2 IZikhronike 15

15
Isiphrofetho Sika-Azariya
1 UMoya kaNkulunkulu wehlela ku-Azariya, indodana ka-Odedi; 2 u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya. 3 Kwase kuyisikhathi eside u-Israyeli engenaye uNkulunkulu weqiniso, kungekho namphristi ofundisayo, kungekho namthetho. 4 Kepha lapho ehluphekile wayephendukela kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, amfune, amfumane. 5 Ngalezo zikhathi kwakungekho ukuthula nokuphepha kophumayo noma kongenayo, ngokuba kwakukuningi okuphazamisa izakhamuzi zezwe. 6Isizwe sasicoboshiswa ngesinye isizwe, nomuzi ngomunye umuzi, ngokuba uNkulunkulu wabahlupha ngezinhlupho eziningi. 7 Kepha nina yibani namandla, zingadangali izandla zenu, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba nomvuzo.”
Uguquko Olwenziwa Ngu-Asa
8 Kwathi ukuba u-Asa awezwe lawo mazwi nesiphrofetho sika-Odedi umphrofethi, waqina idolo, wazisusa izinengiso ezweni lonke kwaJuda nakwaBhenjamini, nasemizini yonke ayeyidle kwelezintaba kwa-Efrayimi, wavusa i-althare likaSimakade elaliphambi kompheme kaSimakade.
9 Waqoqa wonke uJuda noBhenjamini, nababegogobele nabo bevela kwa-Efrayimi, kwaManase, kwaSimeyoni, ngokuba uquqaba oluningi lwaluhlubukele kuye, luvela kwa-Israyeli, ngesikhathi selubona ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakhe unaye.
10Kwathi ngenyanga yesithathu, ngonyaka we-15 wokubusa kuka-Asa, babuthana eJerusalema. 11 Ngalolo lusuku bahlabela uSimakade okunye kwempango ababeyidlile; izinkabi ezingama-700 nezimvu eziyizi-7 000. 12 Benza isivumelwano sokumfuna uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo ngayo yonke inhliziyo yabo, nangawo wonke umphefumulo wabo. 13 Bavumelana nangokuthi bonke abangayukumfuna uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli bayobulawa; noma ngabe bancane noma badala, owesilisa noma owesifazane. 14Bafunga phambi kukaSimakade ngezwi elikhulu, bakhamuluka ngamacilongo nangemitshingo. 15 Wonke uJuda wathokoza ngesifungo ababesenzile, ngokuba babefungile ngenhliziyo yabo yonke, bamfuna ngentando yabo yonke, bamfumana. USimakade wabanika ukuthula nxazonke.
16 U-Asa wamsusa unina uMahakha ukuba abe yindlovukazi, ngokuba wayenzele u-Ashera isithombe esinengekayo. U-Asa wasigenca leso sithombe, wasiqotha sacoliseka, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni. 17Kepha izindawo eziphakemeyo akazisusanga kwa-Israyeli, nakuba inhliziyo ka-Asa yayiphelele zonke izinsuku zokuphila kwakhe. 18Wabuyisa endlini kaNkulunkulu izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele; isiliva, igolide, nezitsha.
19Akuzange kube khona impi, kwaze kwaba ngunyaka wama-35 wokubusa kuka-Asa.

Okuqokiwe okwamanje:

2 IZikhronike 15: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume