2 kwabaseKorinte 3:17-18
2 kwabaseKorinte 3:17-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kepha iNkosi inguMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko. Kepha thina sonke esibuka ngobuso obembuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni, siyaguqulwa sifane naye sisuka enkazimulweni siye enkazimulweni, njengalokhu sikuye uMoya weNkosi.
2 kwabaseKorinte 3:17-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha iNkosi inguMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko. Kepha thina sonke esibuka ngobuso obembuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni, siyaguqulwa sifane naye sisuka enkazimulweni siye enkazimulweni, njengalokhu sikuye uMoya weNkosi.
2 kwabaseKorinte 3:17-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
INkosi inguye uMoya, lapho kukhona khona uMoya weNkosi kunenkululeko. Kepha thina sonke ubuso bethu obambuliwe esibuka inkazimulo yeNkosi ngokungathi esibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso, kusuka kuleli zinga lenkazimulo kuya kwelinye, lokhu kuvela eNkosini enguMoya.
2 kwabaseKorinte 3:17-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko. Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.