1 uSamuweli 31:1-13

1 uSamuweli 31:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa. AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba, noMaliki Shuwa, amadodana kaSawule. Impi yaba nzima kuSawule; abacibishelayo bamfica, wakhathazeka kakhulu ngenxa yabacibishelayo. USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike, bangigwaze, bangone.” Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakhe, ngokuba lwesaba kakhulu. Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo. Udibi lwezikhali zakhe selubonile ukuthi uSawule ufile, lwawela nalo phezu kwenkemba yalo, lwafa kanye naye. Wafa-ke uSawule namadodana akhe omathathu, nodibi lwakhe, nabo bonke abantu bakhe ngalolo suku kanyekanye. Lapho abantu bakwa-Israyeli ababe ngaphesheya kwesigodi nalabo ababe ngaphesheya kweJordani bebona ukuthi abantu bakwa-Israyeli babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo. Kwathi ngangomuso, lapho amaFilisti efika ukuphanga ababuleweyo, afumana uSawule namadodana akhe omathathu bewile entabeni yaseGilibowa. Amnquma ikhanda, athatha izikhali zakhe, azithuma ezweni lamaFilisti nxazonke ukukumemezela endlini yezithombe zawo nakubantu. Azibeka izikhali zakhe endlini ka-Ashitaroti, abethela isidumbu sakhe ogangeni lwaseBeti Shani. Sebezwile abakhe eJabeshi Gileyadi lokho amaFilisti ayekwenzile kuSawule, kwasuka onke amadoda anamandla, ahamba ubusuku bonke, asithatha isidumbu sikaSawule, nezidumbu zamadodana akhe ogangeni lwaseBeti Shani, afika eJabeshi, azishisa khona. Athatha amathambo abo, awembela phansi komtamariske* eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.

1 uSamuweli 31:1-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)

AmaFilisti alwa no-Israyeli. Abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, abanye babo bawa, basala enkundleni, entabeni iGilibhowa. AmaFilisti amhubha uSawule namadodana akhe. AmaFilisti abulala uJonathani, u-Abhinadaba, noMalikhi Shuwa, amadodana kaSawule. Impi yaba nzima kakhulu kuSawule; abacibayo bamfica esebuhlungwini obukhulu ngenxa yokugwazwa ngumcibisholo. USawule wathi odibini lwakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa abangasokile bafike bangigwaze, bangijivaze.” Kepha udibi lwakhe lwenqaba, ngoba lwesaba kakhulu. USawule wayesethatha inkemba yakhe, waziphonsa phezu kwayo. Kwathi lungabona udibi lwakhe ukuthi uSawule usefile, nalo lwaziphonsa phezu kwenkemba yalo, lwafa kanye naye. USawule wafa namadodana akhe omathathu, nodibi lwakhe, nabo bonke abantu bakhe ngalolo lusuku. Kwathi ukuba abantu bakwa-Israyeli ababephesheya kwesigodi nalabo ababengaphesheya kweJordani, babone ukuthi abantu bakwa-Israyeli bayabaleka, nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka. AmaFilisti afika, ahlala kuyo. Kwathi ngakusasa, amaFilisti abuya ukuyophanga ababebulewe, afumana uSawule namadodana akhe omathathu befele entabeni iGilibhowa. Amnquma ikhanda, athatha izikhali zakhe, athumela ezweni lamaFilisti ukumemezela yonke indawo endlini yezithombe zawo nakubantu. Abeka izikhali zikaSawule endlini ka-Ashitharothi, isidumbu sakhe asibethela ogangeni eBhethi Shani. Kwathi ukuba izakhamuzi zaseJabheshi Gileyadi zizwe ngokwenziwe ngamaFilisti kuSawule, kwasuka wonke amadoda anamandla, ahamba ubusuku bonke, asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe ogangeni eBhethi Shani, ahamba nazo, afika eJabeshi azishisela khona. Athatha amathambo abo awambela phansi komthamariske, eJabeshi. Azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.

1 uSamuweli 31:1-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa. AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba, noMaliki Shuwa, amadodana kaSawule. Impi yaba nzima kuSawule, abacibishelayo bamshaya; futhi walinyazwa kakhulu ngabacibishelayo. USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo; funa laba abangasokile bafike bangibhoboze bangithuke. Kodwa umthwali wezikhali zakhe wala; ngoba wayesaba kakhulu. Ngakho uSawule wathatha inkemba wawela phezu kwayo. Lapho udibi lwezikhali zakhe lubona ukuthi uSawule ufile, lwawela phezu kwenkemba yalo, lwafa kanye naye. Ngakho uSawule namadodana akhe amathathu nodibi lwezikhali zakhe nabo bonke abantu bakhe bafa kanyekanye ngalusuku lunye. Lapho abantu bakwa-Israyeli ababengaphesheya kwesigodi nabangaphesheya kweJordani bebona ukuthi abantu bakwa-Israyeli bayabaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi, babaleka; afika amaFilisti, ahlala kuyo. Kwathi ngangomuso lapho amaFilisti efika ukuphanga ababuleweyo, afumana uSawule namadodana akhe omathathu bewile entabeni yaseGilibowa. Amnquma ikhanda, akhumula izikhali zakhe, azithumela ezweni lamaFilisti nxazonke ukuba azazise endlini yezithombe zawo naphakathi kwabantu. Azibeka izikhali zakhe endlini ka-Ashitaroti, abethela isidumbu sakhe odongeni lwaseBeti Shani. Abakhileyo eJabeshi kwaGileyadi bezwa lokho amaFilisti ayekwenzile kuSawule; Onke amadoda anesibindi azilungisa, ahamba ubusuku bonke, asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe odongeni lwaseBeti-Shani, eza eJabeshi, azishisa khona. Athatha amathambo abo, awangcwaba phansi kwesihlahla eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.