2 iziKronike 5:1-14

2 iziKronike 5:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Wonke umsebenzi uSolomoni ayewenza endlini kaSimakade waphothulwa. USolomoni wayesengenisa zonke izinto ezingcwele zikaDavide, uyise; igolide, isiliva nazo zonke izitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaNkulunkulu. USolomoni wayeseqoqa amalunga akwa-Israyeli, zonke izinhloko zezizwana, abaholi bawoyise babantu bakwa-Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, bewususa emzini kaDavide iZiyoni. Wonke amadoda akwa-Israyeli ahlangana enkosini, emkhosini owawungenyanga yesikhombisa. Esefikile wonke amalunga akwa-Israyeli, abaLevi bawuphakamisa umphongolo. Bawukhuphula umphongolo, nethende lokuhlangana nazo zonke izinto ezingcwele ezazisethendeni; kwakhushulwa ngabaphristi nabaLevi. Inkosi uSolomoni, nayo yonke inhlangano yakwa-Israyeli eyayihlangene nayo lapho phambi komphongolo, bahlaba izimvu nezinkabi ezingenakubalwa ngenxa yobuningi bazo. Abaphristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaSimakade endaweni yawo, egumbini elingaphakathi lendlu, indawo engcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubhi. Amakherubhi ayelule amaphiko awo phezu kwendawo yomphongolo; amakherubhi awusibekela umphongolo nezingongolo zawo. Izingongolo zazizinde kangangokuba izihloko zazo zazibonakala endaweni engcwele, phambi kwegumbi elingcwele elingaphakathi, nokho zazingaveli ngaphandle kwalo. Umphongolo uselapho kuze kube namuhla. Umphongolo wawungenalutho, ngaphandle kwezibhebhe zamatshe ezimbili ezazibekwe khona nguMose eHorebhe, ngesikhathi uSimakade enza isivumelwano nabantu bakwa-Israyeli, ekuphumeni kwabo eGibhithe. Kwathi lapho abaphristi sebephumile endaweni engcwele, ngokuba bonke abaphristi ababelapho babezingcwelisile, kungabhekwanga izigaba zabo, bonke abahlabelelayo abangabaLevi; u-Asafa, uHemani, uJeduthumi namadodana abo, nabafowabo, bembethe ilineni elicolekileyo, bephethe amasimbali, izingubhu namahabhu babemi ngasempumalanga ye-althare. Kwakumi kanye nabo abaphristi abayi-120, beshaya amacilongo. Kwakungumsebenzi walabo ababephethe amacilongo nabahlabeleli ukuba bezwakalise kanyekanye, ngazwi linye, indumiso nokubonga kuSimakade. Ngesikhathi bezwakalisa indumiso ngamacilongo, amasimbali, nangazo zonke izinto zokudumisa, babedumisa uSimakade ngokuba emuhle, umusa wakhe umi phakade; indlu yagcwaliswa yifu, indlu kaSimakade. Abaphristi abakwazanga ukuba ngaphakathi ukuze bakhonze, ngenxa yefu, ngokuba inkazimulo kaSimakade yagcwalisa indlu kaNkulunkulu.

