2 iziKronike 1:11-12
2 iziKronike 1:11-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UNkulunkulu wayesethi kuSolomoni: “Ngenxa yokuthi lokhu kuvela enhliziyweni yakho ukuba ungaceli ingcebo, imfuyo, nodumo, nokuba abakuzondayo bafe, futhi ungacelanga ukuphila isikhathi eside, kodwa ucele ukuhlakanipha nokwazi ukuze wehlulele abantu bami engikubeke ukuba ube yinkosi yabo; ngiyakukunika ukuhlakanipha nokwazi; ngiyakukunika nengcebo, imfuyo, nodumo angazange abe nakho amakhosi akwandulelayo, nalawo ayokulandela awayukuba nakho.”
2 iziKronike 1:11-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesethi uNkulunkulu kuSolomoni: “Ngenxa yokuba lokho kwakusenhliziyweni yakho, ungacelanga ingcebo, nemfuyo, nodumo, nokuphila kwabakuzondayo, futhi ungacelanga imihla eminingi, kepha wazicelela ukuhlakanipha nokwazi ukuba wahlulele abantu bami engikubeke inkosi phezu kwabo, uyakuphiwa ukuhlakanipha nokwazi; ngiyakukunika nengcebo, nemfuyo, nodumo, angazange abe nakho okungako amakhosi ayengaphambi kwakho, nalandelayo emva kwakho awayikuba nakho.”
2 iziKronike 1:11-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UNkulunkulu wathi kuSolomoni: “Ngenxa yokuthi kwakusenhliziyweni yakho, futhi awucelanga ingcebo, nengcebo, noma udumo, noma ukuphila kwezitha zakho, futhi awucelanga ukuphila isikhathi eside; kepha wacela ukuhlakanipha kwakho nokwazi kwakho ukuba wahlulele abantu bami engikubeke inkosi ngabo. Ukuhlakanipha nokwazi uyakuphiwa; ngiyakukunika ingcebo, nengcebo, nodumo, amakhosi angaphambi kwakho angazange abe nawo, angabikho omunye emva kwakho.