2 kwabaseKorinte 7

7
2 kwabaseKorinte 7
1Ngakho-ke, lokhu sinalezi zithembiso, bathandekayo, masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.
2Samukeleni; asonanga muntu, asonakalisanga muntu, asiphanga muntu.
3Angikhulumi lokhu ukuze nginilahle; ngokuba ngake ngasho ukuthi nisezinhliziyweni zethu ukuba sife futhi siphile kanye nani.
4Sikhulu isibindi sami ngani, ngizibonga kakhulu ngani; ngigcwele induduzo, ngithokoza kakhulu osizini lwethu lonke.
5Ngokuba ekufikeni kwethu eMakedoniya, inyama yethu ayibanga nakuphumula, kepha sakhathazeka nxazonke; ngaphandle kwakukhona ukulwa, ngaphakathi kukhona ukwesaba.
6Kepha uNkulunkulu oduduza abadanileyo, wasiduduza ngokufika kukaThithu;
7njalo kungeyisikho ngokufika kwakhe kuphela, kodwa langenduduzo aduduzwa ngayo ngani, esitshela ukulangatha kwenu, ukulila kwenu, lokungitshisekela kwenu; ngaze ngathokoza kakhulu.
8Ngokuba noma ngalidabukisa ngencwadi, angizisoli, nakuba ngiphendukile;
9Kepha ngiyathokoza, kungesikho ukuthi nadabukiswa, kodwa ukuthi nadabukiswa kwaze kwaba sekuphendukeni, ngokuba nadabukiswa ngokukaNkulunkulu, ukuze ningalinyazwa lutho ngathi.
10Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphendukela ekusindisweni okungaphenduki kukho, kepha ukudabuka kwezwe kuveza ukufa.
11Ngokuba bhekani khona yona le nto, ukuthi nadabukiswa ngokukaNkulunkulu, ukukhuthala okungaka kwakwenza kini, yebo, ukuzikhulula, yebo, ukuthukuthela, yebo, ukwesaba, yebo, ukushisekela okukhulu, yebo, ukushisekela okukhulu, yebo, impindiselo engaka! Kuzo zonke izinto nizibonakalisile nina ukuthi nimsulwa kule ndaba.
12Ngakho-ke noma nganibhalela, angikwenzanga ngenxa yalowo owonayo, noma ngenxa yowoniwa, kodwa ukuze kubonakale kini ukunikhathalela kwethu phambi kukaNkulunkulu.
13Ngakho saduduzeka ekududuzeni kwenu, yebo, sathokoza kakhulukazi ngentokozo kaThithu, ngoba umoya wakhe wavuselelwa yinina nonke.
14Ngokuba uma ngiziqhayise ngotho kuye ngani, anginamahloni; kepha njengalokho sakhuluma kini zonke izinto ngeqiniso, kanjalo nokuzibonga kwethu phambi kukaThithu kwaba yiqiniso.
15Uthando lwakhe ngani lukhulu kakhulu lapho ekhumbula ukulalela kwenu nonke, ukuthi namamukela kanjani ngokwesaba nangokuthuthumela.
16Ngakho-ke ngiyathokoza ukuthi ezintweni zonke ngiyalithemba;

Okuqokiwe okwamanje:

2 kwabaseKorinte 7: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo