha, owayebizwa futhi ngokuthi nguJustu kanye noMathiyase. Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, wazi izinhliziyo zabantu bonke, sikhombise ukuthi ngubani omkhethileyo kulaba ababili, ukuba athathe indawo kulo msebenzi nobuphostoli obulaxazwe nguJuda, waya endaweni yakhe.” Base bebenzela unkatho, lwadla uMathiyase; wayesebalwa kanye nabaphostoli abali-11.

Dlulisela
Funda IzEnzo 1

IzEnzo 1:1-26 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Umlando wokuqala ngawenza, Theyofilu, ngakho konke uJesu aqala ukukwenza nokukufundisa, kwaze kwafika usuku akhushulwa ngalo, esebalayile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile; azibonakalisa kubo ephila emva kokuhlupheka kwakhe ngobufakazi obuningi obungenaphutha, ebonwa yibo izinsuku ezingamashumi amane, ekhuluma izinto eziphathelene nombuso kaNkulunkulu; Kwathi esebuthene labo, wabalaya ukuthi bangasuki eJerusalema, kodwa balindele isithembiso sikaBaba, elasizwa ngami. Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi; kodwa lina lizabhabhathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli insuku ezinengi. Sebebuthene bambuza, bathi: “Nkosi, uyawubuyisela ngalesi sikhathi umbuso ku-Israyeli na? Wathi kubo: “Akusikhona okwenu ukwazi izikhathi nezinkathi uBaba azimise ngamandla akhe. Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba. Esetshilo lezizinto, bekhangele wakhutshulwa; ifu lamsusa emehlweni abo. Kwathi besagqolozele ezulwini enyuka, bheka, amadoda amabili emi ngakubo embethe izingubo ezimhlophe; Athi futhi: Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, onyuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo njengalokho nimbonile eya ezulwini. Base bebuyela eJerusalema bevela entabeni ethiwa Yeminqumo, esuka eJerusalema, ibanga lohambo lwesabatha. Sebengenile bakhuphukela ekamelweni eliphezulu, lapho kwakuhlala khona oPetru, noJakobe, noJohane, no-Andreya, noFiliphu, noTomase, noBartolomewu, noMathewu, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni Zelote, uJuda umfowabo kaJakobe. Labo bonke baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni nasekunxuseni, kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo. Ngalezo zinsuku uPetru wasukuma phakathi kwabafundi, (isibalo samagama ndawonye sasingaba yikhulu namashumi amabili). Madoda, bazalwane, kwakumele ukuba kugcwaliseke lombhalo uMoya oNgcwele owakhuluma ngaphambili ngomlomo kaDavida ngoJudasi owayengumkhokheli walabo abambamba uJesu. Ngokuba wayebalwa nathi, wazuza ingxenye yalo msebenzi. Lomuntu wathenga insimu ngomvuzo wokungalungi; wawa ngekhanda, wagqabuka phakathi, kwagobhoza amathumbu akhe onke. Kwakwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema; kuze kuthi leyo nsimu ngolimi lwabo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu yegazi. Ngokuba kulotshiwe encwadini yamaHubo ukuthi: “Umuzi wakhe mawube yincithakalo, kungahlali muntu kuwo; Ngakho-ke kulawo madoda abehamba nathi isikhathi sonke lapho iNkosi uJesu ingena iphuma phakathi kwethu, kusukela ekubhapathizweni kukaJohane kuze kube lusuku akhushulwa ngalo kithina, kufanele ukuthi kube khona omunye abe ngufakazi kanye nathi wokuvuka kwakhe. Base bemisa ababili, uJosefa othiwa uBarsaba, othiwa futhi nguJustusi, noMathiya. Basebekhuleka bathi: Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, tshengisa ukuthi kulaba ababili omkhethileyo. ukuze athathe ingxenye yalenkonzo lobupostoli, uJudasi aphambuka kukho, ukuze aye endaweni yakhe. Basebebenzela inkatho; inkatho yadla uMathiyasi; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.

