2 USamuweli 23

23
Amazwi Okugcina KaDavide
1 Lawa ngamazwi kaDavide okugcina.
“Amazwi okugcina kaDavide,
indodana kaJese,
umuntu owaphakanyiswa nguNkulunkulu,
ogcotshiweyo kaNkulunkulu ka-Jakobe,
nomhlabeleli wezingoma ezimnandi kwa-Israyeli, uthi:
2 “UMoya kaNkulunkulu wakhuluma ngami;
izwi lakhe lalisolimini lwami.
3 UNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile,
iDwala lika-Israyeli lathi kimi:
‘Obusa abantu ngokulunga,
abuse ngokwesaba uNkulunkulu,
4 unjengokukhanya ekuseni,
njengelanga liphuma,
isibhakabhaka sicwathile,
ucwazimula njengotshani emhlabathini
emuva kwezimvula.’
5 “Indlu yami ayinjalo yini kuNkulunkulu na?
Ngokuba wenze nami isivumelwano saphakade;
zonke izinto wazihlela, wazivikela.
Yonke insindiso yami nokwenama kwami,
uyakukuhlumisa.
6 Kepha bonke abangenamsebenzi walutho
bayakuba njengameva alahliweyo,
ngokuba angephathwe ngesandla.
7 Kepha umuntu oyowathinta,
uyohlonyiswa ngensimbi
noma ngothi lomkhonto,
aze ashiswe ngomlilo
angqongqe khona lapho.”
Amaqhawe KaDavide
8 Nanka amagama amaqhawe kaDavide: uJoshebhi Bhashebhethi waseThakhemoni, owayeyinhloko yabathathu. Nguye owaphakamisa umkhonto wakhe, wabulala abantu abangama-800 ngasikhathi sinye.
9 Wayelandelwa ngu-Eleyazare, indodana kaDodo, indodana ka-Ahowahi. Wayengomunye wamaqhawe amathathu ayenoDavide mhlazana edelela amaFilisti ayeqoqene lapho ukuze alwe no-Israyeli, kodwa abakwa-Israyeli base behambile. 10 Wasuka wabulala amaFilisti kwaze kwakhathala isandla sakhe, sanamathela enkembeni. USimakade wabapha ukunqoba okukhulu ngalolo lusuku. Abantu babuya, beza kuye, ukuze babuthe impango kuphela.
11 Wayelandelwa nguShema, indodana ka-Age, umHarori. AmaFilisti ayebuthene eLehi, kukhona isiqinti sezwe lapho, sigcwele imbumba. AmaFilisti abaxosha abantu, babaleka phambi kwawo, 12 kodwa yena wema phakathi nesiqinti, wasivikela, wawabulala amaFilisti; uSimakade wamnika okukhulu ukunqoba.
13 Kwase kwehla abathathu kwabangama-30, abayizinhloko, bafika kuDavide esemgedeni e-Adulamu ngesikhathi sokuvuna. Impi yamaFilisti yayikanise esigodini samaRefa. 14 UDavide ngaleso sikhathi wayesenqabeni, ibutho lamaFilisti liseBhethlehema. 15UDavide womela amanzi, wayesethi: “Ngubani ozakunginika amanzi asemthonjeni eBhethlehema ongasesangweni, ngiphuze na?”
16 Lawo maqhawe amathathu afohla, angena enkanjini yamaFilisti, akha amanzi emthonjeni eBhethlehema ongasesangweni. Awathatha awaletha kuDavide, kodwa akavumanga ukuwaphuza; wawathululela uSimakade. 17 Wathi: “Angizimisele neze, Simakade, ukuba ngenze lokhu; ngingaliphuza kanjani igazi lalaba bantu ababeke impilo yabo engcupheni?”
Akavumanga ukuwaphuza. Yilezo-ke izinto ezenziwa yilawo maqhawe amathathu.
18 U-Abhishayi, umfowabo kaJowabe, indodana kaZeruya, wayeyinhloko yalabo abangama-30. Wagwaza ngomkhonto wakhe abangama-300, wababulala, wazenzela igama phakathi kwalabo abathathu. 19Nguye owanconywa kakhulu phakathi kwabangama-30, futhi waba yisikhulu sabo, akafinyelelanga nokho kwabathathu bokuqala.
20 UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayeyindoda eyiqhawe elinamandla, elenza imisebenzi emikhulu. WayengowaseKhabizeyeli; wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi, waphinde wehla, wabulala ingonyama emgodini ngosuku likhithikile. 21Wabulala nowaseGibhithe owayemuhle. Lowo waseGibhithe wayephethe umkhonto esandleni sakhe, kodwa uBhenaya wabhekana naye ephethe induku nje. Wawuhlwitha umkhonto esandleni somGibhithe, wambulala ngawo umkhonto wakhe. 22 UBhenaya, indodana kaJehoyada, wenza lezo zinto, wazenzela igama phakathi kwabathathu. 23Wayehlonipheke kakhulu phakathi kwabangama-30, kodwa akafikanga kulaba abathathu ngokuhlonishwa. UDavide wambeka ukuba engamele abaqaphi bakhe.
24 Phakathi kwabangama-30 kwakungu-Asaheli, umfowabo kaJowabe, u-Elihanani, indodana kaDodo waseBhethlehema, 25 uShama wakwaHarodi, u-Elika wakwaHarodi, 26 uHelezi wasePhalithi, u-Ira, indodana ka-Ikeshi waseThekowa, 27 u-Abhiyezeri wase-Anathothi, uMebhunayi, umHushathi, 28 uZalimoni, umAhohi, uMaharayi waseNethofa, 29 uHelevi, indodana kaBhahana waseNethofa, u-Ithayi, indodana kaRibhayi waseGibheya labakwaBhenjamini, 30 uBhenaya wasePhirathoni, uHidayi wangasemifudlaneni yakwaGahashi, 31 u-Abhi Alibhoni umAraba, u-Azimavethi waseBharihumi, 32 u-Eliyaba waseShahalibhoni, uBhene Jasheni, uJonathani, 33 uShama waseHarari, u-Ahiyamu, indodana kaSharari wase-Arari, 34u-Elifelethi, indodana ka-Ahashibhayi, indodana yomMahakha, u-Eliyamu, indodana ka-Ahithofeli waseGilo, 35 uHezerayi waseKharimeli, uPhaharayi wase-Arabhi, 36 u-Igali, indodana kaNathani waseZobha, uBhani wakwaGadi, 37 uZeleki wakwa-Amoni, uNaharayi waseBherothi, izindibi zezikhali zikaJowabe, indodana kaZeruya, 38 u-Ira waseJetheri, uGarebhi waseJetheri, 39 no-Uriya umHithi. Sebebonke babengama-37.

Okuqokiwe okwamanje:

2 USamuweli 23: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume