2 uSamuweli 23:20-23
2 uSamuweli 23:20-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayeyindoda eyiqhawe elinamandla, elenza imisebenzi emikhulu. WayengowaseKhabizeyeli; wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi, waphinde wehla, wabulala ingonyama emgodini ngosuku likhithikile. Wabulala nowaseGibhithe owayemuhle. Lowo waseGibhithe wayephethe umkhonto esandleni sakhe, kodwa uBhenaya wabhekana naye ephethe induku nje. Wawuhlwitha umkhonto esandleni somGibhithe, wambulala ngawo umkhonto wakhe. UBhenaya, indodana kaJehoyada, wenza lezo zinto, wazenzela igama phakathi kwabathathu. Wayehlonipheke kakhulu phakathi kwabangama-30, kodwa akafikanga kulaba abathathu ngokuhlonishwa. UDavide wambeka ukuba engamele abaqaphi bakhe.
2 uSamuweli 23:20-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu, owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa, wabulala nowaseGibithe, umuntu owabukeka emuhle; owaseGibithe wayephethe umkhonto esandleni sakhe, kepha wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe, wambulala ngomkhonto wakhe. Lezo zinto wazenza uBenaya indodana kaJehoyada, waba negama phakathi kwalawo maqhawe amathathu. Wayetuseka kunabangamashumi amathathu, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala. UDavide wambeka phezu kwabalindi bakhe.
2 uSamuweli 23:20-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UBenaya, indodana kaJehoyada, indodana yendoda enesibindi, waseKabiseyeli, owenza izenzo eziningi, wabulala abantu ababili bakwaMowabi abanjengezingonyama; Wabulala nowaseGibithe, indoda ebukekayo; umGibhithe wayenomkhonto esandleni sakhe; kepha wehlela kuye ephethe intonga, wahlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe, wambulala ngomkhonto wakhe. Lokhu kwenziwa nguBhenaya indodana kaJoyada, futhi wayenegama phakathi kwamaqhawe amathathu. Wayehloniphekile kunabangamashumi amathathu, kodwa akafinyelelanga kwabathathu bokuqala. UDavide wammisa phezu kwabalindi bakhe.