2 uSamuweli 16:11
2 uSamuweli 16:11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UDavide wayesethi ku-Abhishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani-ke lo mBhenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba nguSimakade omthumile.
2 uSamuweli 16:11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UDavide wayesethi ku-Abishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilinini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani lo mBenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba uJehova ukhulumile kuye.
2 uSamuweli 16:11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UDavide wayesethi ku-Abishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilinini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani lo wakwaBenjamini angakwenza manje? makame, aqalekise; ngokuba uJehova wamyala.