Wonke umsebenzi uSolomoni ayewenza endlini kaSimakade waphothulwa. USolomoni wayesengenisa zonke izinto ezingcwele zikaDavide, uyise; igolide, isiliva nazo zonke izitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaNkulunkulu.
USolomoni wayeseqoqa amalunga akwa-Israyeli, zonke izinhloko zezizwana, abaholi bawoyise babantu bakwa-Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, bewususa emzini kaDavide iZiyoni. Wonke amadoda akwa-Israyeli ahlangana enkosini, emkhosini owawungenyanga yesikhombisa.
Esefikile wonke amalunga akwa-Israyeli, abaLevi bawuphakamisa umphongolo. Bawukhuphula umphongolo, nethende lokuhlangana nazo zonke izinto ezingcwele ezazisethendeni; kwakhushulwa ngabaphristi nabaLevi. Inkosi uSolomoni, nayo yonke inhlangano yakwa-Israyeli eyayihlangene nayo lapho phambi komphongolo, bahlaba izimvu nezinkabi ezingenakubalwa ngenxa yobuningi bazo.
Abaphristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaSimakade endaweni yawo, egumbini elingaphakathi lendlu, indawo engcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubhi. Amakherubhi ayelule amaphiko awo phezu kwendawo yomphongolo; amakherubhi awusibekela umphongolo nezingongolo zawo. Izingongolo zazizinde kangangokuba izihloko zazo zazibonakala endaweni engcwele, phambi kwegumbi elingcwele elingaphakathi, nokho zazingaveli ngaphandle kwalo. Umphongolo uselapho kuze kube namuhla. Umphongolo wawungenalutho, ngaphandle kwezibhebhe zamatshe ezimbili ezazibekwe khona nguMose eHorebhe, ngesikhathi uSimakade enza isivumelwano nabantu bakwa-Israyeli, ekuphumeni kwabo eGibhithe.
Kwathi lapho abaphristi sebephumile endaweni engcwele, ngokuba bonke abaphristi ababelapho babezingcwelisile, kungabhekwanga izigaba zabo, bonke abahlabelelayo abangabaLevi; u-Asafa, uHemani, uJeduthumi namadodana abo, nabafowabo, bembethe ilineni elicolekileyo, bephethe amasimbali, izingubhu namahabhu babemi ngasempumalanga ye-althare. Kwakumi kanye nabo abaphristi abayi-120, beshaya amacilongo. Kwakungumsebenzi walabo ababephethe amacilongo nabahlabeleli ukuba bezwakalise kanyekanye, ngazwi linye, indumiso nokubonga kuSimakade. Ngesikhathi bezwakalisa indumiso ngamacilongo, amasimbali, nangazo zonke izinto zokudumisa, babedumisa uSimakade ngokuba emuhle, umusa wakhe umi phakade; indlu yagcwaliswa yifu, indlu kaSimakade. Abaphristi abakwazanga ukuba ngaphakathi ukuze bakhonze, ngenxa yefu, ngokuba inkazimulo kaSimakade yagcwalisa indlu kaNkulunkulu.