2 uSamuweli 21:1-14

2 uSamuweli 21:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwaba khona indlala ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ngokulandelana; uDavide wafuna ubuso bukaJehova. UJehova wathi: “Kungenxa kaSawule nangenxa yendlu yakhe yegazi, ngokuba wabulala abaseGibeyoni.” Inkosi yayisibiza abaseGibeyoni, yakhuluma kubo, abaseGibeyoni babengesibo abantwana bakwa-Israyeli, beyinsali yama-Amori; abantwana bakwa-Israyeli babefungile kubo; uSawule wafuna ukubabulala ngokushisekela kwakhe abantwana bakwa-Israyeli nabakwaJuda; wathi-ke uDavide kwabaseGibeyoni: “Nginenzele ntoni na? Ngingenza ukubuyisana ngantoni ukuba nibusise ifa likaJehova na?” AbaseGibeyoni bathi kuye: “Akundaba yesiliva negolide noSawule nendlu yakhe, futhi akundaba yokubulala umuntu kwa-Israyeli.” Wathi: “Enikushoyo ngiyakunenzela khona.” Bathi enkosini: “Umuntu owasibulalayo waceba ngathi ukuba sichithwe singasali phakathi kwemikhawulo yakwa-Israyeli, masinikwe abantu abayisikhombisa bamadodana akhe, sibaphanyeke kuJehova eGibeya likaSawule, okhethiweyo kaJehova.” Inkosi yathi: “Ngiyakuninika bona.” Kepha inkosi yamyeka uMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule ngenxa yesifungo sikaJehova esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani indodana kaSawule. Kepha inkosi yathatha amadodana kaRispa indodakazi ka-Aya ayewazalele uSawule, o-Arimoni noMefibosheti; namadodana ayisihlanu kaMikhali indodakazi kaSawule ayewazalele u-Adriyeli indodana kaBarizilayi umMeholati; wabanikela ezandleni zabaseGibeyoni, babaphanyeka entabeni phambi kukaJehova, bawa labo abayisikhombisa kanyekanye; babulawa ngesikhathi sokuvuna ezinsukwini zokuqala ngasekuqaleni kokuvunwa kwebhali.* URispa indodakazi ka-Aya wathatha indwangu yamasaka, wazendlalela yona edwaleni, kusukela ekuqaleni kokuvuna kuze kuthelwe phezu kwabo amanzi asezulwini; akavumelanga izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwabo emini, nezilwane zasendle ebusuku. Kwabikelwa uDavide ukuthi uRispa indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule, wenzeni. UDavide waya wathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubantu baseJabeshi Gileyadi ababewebile esigcawini saseBeti Shani, lapho, amaFilisti ayebaphanyeke khona, mhla amaFilisti embulala uSawule eGilibowa. Wenyusa lapho amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe; baqoqa amathambo ababephanyekiwe. Bawembela amathambo kaSawule noJonathani indodana yakhe ezweni lakwaBenjamini eSela ethuneni likaKishi uyise; benza konke okuyalezwe yinkosi. Ngasemuva uNkulunkulu wancengwa ngenxa yezwe.

2 uSamuweli 21:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwaba khona indlala, ezinsukwini zikaDavide, iminyaka emithathu ilandelana. UDavide wafuna ubuso bukaSimakade. USimakade wathi: “Lokhu kungenxa kaSawule nendlu yakhe abachitha igazi, ngokuba babulala abaseGibheyoni.” Inkosi yayisibiza abaseGibheyoni yakhuluma nabo. AbaseGibheyoni babengesibo abantu bakwa-Israyeli, babeyinsali yama-Amori. Nokho abakwa-Israyeli babenze isifungo kubo, kodwa uSawule wayefuna ukubabulala ngenxa yentshisekelo yakhe ngabakwa-Israyeli nabakwaJuda. UDavide wathi kwabaseGibheyoni: “Yini enginganenzela yona, futhi ngingenza kanjani ukuba sithelelane amanzi ukuze nilibusise ifa likaSimakade na?” AbaseGibheyoni bathi kuye: “Lokhu akuphathelene nasiliva nagolide noma noSawule nendlu yakhe, futhi akuhlangene nakubulala muntu kwa-Israyeli.” Wathi kubo: “Noma yini eniyishoyo, ngiyonenzela yona.” Bathi enkosini: “Umuntu owasibulalayo, owenza icebo ngathi wayefuna siqothulwe phakathi kwemingcele yakwa-Israyeli. Masinikwe yena nabantu abayisikhombisa bozalo lwakhe, sizobaphanyeka phambi kukaSimakade eGibheya likaSawule, okhethiweyo kaSimakade.” Inkosi yathi: “Ngizoninika bona.” Inkosi nokho yamshiya uMefibhoshethi, indodana kaJonathani kaSawule, ngenxa yesifungo kuSimakade abasenza esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani, indodana kaSawule. Inkosi yathatha amadodana amabili kaRizpha, indodakazi ka-Aya, ayewazalele uSawule: u-Arimoni, noMefibhoshethi namadodana amahlanu kaMikhali, indodakazi kaSawule, ayewazalele u-Adriyeli, indodana kaBharizilayi, umMeholathi. Wabanikela kwabaseGibheyoni, babaphanyeka entabeni phambi kukaSimakade; labo abayisikhombisa bafa kanyekanye. Babulawa ngesikhathi sokuvuna, ngezinsuku zokuqala, kusaqalwa ukuvunwa kwebhali. URizpha, indodakazi ka-Aya, wathatha indwangu eyisaka, wazendlalela yona edwaleni, kusukela ekuqaleni kokuvuna kwaze kwana izulu labanetha. Akazange avumele izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwabo emini nezilwane zasendle ebusuku. UDavide walandiswa ngalokho ukuthi uRizpha, indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule, wenzeni. UDavide wawalanda amathambo kaSawule namathambo kaJonathani, indodana yakhe, kubantu baseJabeshi Gileyadi, ababewebe esigcawini eBhethi Shani, lapho babephanyekwe khona, mhla amaFilisti ebulala uSawule eGilibhowa. Wenyuka lapho namathambo kaSawule nakaJonathani indodana yakhe, base bewaqoqa namathambo alabo ababephanyekiwe. Bawambela amathambo kaSawule noJonathani, indodana yakhe, kwaBhenjamini, eZela, ethuneni likaKishi, uyise. Benza konke inkosi eyayibayale ngakho. Emveni kwalokho uNkulunkulu wayizwa imikhuleko ngenxa yezwe.

2 uSamuweli 21:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwase kuba khona indlala emihleni kaDavide iminyaka emithathu, umnyaka ngomnyaka; uDavide wabuza kuJehova. UJehova wathi: “Kungenxa kaSawule nendlu yakhe yamagazi, ngoba wabulala abaseGibeyoni.” Inkosi yasibiza abaseGibeyoni, yathi kubo: (AbaseGibeyoni babengesibo abantwana bakwa-Israyeli, kodwa bensali yama-Amori; abantwana bakwa-Israyeli bafunga kubo; uSawule wazama ukubulala ngokushisekela kwakhe. Kubantwana bakwa-Israyeli noJuda.) Ngakho uDavida wathi kwabaseGibeyoni: Ngizalenzelani? ngiyakwenza ukubuyisana ngani, ukuze nibusise ifa likaJehova na? AbaseGibeyoni base bethi kuye: “Asiyikuthatha isiliva negolide kuSawule nasendlini yakhe; ungasibulaleli muntu kwa-Israyeli. Wathi: “Lokho okushoyo, ngizokwenzela khona.” Base beyiphendula inkosi, bathi: “Lowo muntu owasidlayo, owaceba ngathi ukuba sibhujiswe, sihlale kunoma yimuphi wemikhawulo yakwa-Israyeli, Masinikwe amadoda ayisikhombisa emadodaneni akhe, siwalengise phambi kukaJehova eGibeya likaSawule uJehova alikhethileyo. Inkosi yasisithi: Ngizabanika. Kodwa inkosi yamyeka uMefibosheti indodana kaJonathani indodana kaSawule ngenxa yesifungo sikaJehova esasiphakathi kwabo phakathi kukaDavide noJonathani indodana kaSawule. Inkosi yathatha amadodana amabili kaRispa, indodakazi ka-Aya, awazalela uSawule, o-Armoni noMefibosheti; namadodana ayisihlanu kaMikhali indodakazi kaSawule owawakhulisela ku-Adriyeli indodana kaBarizilayi waseMehola; Wabanikela esandleni sabaseGibeyoni, babaphanyeka entabeni phambi kukaJehova; zawa zonke eziyisikhombisa kanyekanye, zabulawa ngezinsuku zokuvuna, ngezinsuku zokuqala, ekuqaleni kwebhali isivuno. URispa indodakazi ka-Aya wathatha izingubo zokulila, wamendlalela zona edwaleni, kusukela ekuqaleni kokuvuna kwaze kwawa amanzi avela ezulwini phezu kwazo, akazivumelanga izinyoni zezulu ukuba ziphakame emini ukuba zikhuphuke. Phumula, nezilwane zasendle ebusuku. UDavide watshelwa lokho uRispa indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule, ayekwenzile. UDavide wahamba wawathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubantu baseJabeshi eGileyadi, ababewebile esigcawini saseBeti Shani, lapho amaFilisti ayebalengise khona, lapho amaFilisti enqoba uSawule eGilibowa. Wawenyusa khona amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe; basebebutha amathambo alabo ababelengisiwe. Amathambo kaSawule noJonathani indodana yakhe bembela ezweni lakwaBenjamini eSela ethuneni likaKishi uyise; benza konke inkosi eyabayala ngakho. Kwase kuthi-ke uNkulunkulu wakhulekelwa izwe.