2 uSamuweli 7:8-17
2 uSamuweli 7:8-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami uDavide, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Mina ngakuthatha edlelweni ekwaluseni izimvu ukuba ube ngumbusi wabantu bami kwa-Israyeli; nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama elikhulu njengegama labakhulu abasemhlabeni. Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubahlupha njengakuqala, kusukela osukwini engayaleza ngalo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli, ngikuphumuze ezitheni zakho zonke. Futhi uJehova uyakutshela ukuthi uJehova uyakukwenzela wena indlu. Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelile, ube usulele koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho eyakuphuma ezibilinini zakho, ngiqinise umbuso wayo. Yiyo eyakwakhela igama lami indlu; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wayo kuze kube phakade. Mina ngiyakuba nguyise, yona ibe yindodana yami; uma yenza okubi, ngiyakuyilaya ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu, kepha umusa wami awuyikusuka kuyo, njengalokho ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho. Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi siyakumiswa kuze kube phakade.’ ” Njengawo onke lawo mazwi nanjengawo wonke lowo mbono uNathani wakhuluma kuDavide.
2 uSamuweli 7:8-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami, uDavide, uthi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Mina ngakuthatha edlelweni, ekweluseni izimvu, ukuba ube ngumbusi wabantu bami kwa-Israyeli. Nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, ngazibhubhisa zonke izitha zakho phambi kwakho, ngakwenzela igama elidumileyo njengegama labantu ababalulekile emhlabeni. Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale bahlale kuyo, bangabe besanyakaziswa, nabantu ababi abasayukubahlupha njengakuqala, kusukela osukwini engabeka ngalo abehluleli ukuba babuse abantu bami u-Israyeli, ngiyokuphumuza ezitheni zakho zonke. USimakade uyakutshela ukuthi, Yena uqobo, uyakukwenzela wena indlu. Kuyothi lapho izinsuku zakho seziphelile, usulele nokhokho bakho, bese ngibeka owozalo lwakho oyakuphuma ezibilini zakho, ngiyakuwuqinisa umbuso wakhe. Nguye oyakukwakhela iGama lami indlu; ngiyakusiqinisa isihlalo sombuso wakhe kuze kube phakade. Mina ngiyakuba nguyise, yena abe yindodana yami; okuyakuthi uma enza isono, ngimjezise ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu. Kepha umusa wami awuyukusuka kuye, njengoba ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho. Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi simiswe, kuze kube phakade.” ’ ” UNathani wawakhuluma kuDavide wonke lawo mazwi nakho konke lokho akubonile.
2 uSamuweli 7:8-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngalokho wothi encekwini yami uDavide: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Ngakuthatha esibayeni sezimvu, ulandela izimvu, ukuba ube ngumbusi phezu kwabantu bami u-Israyeli. Nganginawe nomaphi lapho uya khona, ngachitha zonke izitha zakho phambi kwakho, ngakwenzela igama elikhulu njengegama labakhulu emhlabeni. Ngizabamisela indawo abantu bami u-Israyeli, ngibatshale, ukuze bahlale endaweni yabo, bangabe besaxega; abantwana bobubi abasayikubacindezela njengakuqala; Kusukela kulesosikhathi engalaya ngaso ukuthi babe ngabahluleli phezu kwabantu bami uIsrayeli, nganiphumuza kuzo zonke izitha zakho. UJehova futhi uyakutshela ukuthi uzokwenzela indlu. Kuyakuthi lapho izinsuku zakho sezigcwalisekile, usulala koyihlo, ngiyakuvusa inzalo yakho emva kwakho, eyakuphuma ezibilinini zakho, ngiqinise umbuso wayo. Nguye ozakwakhela ibizo lami indlu, njalo ngizaqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wakhe kuze kube nininini. Mina ngizakuba nguyise, yona ibe yindodana yami. Uma enza okubi, ngiyakumshaya ngenduku yabantu nangemivimbo yamadodana abantu; Kepha umusa wami awuyikusuka kuye, njengalokho ngawususa kuSawule, engawususa phambi kwakho. Indlu yakho nombuso wakho kuyakuma phambi kwakho kuze kube phakade; isihlalo sakho sobukhosi sizaqiniswa kuze kube nininini. Njengawo wonke lawa mazwi nangawo wonke lowo mbono, kanjalo uNathani wakhuluma kuDavide.