2 kaPetru 1:1-4
2 kaPetru 1:1-4 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
USimoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuze ukholo oluligugu olufana nolwethu ngokulunga kukaNkulunkulu noMsindisi wethu uJesu Kristu: Makwandiswe kini umusa nokuthula ngokwazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu; njengalokhu amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibizela enkazimulweni nasebuhleni. Ngakho siphiwe izithembiso ezinkulu kakhulu leziligugu, ukuze ngalezo libe ngabahlanganyeli bemvelo yobuNkulunkulu, libalekele ukonakala okusemhlabeni ngenkanuko.
2 kaPetru 1:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimoni Phethro, inceku nomphostoli kaJesu Khristu, kulabo abemukele ukukholwa okuyigugu kanye nathi, ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Khristu: sengathi umusa nokuthula kungandiswa kini ngokumazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu. Njengokuba sinikiwe zonke izinto eziqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu, ngamandla akhe obuNkulunkulu, ngokumazi Yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe, aniphe ngakho izithembiso eziyigugu nezinkulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli besimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha ngezinkanuko okusezweni.
2 kaPetru 1:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
USimeyoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuzile ukukholwa okuyigugu ngokufana nokwethu ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Kristu: Makwandiswe kini umusa nokuthula ngokumazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu. Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe, esiphiwe ngakho izithembiso eziyigugu nezikhulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha okusezweni ngezinkanuko
2 kaPetru 1:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)