2 iziKronike 5:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Wawusuphela-ke wonke umsebenzi uSolomoni awenzela indlu kaJehova. USolomoni wangenisa izinto ezazingcweliswe nguDavide uyise, kanye nesiliva negolide, nazo zonke izitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaNkulunkulu. Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa-Israyeli, nazo zonke izinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni. Onke amadoda akwa-Israyeli abuthana enkosini emkhosini wasenyangeni yesikhombisa. Esefikile onke amalunga akwa-Israyeli, amaLevi aphakamisa umphongolo. Akhuphula umphongolo, netende lokuhlangana, nazo zonke izinto ezingcwele ezazisetendeni, kwakhushulwa ngabapristi namaLevi. Inkosi uSolomoni nayo yonke inhlangano yakwa-Israyeli eyayihlangene kuyo babe phambi komphongolo behlaba izimvu nezinkabi ezingenakulotshwa, zingenakubalwa ngobuningi bazo. Abapristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo egumbini lendlu, indawo engcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubi.* Ngokuba amakherubi* awelula amaphiko awo phezu kwendawo yomphongolo, amakherubi asibekela umphongolo nezinti zawo ngaphezulu. Izinti zazizinde kangako ukuba izihloko zezinti zibonakale zeqe emphongolweni phambi kwegumbi; kepha zazingabonakali ngaphandle; usekhona lapho kuze kube namuhla. Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe, lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe. Kwathi lapho abapristi sebephumile endaweni engcwele ngokuba bonke abapristi ababe khona babezingcwelisile bengazigcinanga izigaba zabo, kusemi ngasempumalanga kwe-altare amaLevi, abahlabeleli bonke, kanye no-Asafa, noHemani, noJeduthuni, namadodana abo, nabafowabo, bembethe ilineni elicolekileyo, bephethe amasimbali,* nezingubhu, namahabhu,* kukhona kanye nabo abapristi abayikhulu namashumi amabili bekhalisa amacilongo nalapho abaphethe amacilongo nabahlabeleli bezwakalisa kanyekanye izwi linye lokudumisa nokubonga uJehova, nanxa bekhalisa amacilongo namasimbali* nezinto zokubethwa, bedumisa uJehova ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade, khona indlu yagcwaliswa yifu, yona le ndlu kaJehova, baze bangema abapristi ukukhonza ngenxa yefu; ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaNkulunkulu.

2 iziKronike 5:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Wase waphela wonke umsebenzi uSolomoni awenzela indlu yeNKOSI; uSolomoni wasengenisa konke uDavida uyise ayekungcwelisile; isiliva negolide nazo zonke izitsha wakubeka phansi kwengcebo yendlu kaNkulunkulu. USolomoni wayesebutha amadoda amadala akwa-Israyeli nazo zonke izinhloko zezizwe, izinhloko zezindlu zoyise zabantwana bakwa-Israyeli, eJerusalema ukuba bakhiphe umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide iZiyoni. Ngalokho onke amadoda akwa-Israyeli abuthana emkhosini wenkosi owawusenyanga yesikhombisa. Eza onke amalunga akwa-Israyeli; amaLevi awuthwala umphongolo. Bakhuphula umphongolo, netende lokuhlangana, nazo zonke izinto ezingcwele ezazisetabernakele, benyusa abapristi namaLevi. Inkosi uSolomoni nayo yonke inhlangano yakwa-Israyeli eyayibuthene kuyo phambi komphongolo banikela ngezimvu nezinkomo ezingenakubalwa nezingenakubalwa ngenxa yobuningi. Abapristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo endlini engaphakathi yendlu, eNgcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubi; Ngokuba amakherubi awelula amaphiko awo phezu kwendawo yomphongolo, amakherubi asibekela umphongolo nezinti zawo ngaphezulu. Zazikhipha izinti zomphongolo, ukuze izihloko zezinti zomphongolo zibonakale phambi kwekamelo elingaphakathi; kodwa ababonwanga ngaphandle. Lisekhona kuze kube namuhla. Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili uMose azibeke kuwo eHorebe, lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe. Kwathi lapho abapristi bephuma endaweni engcwele, ngokuba bonke abapristi ababekhona babengcwelisiwe, bengalindanga ngaleso sikhathi. AmaLevi ayengabahlabeleli, wonke ka-Asafa, kaHemani, kaJeduthuni, namadodana awo nabafowabo, bembethe ilineni elimhlophe, bephethe amasimbali, namahabhu, nezingubhu, bema ngasempumalanga kwe-altare, benezwi elilodwa. Abapristi abangamakhulu namashumi amabili bebetha amacilongo. Lapho abashaya amacilongo nabahlabeleli bemunye, benza izwi elilodwa lokudumisa nokudumisa uJehova; lapho bephakamisa amazwi abo ngamacilongo nangamasimbali nangezinsimbi, bemdumisa uJehova, bethi: “Ngokuba muhle; ngokuba umusa wakhe umi phakade, ngokuba indlu yagcwala ifu, indlu kaJehova; Abapristi babengenakuma ukukhonza ngenxa yefu, ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaNkulunkulu.