2 USamuweli 21:1-14

2 USamuweli 21:1-14 ZUL20

Kwaba khona indlala, ezinsukwini zikaDavide, iminyaka emithathu ilandelana. UDavide wafuna ubuso bukaSimakade. USimakade wathi: “Lokhu kungenxa kaSawule nendlu yakhe abachitha igazi, ngokuba babulala abaseGibheyoni.” Inkosi yayisibiza abaseGibheyoni yakhuluma nabo. AbaseGibheyoni babengesibo abantu bakwa-Israyeli, babeyinsali yama-Amori. Nokho abakwa-Israyeli babenze isifungo kubo, kodwa uSawule wayefuna ukubabulala ngenxa yentshisekelo yakhe ngabakwa-Israyeli nabakwaJuda. UDavide wathi kwabaseGibheyoni: “Yini enginganenzela yona, futhi ngingenza kanjani ukuba sithelelane amanzi ukuze nilibusise ifa likaSimakade na?” AbaseGibheyoni bathi kuye: “Lokhu akuphathelene nasiliva nagolide noma noSawule nendlu yakhe, futhi akuhlangene nakubulala muntu kwa-Israyeli.” Wathi kubo: “Noma yini eniyishoyo, ngiyonenzela yona.” Bathi enkosini: “Umuntu owasibulalayo, owenza icebo ngathi wayefuna siqothulwe phakathi kwemingcele yakwa-Israyeli. Masinikwe yena nabantu abayisikhombisa bozalo lwakhe, sizobaphanyeka phambi kukaSimakade eGibheya likaSawule, okhethiweyo kaSimakade.” Inkosi yathi: “Ngizoninika bona.” Inkosi nokho yamshiya uMefibhoshethi, indodana kaJonathani kaSawule, ngenxa yesifungo kuSimakade abasenza esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani, indodana kaSawule. Inkosi yathatha amadodana amabili kaRizpha, indodakazi ka-Aya, ayewazalele uSawule: u-Arimoni, noMefibhoshethi namadodana amahlanu kaMikhali, indodakazi kaSawule, ayewazalele u-Adriyeli, indodana kaBharizilayi, umMeholathi. Wabanikela kwabaseGibheyoni, babaphanyeka entabeni phambi kukaSimakade; labo abayisikhombisa bafa kanyekanye. Babulawa ngesikhathi sokuvuna, ngezinsuku zokuqala, kusaqalwa ukuvunwa kwebhali. URizpha, indodakazi ka-Aya, wathatha indwangu eyisaka, wazendlalela yona edwaleni, kusukela ekuqaleni kokuvuna kwaze kwana izulu labanetha. Akazange avumele izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwabo emini nezilwane zasendle ebusuku. UDavide walandiswa ngalokho ukuthi uRizpha, indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule, wenzeni. UDavide wawalanda amathambo kaSawule namathambo kaJonathani, indodana yakhe, kubantu baseJabeshi Gileyadi, ababewebe esigcawini eBhethi Shani, lapho babephanyekwe khona, mhla amaFilisti ebulala uSawule eGilibhowa. Wenyuka lapho namathambo kaSawule nakaJonathani indodana yakhe, base bewaqoqa namathambo alabo ababephanyekiwe. Bawambela amathambo kaSawule noJonathani, indodana yakhe, kwaBhenjamini, eZela, ethuneni likaKishi, uyise. Benza konke inkosi eyayibayale ngakho. Emveni kwalokho uNkulunkulu wayizwa imikhuleko ngenxa yezwe.