Dlulisela
Funda IzEnzo 1

IzEnzo 1:1-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Incwadi yokuqala ngayiloba, Theyofilu, ngakho konke uJesu aqala ukukwenza nokukufundisa, kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo, esebayalile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile; waziveza kubo ephilile emva kokuhlupheka kwakhe ngobufakazi obuningi, wabonwa yibo izinsuku ezingamashumi amane ekhuluma ngezombuso kaNkulunkulu; kwathi ehlangene nabo, wabayala ngokuthi: “Ningamuki eJerusalema, kodwa nihlalele isithembiso sikaYise enasizwa ngami. Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi, kepha nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.” Khona labo ababebuthene bambuza bathi: “Nkosi, usawubuyisela umbuso ku-Israyeli ngalesi sikhathi na?” Wathi kubo: “Akusikho okwenu ukwazi izikhathi noma imizuzu uBaba akumisele ngamandla akhe; kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.” Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo. Bathi besagqolozela ezulwini emuka, bheka, amadoda amabili ayemi kubo, embethe izingubo ezimhlophe, athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.” Khona babuyela eJerusalema bevela entabeni ethiwa eyemiNqumo eseduze neJerusalema, ibanga lohambo lwesabatha. Kwathi sebengenile, benyukela ekamelweni eliphezulu, lapho bebehlala khona: oPetru, noJohane, noJakobe, no-Andreya, noFiliphu, noTomase, noBartolomewu, noMathewu, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni umZelothe, noJuda kaJakobe. Bonke laba baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo. Ngaleyo mihla uPetru wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasikhona ndawonye kwakungathi ikhulu namashumi amabili, wathi: “Madoda, bazalwane, kwakumelwe ukuba kugcwaliseke umbhalo uMoya oNgcwele awukhulumayo ngaphambili ngomlomo kaDavide ngoJuda owayengumholi kulabo ababamba uJesu, ngokuba wayebalwe kanye nathi, wathola isabelo kule nkonzo.” Lowo-ke wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waqhuma phakathi, nezibilini zakhe zonke zachitheka; kwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema, yaze yaqanjwa leyo nsimu ngolimi lwakubo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu Yegazi. Ngokuba kulotshiwe eNcwadini yamaHubo ukuthi: “Umuzi wakhe mawube yihlane, kungabikho ohlala kuwo,” nokuthi: “Isikhundla sakhe asithathwe ngomunye.” “Ngakho kulawo madoda ayehamba nathi isikhathi sonke, lapho iNkosi uJesu ingena, iphuma phakathi kwethu, kuqalela embhapathizweni kaJohane kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo kithi, kumelwe ukuba enye kuwo ibe ngufakazi kanye nathi ngokuvuka kwakhe.” Base bemisa ababili, uJosefa othiwa uBarsaba, othiwa futhi uJustu, kanye noMathiya. Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, ake ukhombe omunye kulaba ababili omkhethileyo ukuba athathe isikhundla sale nkonzo nobuphostoli aphambuka kuso uJuda ukuya endaweni yakhe.” Base bebenzela inkatho; yadla uMathiya; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.

Dlulisela
Funda IzEnzo 1

IzEnzo 1:1-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Umlando wokuqala ngawenza, Theyofilu, ngakho konke uJesu aqala ukukwenza nokukufundisa, kwaze kwafika usuku akhushulwa ngalo, esebalayile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile; azibonakalisa kubo ephila emva kokuhlupheka kwakhe ngobufakazi obuningi obungenaphutha, ebonwa yibo izinsuku ezingamashumi amane, ekhuluma izinto eziphathelene nombuso kaNkulunkulu; Kwathi esebuthene labo, wabalaya ukuthi bangasuki eJerusalema, kodwa balindele isithembiso sikaBaba, elasizwa ngami. Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi; kodwa lina lizabhabhathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli insuku ezinengi. Sebebuthene bambuza, bathi: “Nkosi, uyawubuyisela ngalesi sikhathi umbuso ku-Israyeli na? Wathi kubo: “Akusikhona okwenu ukwazi izikhathi nezinkathi uBaba azimise ngamandla akhe. Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba. Esetshilo lezizinto, bekhangele wakhutshulwa; ifu lamsusa emehlweni abo. Kwathi besagqolozele ezulwini enyuka, bheka, amadoda amabili emi ngakubo embethe izingubo ezimhlophe; Athi futhi: Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, onyuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo njengalokho nimbonile eya ezulwini. Base bebuyela eJerusalema bevela entabeni ethiwa Yeminqumo, esuka eJerusalema, ibanga lohambo lwesabatha. Sebengenile bakhuphukela ekamelweni eliphezulu, lapho kwakuhlala khona oPetru, noJakobe, noJohane, no-Andreya, noFiliphu, noTomase, noBartolomewu, noMathewu, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni Zelote, uJuda umfowabo kaJakobe. Labo bonke baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni nasekunxuseni, kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo. Ngalezo zinsuku uPetru wasukuma phakathi kwabafundi, (isibalo samagama ndawonye sasingaba yikhulu namashumi amabili). Madoda, bazalwane, kwakumele ukuba kugcwaliseke lombhalo uMoya oNgcwele owakhuluma ngaphambili ngomlomo kaDavida ngoJudasi owayengumkhokheli walabo abambamba uJesu. Ngokuba wayebalwa nathi, wazuza ingxenye yalo msebenzi. Lomuntu wathenga insimu ngomvuzo wokungalungi; wawa ngekhanda, wagqabuka phakathi, kwagobhoza amathumbu akhe onke. Kwakwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema; kuze kuthi leyo nsimu ngolimi lwabo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu yegazi. Ngokuba kulotshiwe encwadini yamaHubo ukuthi: “Umuzi wakhe mawube yincithakalo, kungahlali muntu kuwo; Ngakho-ke kulawo madoda abehamba nathi isikhathi sonke lapho iNkosi uJesu ingena iphuma phakathi kwethu, kusukela ekubhapathizweni kukaJohane kuze kube lusuku akhushulwa ngalo kithina, kufanele ukuthi kube khona omunye abe ngufakazi kanye nathi wokuvuka kwakhe. Base bemisa ababili, uJosefa othiwa uBarsaba, othiwa futhi nguJustusi, noMathiya. Basebekhuleka bathi: Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, tshengisa ukuthi kulaba ababili omkhethileyo. Ukuze athathe ingxenye yalenkonzo lobupostoli, uJudasi aphambuka kukho, ukuze aye endaweni yakhe. Basebebenzela inkatho; inkatho yadla uMathiyasi; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.

Dlulisela
Funda IzEnzo 1

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo