2 uSamuweli 1:1-27

2 uSamuweli 1:1-27 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi emva kokufa kukaSawule, uDavide esebuyile ekubulaleni ama-Amaleki, wahlala izinsuku ezimbili eZikilagi. Kwathi ngosuku lwesithathu, kwafika indoda iphuma enkanjini kaSawule, igqoke izingubo ezidabukile, inothuli ekhanda. Yathi lapho ifika kuDavide yawela emhlabathini, yakhothama yathi mbo ngobuso. UDavide wathi kuyo: “Uvela kuphi na?” Yathi kuye: “Ngiphunyuke enkanjini yakwa-Israyeli.” UDavide wathi kuyo: “Bekuhamba kanjani? Ake ungitshele.” Yaphendula yathi: “Abantu babalekile empini, futhi abaningi bafile; uSawule noJonathani, indodana yakhe, nabo bafile.” UDavide wathi kuleyo nsizwa eyayimbikela: “Wazi kanjani ukuthi uSawule nendodana yakhe bafile na?” Insizwa eyambikelayo yathi: “Ngithe ngisentabeni iGilibhowa, ngaleso sikhathi uSawule wancika emkhontweni, ngokuba izinqola nabamahhashi babemxine kakhulu. Waphenduka wabheka emuva wangibona, wangibiza. Ngaphendula ngathi: ‘Ngilapha.’ “Wathi kimi: ‘Ungubani na?’ “Ngathi kuye: ‘NgingumAmaleki.’ “Wathi kimi: ‘Ake ume ngakimi, ungibulale, ngokuba ngiphethwe yisiyezi, nakuba ngisaphila.’ “Ngase ngima ngakuye, ngambulala, ngokuba ngangazi ukuthi ngeke esaphila uma esewile, ngawuthatha umqhele owawusekhanda lakhe, nesongo elalisengalweni yakhe, ngase ngikuletha lapha enkosini yami.” UDavide wabamba izingubo zakhe waziklebhula, enza kanjalo namadoda wonke ayenaye. Balila, bakhala, bazila kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule noJonathani, indodana yakhe, nabantu bakaSimakade, nendlu ka-Israyeli, ngokuba babebulewe ngenkemba. UDavide wathi ensizweni eyambikelayo: “Ungowaphi, na?” Yamphendula yathi: “Ngiyindodana yomuntu ogogobele nje, umAmaleki.” UDavide wathi kuyo: “Yini ekwenze ungesabi ukuphakamisa isandla sakho ubulale ogcotshiweyo kaSimakade na?” UDavide wabiza enye yezinsizwa, wathi: “Sondela, khwela phezu kwakhe.” Yayishaya yaze yafa. UDavide wathi kuyo: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaSimakade.’ ” UDavide wamlilela uSawule noJonathani, indodana yakhe, ngaleli culo. Wayaleza ukuba iCulo Lomnsalo lifundiswe abakwaJuda; libhalwe eNcwadini kaJashari. Wathi: “Udumo lwakho, Israyeli, lubulewe ezindaweni eziphakemeyo. Yeka ukuwa kwamaqhawe! “Ningakusho eGathi, ningakumemezeli emigwaqweni e-Ashikeloni, funa amadodakazi amaFilisti ajabule, namadodakazi abangasokile athokoze. “Nina zintaba iGilibhowa, makungabi bikho mazolo namvula phezu kwenu, nasemasimini avundileyo, ngokuba kwangcoliswa lapho isihlangu samaqhawe, isihlangu sikaSawule singagcotshwanga ngamafutha. Egazini lababuleweyo nasemanonini amaqhawe umnsalo kaJonathani awubuyelanga emuva ulambatha, nenkemba kaSawule yadla abaningi. “USawule noJonathani babethandeka, beyigugu; ekuphileni nasekufeni kwabo kabehlukaniswanga; babenejubane kunezinkozi, benamandla kunezingonyama. “Nina madodakazi akwa-Israyeli, mkhaleleni uSawule owanigqokisa ngokubomvu, wahlobisa izembatho zenu ngemihlobiso yegolide. “Yeka ukuwa kwamaqhawe empini! UJonathani ubulewe ezindaweni zakho eziphakemeyo. “Ngidabukile ngawe mfowethu, Jonathani; wawuyigugu elikhulu kimi; lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho, ludlula uthando lwabesifazane. “Yeka ukuwa kwamaqhawe, nokuphela kwezikhali zokulwa!”

2 uSamuweli 1:1-27 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi emva kokufa kukaSawule, uDavide esebuyile ekubulaleni ama-Amaleki, futhi uDavide esehlale izinsuku ezimbili eSikilagi, kwathi-ke ngosuku lwesithathu, bheka, kwaphuma umuntu ekamu* likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda, wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka. UDavide wathi kuye: “Uvelaphi na?” Wathi kuye: “Ngibalekile ekamu* lakwa-Israyeli.” UDavide wayesethi kuye: “Bekunjani na? Ake ungitshele.” Wathi: “Abantu babalekile empini, nabantu abaningi bawile, bafa; oSawule noJonathani indodana yakhe bafile nabo.” UDavide wathi kuleyo nsizwa eyamtshelayo: “Wazi kanjani ukuthi oSawule noJonathani indodana yakhe bafile na?” Insizwa eyamtshelayo yathi: “Ngithe ngisentabeni yaseGilibowa, bheka, uSawule wencika emkhontweni, kwamjonga kakhulu izinqola nabamahhashi. Lapho ebheka emuva, wangibona, wangibiza. Ngaphendula ngokuthi: ‘Ngilapha.’ “Wathi kimi: ‘Wena ungubani na?’ Ngathi kuye: ‘NgingumAmaleki.’ “Wathi kimi: ‘Ake ume ngakimi, ungibulale, ngokuba ngishaywe yisiyezi, nokuphila kusekhona kimi.’ “Ngase ngima ngakuye, ngambulala, ngokuba ngakwazi ukuthi angephile esewile, ngathatha umqhele owawusekhanda lakhe, nesongo elalisengalweni yakhe, ngikulethile lapha enkosini yami.” UDavide wayesebamba izingubo zakhe, waziklebhula kanye nawo onke amadoda ayenaye. Balila, bakhala, bazila ukudla kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule, noJonathani indodana yakhe, nabantu bakaJehova, nendlu ka-Israyeli, ngokuba bebewile ngenkemba. Wathi uDavide kuyo insizwa eyayimtshelile: “Ungowaphi na?” Wathi: “Ngiyindodana yomuntu ogogobele nje, umAmaleki.” UDavide wathi kuyo: “Yini ukuba ungesabanga ukwelula isandla sakho, ubhubhise ogcotshiweyo kaJehova, na?” UDavide wayesebiza enye yezinsizwa, wathi: “Sondela, umsukele.” Yamshaya waze wafa. UDavide wathi kuye: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaJehova.’ ” UDavide walila ngalesi sililo ngoSawule noJonathani indodana yakhe, wathi mabafundiswe abantwana bakwaJuda eyoMnsalo; bheka, silotshiwe eNcwadini Yoqotho. “Udumo lwakho, Israyeli, lubulewe ezindaweni eziphakemeyo. Yeka ukuwa kwamaqhawe! “Ningakusho eGati, ningakumemezeli ezitaladini zase-Ashikeloni, funa amadodakazi amaFilisti ajabule, namadodakazi abangasokile athokoze. “Nina zintaba zaseGilibowa, makungabikho mazolo namvula phezu kwenu, nokugubha kotwa, ngokuba isihlangu samaqhawe santshingwa, isihlangu sikaSawule, singagcotshwanga ngamafutha. Egazini lababuleweyo nasemanonini amaqhawe umnsalo kaJonathani awuphindelanga emuva, nenkemba kaSawule ayibuyelanga ize. “OSawule noJonathani babethandeka, bemnandi; ekuphileni nasekufeni kwabo kabahlukaniswanga; babenejubane kunezinkozi, babenamandla kunezingonyama. “Nina madodakazi akwa-Israyeli, mkhaleleni uSawule owanigqokisa kamnandi ngokubomvu, owavunulisa izambatho zenu ngezivunulo zegolide. “Yeka ukuwa kwamaqhawe phakathi kokulwa! UJonathani ubulewe ezindaweni zakho eziphakemeyo. “Ngidabukile ngawe mfowethu Jonathani; wawumnandi kakhulu kimi; lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho, ludlula uthando lwabesifazane. “Yeka ukuwa kwamaqhawe, nokuphela kwezikhali zokulwa!”

2 uSamuweli 1:1-27 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi emva kokufa kukaSawule, uDavide ebuyile ekubulaleni ama-Amaleki, uDavide wahlala izinsuku ezimbili eZikilagi; Kwathi ngosuku lwesithathu kwaphuma umuntu ekamu, izingubo zikaSawule eziklebhukile, enothuli ekhanda lakhe; lapho efika kuDavide, wawa phansi, wakhuleka. UDavida wasesithi kuye: Uvela ngaphi? Wathi kuye: “Ngiphunyukile ekamu lika-Israyeli.” UDavida wasesithi kuye: Kwenze njani? ngiyakuncenga, ungitshele. Futhi waphendula: Ukuthi abantu babaleka empini, futhi futhi abaningi babantu bawa futhi bafa; noSawule noJonathani indodana yakhe bafa. UDavida wasesithi kuyo ijaha elamtshelayo: Wazi ngani ukuthi uSawuli loJonathani indodana yakhe bafile? Ijaha elamtshela lathi: “Ngathi ngifika entabeni yaseGilibowa, bheka, uSawule wayeme ngomkhonto wakhe; bheka, izinqola nabamahhashi bamxosha kanzima. Wathi ebheka emva kwakhe, wangibona, wangibiza; Futhi ngiyaphendula: Nangu mina. Yasisithi kimi: Ungubani? Ngathi kuye: “NgingumAmaleki.” Wabuye wathi kimi: “Yima phezu kwami, ungibulale, ngokuba usizi lungehlele, ngokuba umphefumulo wami usaphelele kimi.” Ngema phezu kwakhe, ngambulala, ngokuba ngangazi ukuthi akayikuphila emva kokuwa kwakhe; ngase ngithatha umqhele owawusekhanda lakhe nesongo elisengalweni yakhe ngakuletha lapha enkosini yami. UDavide wathatha izingubo zakhe, waziklebhula; kanjalo nawo onke amadoda aye naye. Balila, bakhala, bazila ukudla kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule, nangenxa kaJonathani indodana yakhe, naphezu kwabantu bakaJehova, naphezu kwendlu yakwa-Israyeli; ngoba bawa ngenkemba. UDavide wayesethi kuyo insizwa eyamtshelayo: “Ungowaphi na? Wathi: “Ngiyindodana yomfokazi, umAmaleki.” UDavide wayesethi kuye: “Awuzange wesabe kanjani ukwelula isandla sakho ukubhubhisa ogcotshiweyo weNkosi na? UDavida wasebiza enye yezinsizwa, wathi: Sondela umhlasele. Futhi wamshaya waze wafa. UDavida wasesithi kuye: Igazi lakho liphezu kwekhanda lakho; ngoba umlomo wakho ufakazile ngawe, wathi: Mina ngibulele ogcotshiweyo weNkosi. UDavide walilela ngalesi sililo ngoSawule nangoJonathani indodana yakhe. (Futhi wabayala ukuba bafundise abantwana bakwaJuda ukusebenzisa umnsalo; bheka, kulotshiwe encwadini kaJasheri.) Ubuhle buka-Israyeli bubulewe ezindaweni zakho eziphakemeyo; awe kanjani amaqhawe! Lingakutsheli eGati, lingakwenzi kwaziwe ezitaladeni zeAshikeloni; ukuze amadodakazi amaFilisti angathokozi, namadodakazi angasokile angathokozi. Zintaba zaseGilibowa, makungabikho mazolo, kungabikho mvula phezu kwenu, namasimu emihlatshelo; ngoba kukhona isihlangu samaqhawe, isihlangu sikaSawuli esilahlwe lapho kungathi kagcotshiweyo amafutha. Egazini lababuleweyo, emanoni amaqhawe, umnsalo kaJonathani awubuyanga, nenkemba kaSawule ayibuyanga ilambatha. OSawule noJonathani babebahle, bethandeka ekuphileni kwabo, nasekufeni kwabo abahlukananga; babenejubane kunezinkozi, babenamandla kunezingonyama. Madodakazi akwa-Israyeli, mkhaleleni uSawule, owanigqokisa okubomvu nezinye izibiliboco, owafaka imihlobiso yegolide engutsheni yenu. Yeka ukuwa kwamaqhawe phakathi kwempi! Jonathani, ubulewe ezindaweni zakho eziphakemeyo. Ngikhathazekile ngawe, mfowethu Jonathani; wawumuhle kakhulu kimi; uthando lwakho kimi lwalumangalisa ngaphezu kothando lwabesifazane. Yeka ukuwa kwamaqhawe nezikhali zempi zabhubha!

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo