2 kwabaseKorinte 7:1-16

2 kwabaseKorinte 7:1-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu. Sivuleleni indawo ezinhliziyweni zenu; asonanga muntu, asonakalisanga muntu, asidlanga muntu. Angikusho ngokunilahla; ngokuba ngasho ngaphambili ukuthi nisezinhliziyweni zethu ukuba sife kanye nani, siphile kanye nani. Nginesibindi esikhulu ngani, nginokuzibonga okukhulu ngani; ngigcwele induduzo, nginentokozo enkulu kakhulu phezu kosizi lonke esinalo. Ngokuba nasekufikeni kwethu eMakedoniya inyama yethu ayibanga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; ngaphandle kwakukhona ukulwa, ngaphakathi ukwesaba. Nokho uNkulunkulu oduduza abadanileyo usiduduzile thina ngokufika kukaThithu, kungabi ngokufika kwakhe kuphela, kodwa nangenduduzo aduduzwa ngayo ngani, esilandisa ngokungilangazelela kwenu, nangokungililela kwenu, nangokungishisekela kwenu, ngaze ngathokoza kakhulu. Nakuba nganidabukisa ngencwadi yami, angizisoli; nakuba ngangizisola – ngiyabona ukuthi leyo ncwadi yanidabukisa noma kwaba yisikhathi nje – manje ngiyathokoza, kungengokuba nadabukiswa, kodwa ngokuba nadabukiswa kwaba ngukuphenduka; ngokuba nadabukiswa ngokukaNkulunkulu, ukuze ningalahlekelwa lutho ngathi. Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa. Ngokuba bhekani, khona lokho kudabukiswa kwenu ngokukaNkulunkulu kwaveza kini ukukhuthala okungaka, yebo, nokuziphendulela, nokuthukuthela, nokwesaba, nokulangazela, nokushiseka, nokuphindisela. Kukho konke nazibonakalisa ukuthi nimhlophe kule ndaba. Ngakho nakuba nganilobela, angilobanga ngenxa yowonileyo nokuba ngenxa yowoniweyo kodwa ukuze ukukhuthala kwenu ngenxa yethu kubonakaliswe kini phambi kukaNkulunkulu. Ngalokho siduduzekile. Nasekududuzekeni kwethu sathokoza impela, ikakhulu ngokuthokoza kukaThithu, ngokuba umoya wakhe uhlunyelelwe yinina nonke; ngokuba uma ngake ngazincoma ngento kuyena ngani, angijabhiswanga; kepha njengokuba konke esakukhuluma kini kwakuyiqiniso, kanjalo nokuzibonga kwethu kuThithu kwaba yiqiniso. Yebo, isihe sakhe sivamile kakhulu ngakini, lapho ekhumbula ukulalela kwenu nonke ukuthi namamukela ngokwesaba nangokuthuthumela. Ngiyathokoza, ngokuba ezintweni zonke nginethemba ngani.

2 kwabaseKorinte 7:1-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Ngakho-ke, lokhu sinalezi zithembiso, bathandekayo, masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu. Samukeleni; asonanga muntu, asonakalisanga muntu, asiphanga muntu. Angikhulumi lokhu ukuze nginilahle; ngokuba ngake ngasho ukuthi nisezinhliziyweni zethu ukuba sife futhi siphile kanye nani. Sikhulu isibindi sami ngani, ngizibonga kakhulu ngani; ngigcwele induduzo, ngithokoza kakhulu osizini lwethu lonke. Ngokuba ekufikeni kwethu eMakedoniya, inyama yethu ayibanga nakuphumula, kepha sakhathazeka nxazonke; ngaphandle kwakukhona ukulwa, ngaphakathi kukhona ukwesaba. Kepha uNkulunkulu oduduza abadanileyo, wasiduduza ngokufika kukaThithu; njalo kungeyisikho ngokufika kwakhe kuphela, kodwa langenduduzo aduduzwa ngayo ngani, esitshela ukulangatha kwenu, ukulila kwenu, lokungitshisekela kwenu; ngaze ngathokoza kakhulu. Ngokuba noma ngalidabukisa ngencwadi, angizisoli, nakuba ngiphendukile; Kepha ngiyathokoza, kungesikho ukuthi nadabukiswa, kodwa ukuthi nadabukiswa kwaze kwaba sekuphendukeni, ngokuba nadabukiswa ngokukaNkulunkulu, ukuze ningalinyazwa lutho ngathi. Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphendukela ekusindisweni okungaphenduki kukho, kepha ukudabuka kwezwe kuveza ukufa. Ngokuba bhekani khona yona le nto, ukuthi nadabukiswa ngokukaNkulunkulu, ukukhuthala okungaka kwakwenza kini, yebo, ukuzikhulula, yebo, ukuthukuthela, yebo, ukwesaba, yebo, ukushisekela okukhulu, yebo, ukushisekela okukhulu, yebo, impindiselo engaka! Kuzo zonke izinto nizibonakalisile nina ukuthi nimsulwa kule ndaba. Ngakho-ke noma nganibhalela, angikwenzanga ngenxa yalowo owonayo, noma ngenxa yowoniwa, kodwa ukuze kubonakale kini ukunikhathalela kwethu phambi kukaNkulunkulu. Ngakho saduduzeka ekududuzeni kwenu, yebo, sathokoza kakhulukazi ngentokozo kaThithu, ngoba umoya wakhe wavuselelwa yinina nonke. Ngokuba uma ngiziqhayise ngotho kuye ngani, anginamahloni; kepha njengalokho sakhuluma kini zonke izinto ngeqiniso, kanjalo nokuzibonga kwethu phambi kukaThithu kwaba yiqiniso. Uthando lwakhe ngani lukhulu kakhulu lapho ekhumbula ukulalela kwenu nonke, ukuthi namamukela kanjani ngokwesaba nangokuthuthumela. Ngakho-ke ngiyathokoza ukuthi ezintweni zonke ngiyalithemba

2 kwabaseKorinte 7:1-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Bathandekayo, lokhu sinalezo zithembiso, masizihlambulule kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu. Sivuleleni indawo ezinhliziyweni zenu, asonanga muntu, asonakalisanga muntu, futhi asidlalanga ngamuntu. Lokhu angikusho ukuze nginilahle, njengalokhu nganitshela naphambilini ukuthi nisezinhliziyweni zethu; ukuba sife nani, siphile nani. Ngineqholo ngani, nginokuzigabisa okukhulu ngani, ngigcwele ukugqugquzeleka, futhi ngichichima intokozo phezu kosizi lonke olusikhungethe. Nangesikhathi sifika eMakhedoniya, imizimba yethu ayibanga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; kunezingxabano ngaphandle, nokwesaba ngaphakathi. UNkulunkulu oduduza abadangeleyo, wasiduduza ngokufika kukaThithu, hhayi nje ngokufika kwakhe kuphela, kodwa nangokugqugquzela agqugquzeleka ngakho ngani. Wasilandisa futhi ngokungilangazelela kwenu, nangokulila kwenu, nogqozi lwenu ngami; ngaze ngathokoza kakhulu. Nakuba nganidabukisa ngencwadi yami, angizisoli; nakuba ngangizisola, ngokuba ngiyabona ukuthi leyo ncwadi yanidabukisa noma kwaba yisikhathi nje – manje ngiyathokoza, kungengokuba nadabukiswa, kodwa ngokuba nadabuka kwaba ngukuphenduka, ngokuba nadabukiswa ngokukaNkulunkulu, ukuze ningalahlekelwa lutho ngathi. Ukudabuka okwenziwa nguNkulunkulu kuholela ensindisweni, umuntu angasoze azisola ngakho, kube ngukusindiswa, kodwa ukudabuka okuya ngokwezwe, kuholela ekufeni. Ake nibheke nje ukuthi ukudabukiswa kwenu nguNkulunkulu kwanenza naba nokukhuthala okukhulu kanjani; yebo, nokuziphendulela, ukuthukuthela, ukwesaba, ukulangazela, ukushisekela nokuphindisela. Kukho konke nizibonakalise nimhlophe kule ndaba. Nakuba nganibhalela, anginibhalelanga ngenxa yothile owonileyo, kodwa ukuze ukukhuthala kwenu ngenxa yethu kubonakaliswe kini phambi kukaNkulunkulu. Ngakho-ke siduduzekile, futhi ekududuzekeni kwethu sathokoza, ikakhulu ngenxa kaThithu omoya wakhe uhlunyeleliswe yinina nonke. Ngokuba uma bengizincoma ngani kuye, angidumazekanga, njengalokhu konke esanitshela khona kuyiqiniso, ngakho nokunincoma kwethu kuThithu kutholakale kuyiqiniso. Inhliziyo yakhe inilangazelela kakhulu uma ekhumbula ukulalela kwenu nonke nokuthi namemukela kanjani ngokwesaba nangokuthuthumela. Ngiyathokoza, ngokuba kukho konke nginesibindi kini.

2 kwabaseKorinte 7:1-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngakho-ke, lokhu sinalezi zithembiso, bathandekayo, masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu. Samukeleni; asonanga muntu, asonakalisanga muntu, asiphanga muntu. Angikhulumi lokhu ukuze nginilahle; ngokuba ngake ngasho ukuthi nisezinhliziyweni zethu ukuba sife futhi siphile kanye nani. Sikhulu isibindi sami ngani, ngizibonga kakhulu ngani; ngigcwele induduzo, ngithokoza kakhulu osizini lwethu lonke. Ngokuba ekufikeni kwethu eMakedoniya, inyama yethu ayibanga nakuphumula, kepha sakhathazeka nxazonke; ngaphandle kwakukhona ukulwa, ngaphakathi kukhona ukwesaba. Kepha uNkulunkulu oduduza abadanileyo, wasiduduza ngokufika kukaThithu; njalo kungeyisikho ngokufika kwakhe kuphela, kodwa langenduduzo aduduzwa ngayo ngani, esitshela ukulangatha kwenu, ukulila kwenu, lokungitshisekela kwenu; ngaze ngathokoza kakhulu. Ngokuba noma ngalidabukisa ngencwadi, angizisoli, nakuba ngiphendukile; Kepha ngiyathokoza, kungesikho ukuthi nadabukiswa, kodwa ukuthi nadabukiswa kwaze kwaba sekuphendukeni, ngokuba nadabukiswa ngokukaNkulunkulu, ukuze ningalinyazwa lutho ngathi. Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphendukela ekusindisweni okungaphenduki kukho, kepha ukudabuka kwezwe kuveza ukufa. Ngokuba bhekani khona yona le nto, ukuthi nadabukiswa ngokukaNkulunkulu, ukukhuthala okungaka kwakwenza kini, yebo, ukuzikhulula, yebo, ukuthukuthela, yebo, ukwesaba, yebo, ukushisekela okukhulu, yebo, ukushisekela okukhulu, yebo, impindiselo engaka! Kuzo zonke izinto nizibonakalisile nina ukuthi nimsulwa kule ndaba. Ngakho-ke noma nganibhalela, angikwenzanga ngenxa yalowo owonayo, noma ngenxa yowoniwa, kodwa ukuze kubonakale kini ukunikhathalela kwethu phambi kukaNkulunkulu. Ngakho saduduzeka ekududuzeni kwenu, yebo, sathokoza kakhulukazi ngentokozo kaThithu, ngoba umoya wakhe wavuselelwa yinina nonke. Ngokuba uma ngiziqhayise ngotho kuye ngani, anginamahloni; kepha njengalokho sakhuluma kini zonke izinto ngeqiniso, kanjalo nokuzibonga kwethu phambi kukaThithu kwaba yiqiniso. Uthando lwakhe ngani lukhulu kakhulu lapho ekhumbula ukulalela kwenu nonke, ukuthi namamukela kanjani ngokwesaba nangokuthuthumela. Ngakho-ke ngiyathokoza ukuthi ezintweni zonke ngiyalithemba

2 kwabaseKorinte 7:1-16

2 kwabaseKorinte 7:1-16 ZUL592 kwabaseKorinte 7:1-16 ZUL592 kwabaseKorinte 7:1-16 ZUL59