USimoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuze ukholo oluligugu olufana nolwethu ngokulunga kukaNkulunkulu noMsindisi wethu uJesu Kristu: Makwandiswe kini umusa nokuthula ngokwazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu; njengalokhu amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibizela enkazimulweni nasebuhleni. Ngakho siphiwe izithembiso ezinkulu kakhulu leziligugu, ukuze ngalezo libe ngabahlanganyeli bemvelo yobuNkulunkulu, libalekele ukonakala okusemhlabeni ngenkanuko.
Funda 2 kaPetru 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 kaPetru 1:1-4
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo