1 kuThimothewu 1:11-13
1 kuThimothewu 1:11-13 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo, engiphathiswe lona. Ngiyambonga ongenzele amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni; Ngake ngaba ngumhlambazi, nomzingeli, nomhlukumezi, kodwa ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi ngokungakholwa.
1 kuThimothewu 1:11-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu odumisekayo, engaphathiswa lona mina. Ngiyambonga uKhristu uJesu iNkosi yethu owangipha amandla, wangibona ngethembekile, wangiqokela emsebenzini wakhe, nakuba ngangikade ngingohlambalazayo, nozingela amakholwa, nohluphayo. Kepha ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi nangokungakholwa.
1 kuThimothewu 1:11-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo, engaphathiswa lona mina. Ngiyambonga owangenzela amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni, noma kade ngingohlambalazayo, nozingelayo, nohluphayo; kodwa ngahawukelwa ngokuba ngakwenza ngokungazi, ngokungakholwa.
1 kuThimothewu 1:11-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)