2 iziKronike 15:1-7
2 iziKronike 15:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UMoya kaNkulunkulu wehlela ku-Azariya, indodana ka-Odedi; u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya. Kwase kuyisikhathi eside u-Israyeli engenaye uNkulunkulu weqiniso, kungekho namphristi ofundisayo, kungekho namthetho. Kepha lapho ehluphekile wayephendukela kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, amfune, amfumane. Ngalezo zikhathi kwakungekho ukuthula nokuphepha kophumayo noma kongenayo, ngokuba kwakukuningi okuphazamisa izakhamuzi zezwe. Isizwe sasicoboshiswa ngesinye isizwe, nomuzi ngomunye umuzi, ngokuba uNkulunkulu wabahlupha ngezinhlupho eziningi. Kepha nina yibani namandla, zingadangali izandla zenu, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba nomvuzo.”
2 iziKronike 15:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UMoya kaNkulunkulu waba phezu kuka-Azariya indodana ka-Odedi; waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: “Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani. Kwakuyizinsuku eziningi u-Israyeli engenaye uNkulunkulu oqinisileyo, namfundisi ofundisayo, namthetho; kepha ekuhluphekeni kwabo baphendukela kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, bamfuna; wafunyanwa yibo. Ngaleso sikhathi kwakungekho kuthula kophumayo nakongenayo, ngokuba ukuphaphatheka okukhulu kwakukhona phezu kwabo bonke abakhe ezweni. Isizwe saphahlazwa yisizwe nomuzi ngumuzi, ngokuba uNkulunkulu wabesabisa ngezinkathazo zonke. Kepha nina yibani namandla, zingadangali izandla zenu, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba nomvuzo wawo.”
2 iziKronike 15:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kuka-Azariya indodana ka-Odedi. Waphuma ukumhlangabeza u-Asa, wathi kuye: “Ngilalele, Asa nawe wonke uJuda noBenjamini! UJehova unani nina nina; uma nimfuna, uyakufunyanwa nguwe; kepha uma nimshiya, uyakunishiya. Manje u-Israyeli wayesenesikhathi eside engenaye uNkulunkulu weqiniso nompristi ofundisayo futhi engenamthetho. Kodwa lapho ekuhluphekeni kwabo baphendukela kuJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, bamdinga, wafunyanwa enabo. Ngalezo zikhathi kwakungekho ukuthula kophumayo nakongenayo, kepha ukuhlupheka okukhulu kwaba phezu kwabo bonke abakhileyo kulelo zwe. Isizwe sachithwa esizweni nomuzi emzini, ngokuba uNkulunkulu wabahlupha ngabo bonke ubunzima. Ngakho qinani, izandla zenu mazingadangali, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba nomvuzo.