2 kwabaseKorinte 7:5-7
2 kwabaseKorinte 7:5-7 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba ekufikeni kwethu eMakedoniya, inyama yethu ayibanga nakuphumula, kepha sakhathazeka nxazonke; ngaphandle kwakukhona ukulwa, ngaphakathi kukhona ukwesaba. Kepha uNkulunkulu oduduza abadanileyo, wasiduduza ngokufika kukaThithu; njalo kungeyisikho ngokufika kwakhe kuphela, kodwa langenduduzo aduduzwa ngayo ngani, esitshela ukulangatha kwenu, ukulila kwenu, lokungitshisekela kwenu; ngaze ngathokoza kakhulu.
2 kwabaseKorinte 7:5-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nangesikhathi sifika eMakhedoniya, imizimba yethu ayibanga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; kunezingxabano ngaphandle, nokwesaba ngaphakathi. UNkulunkulu oduduza abadangeleyo, wasiduduza ngokufika kukaThithu, hhayi nje ngokufika kwakhe kuphela, kodwa nangokugqugquzela agqugquzeleka ngakho ngani. Wasilandisa futhi ngokungilangazelela kwenu, nangokulila kwenu, nogqozi lwenu ngami; ngaze ngathokoza kakhulu.
2 kwabaseKorinte 7:5-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba nasekufikeni kwethu eMakedoniya inyama yethu ayibanga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; ngaphandle kwakukhona ukulwa, ngaphakathi ukwesaba. Nokho uNkulunkulu oduduza abadanileyo usiduduzile thina ngokufika kukaThithu, kungabi ngokufika kwakhe kuphela, kodwa nangenduduzo aduduzwa ngayo ngani, esilandisa ngokungilangazelela kwenu, nangokungililela kwenu, nangokungishisekela kwenu, ngaze ngathokoza kakhulu.
2 kwabaseKorinte 7:5-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)