2 kwabaseKorinte 8

8
2 kwabaseKorinte 8
1Phezu kwalokho, bazalwane, sinazisa ngomusa kaNkulunkulu ophiwe amabandla aseMakedoniya;
2ukuthi ekulingweni okukhulu kosizi, ukuchichima kwentokozo yawo, nobumpofu bawo obukhulu, kwaphumela engcebweni yokuphana kwawo.
3Ngokuba ngokwamandla abo ngiyafakaza, yebo, nangaphezu kwamandla abo bazinikela ngokuzithandela;
4besinxusa ngokunxusa okukhulu ukuba samukele isipho, sihlanganyele ekukhonzeni abangcwele.
5Futhi lokhu abakwenzanga njengokuthemba kwethu, kodwa bazinikela kuqala eNkosini nakithi ngentando kaNkulunkulu.
6Ngangokuthi sanxusa uThithu, ukuthi, njengalokhu eseqalile, ngokunjalo agcwalise kini lowomusa lowo.
7Ngakho-ke njengalokhu nivame kukho konke, ekukholweni, nasekukhulumeni, nasekwazini, nasekukhuthaleleni konke, nasothandweni lwenu kithi, bhekani ukuba nivame nakulo umusa.
8Kangikhulumi ngomlayo, kodwa ngenxa yenkuthalo yabanye, ngivivinya ubuqotho bothando lwenu.
9Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, ukuthi nakuba ecebile waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nina nicebe.
10Nakulokhu nginipha izeluleko, ngokuba lokhu kunilungele nina enaqala nyakenye kungesikwenza kuphela, kepha nokulangazelela.
11Ngakho-ke qedani ukwenza kwakho; ukuze njengalokhu kwakukhona ukufisa, kanjalo kube khona nokufezeka kwalokho eninakho.
12Ngokuba uma kuqala kukhona ukuvuma, kwamukeleka ngokwalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.
13Ngokuba angisho ukuthi abanye abantu bakhululeke, nina nisindwe;
14kodwa ukulingana, ukuze kuthi khathesi inala yenu isizele ukuswela kwabo, ukuze lokunala kwabo kugcwalise ukuswela kwenu, ukuze kube lokulingana;
15njengokulotshiweyo ukuthi: Owayebuthe okunengi akabanga nokusalela; nowabutha okuncane akaswelanga.
16Kodwa makabongwe uNkulunkulu ofake inkuthalo efanayo enhliziyweni kaThithu ngani.
17Ngokuba wemukela isiyalo; kodwa etshiseka kakhulu, waya kini ngokuthanda kwakhe.
18Sithumile kanye naye umzalwane odumo lwakhe lukuvangeli emabandleni onke;
19kakusikho lokho kuphela, kodwa lo okhethwe ngamabandla ukuthi ahambe lathi ngalomusa owenziwe yithi, kube yinkazimulo yeNkosi, njalo kubonakalise ukukhuthala kwenu;
20sigwema lokhu, funa kube khona osisolayo kule nala esisezwa yithi;
21sinakekela okuhle, kungephambi kweNkosi kuphela, kodwa lasemehlweni abantu.
22Sithumile kanye nabo umzalwane wethu esimbonise kaningi ukuthi ukhuthele ezintweni eziningi, kepha manje ukhuthele kakhulu ngenxa yokuqiniseka okukhulu enginakho ngani.
23Noma ngabe ubani obuza ngoThithu, ungumhlanganyeli nesisebenzi kanye nami kini; noma kubuzwa ngabazalwane bethu, bayizithunywa zamabandla nenkazimulo kaKristu.
24Ngakho bonakalisani kubo naphambi kwamabandla ubufakazi bothando lwenu nokuzibonga kwethu ngani.

Okuqokiwe okwamanje:

2 kwabaseKorinte 8: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume