1 uSamuweli 23:15-29
1 uSamuweli 23:15-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukufuna ukuphila kwakhe; uDavide wayesehlane laseZifi eHoreshi. Kwasuka uJonathani indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, waqinisa isandla sakhe kuNkulunkulu. Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule ubaba asiyikukufumana; wena uyakuba yinkosi phezu kuka-Israyeli, mina ngikwelame; noSawule ubaba uyakwazi lokho.” Benza isivumelwano bobabili phambi kukaJehova; uDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe. Kwase kwenyuka abaseZifi, baya kuSawule eGibeya, bathi: “UDavide akacashi yini kithi ezinqabeni zaseHoreshi entabeni yaseHakhila elingaseningizimu kwasehlane na? Ngalokho yehla, nkosi, uma kuyisifiso senhliziyo yakho ukwehla, thina simkhaphele esandleni senkosi.” USawule wathi: “Manibusiswe, ngokuba ningihawukele. Manihambe, niqinise, nazi, nibone indawo yakhe lapho kukhona unyawo lwakhe nokuthi ubonwe ngubani khona, ngokuba ngitsheliwe ukuthi unobuqili impela. Bhekani, nizazi zonke izindawo zokucasha, lapho ecasha khona, nibuyele kimi nineqiniso; ngiyakuhamba nani; kuyakuthi uma ekhona ezweni, ngimfice phakathi kwayo yonke imindeni yakwaJuda.” Base besuka, baya eZifi phambi kukaSawule; kepha uDavide nabantu bakhe babesehlane laseMahoni e-Araba ngaseningizimu kwasehlane. USawule nabantu bakhe baya ukumfuna. UDavide watshelwa; wehlela-ke eweni, wahlala ehlane laseMahoni. USawule ekuzwa, wamxosha uDavide ehlane laseMahoni. USawule wahamba ngalapha kwentaba, uDavide nabantu bakhe bahamba ngale kwentaba; uDavide washesha wahamba ngokumesaba uSawule, ngokuba uSawule nabantu bakhe bahaqa uDavide nabantu bakhe ukuba bababambe. Kepha kwafika isithunywa kuSawule, sithi: “Shesha ufike, ngokuba amaFilisti angenele izwe.” Wayesebuya uSawule ekumxosheni uDavide, wahamba ukuhlangabezana namaFilisti; ngalokho babiza leyo ndawo ngokuthi iSela Hamalekoti.* UDavide wakhuphuka lapho, wahlala ezinqabeni zase-Eni Gedi.
1 uSamuweli 23:15-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukumbulala; uDavide wayesehlane eZifi eHoreshi. Kwasuka uJonathani, indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, wamqunga isibindi ngenxa kaNkulunkulu. Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule, ubaba, asiyukukufumana. Wena uyakubusa phezu kuka-Israyeli, mina ngiyoba ngowesibili embusweni; noSawule ubaba uyakwazi lokho.” Bobabili benza isivumelwano phambi kukaSimakade. UDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe. Kwase kwenyuka abaseZifi, baya kuSawule eGibheya, bathi: “UDavide akacashile yini phakathi kwethu ezinqabeni eHoreshi egqumeni iHakhila, eliseningizimu yeJeshimoni na? Manje nkosi, uma ufuna ukwehla, ungehla, thina sizomkhaphela esandleni senkosi.” USawule wathi: “USimakade makanibusise, ngoba ningizwele. Ake nihambe, niqinisekise impela, nazi, futhi nibone ukuthi ukuphi nokuthi ngubani ombone lapho, ngokuba ngizwile ukuthi wenza izinto ngobuhlakani obumangalisayo. Hlolani, nizazi zonke izindawo lapho ecasha khona, bese nibuya nize kimi nodaba olunesiqiniseko. Mina ngizohamba nani, uma esezweni, ngiyomfuna phakathi kwezinkulungwane zabakwaJuda.” Base besuka, bahamba phambi kukaSawule baya eZifi, kodwa uDavide nabantu bakhe babesehlane eMahoni e-Araba, eningizimu yehlane. USawule nabantu bakhe baphuma bayomfuna uDavide. UDavide wabikelwa ngalokho, wayesehlela edwaleni, wahlala ehlane eMahoni. USawule wakuzwa lokho, wamlandela uDavide ehlane eMahoni. USawule wahamba ngapha kwentaba, uDavide nabantu bakhe bahamba ngale kwentaba. UDavide washesha wambalekela uSawule, ngokuba uSawule nabantu bakhe bamhaqa uDavide nabantu bakhe ukuze bababambe. Kwafika isithunywa kuSawule, sathi: “Phuthuma uze, ngokuba amaFilisti alihlasele izwe.” USawule wanqandeka ekulandeleni uDavide, wahamba wayokulwa namaFilisti. Yingakho leyo ndawo yabizwa ngokuthi yiSela Hamalekothi. UDavide wasuka lapho wakhuphuka wayohlala ezinqabeni e-Eni Gedi.
1 uSamuweli 23:15-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukufuna ukuphila kwakhe; uDavide wayesehlane laseZifi eHoreshi. Kwasuka uJonathani indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, waqinisa isandla sakhe kuNkulunkulu. Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule ubaba asiyikukufumana; wena uyakuba yinkosi phezu kuka-Israyeli, mina ngikwelame; noSawule ubaba uyakwazi lokho.” Benza isivumelwano bobabili phambi kukaJehova; uDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe. Kwase kwenyuka abaseZifi, baya kuSawule eGibeya, bathi: “UDavide akacashi yini kithi ezinqabeni zaseHoreshi entabeni yaseHakhila elingaseningizimu kwasehlane na? Ngalokho yehla, nkosi, uma kuyisifiso senhliziyo yakho ukwehla, thina simkhaphele esandleni senkosi.” USawule wathi: “Manibusiswe, ngokuba ningihawukele. Manihambe, niqinise, nazi, nibone indawo yakhe lapho kukhona unyawo lwakhe nokuthi ubonwe ngubani khona, ngokuba ngitsheliwe ukuthi unobuqili impela. Bhekani, nizazi zonke izindawo zokucasha, lapho ecasha khona, nibuyele kimi nineqiniso; ngiyakuhamba nani; kuyakuthi uma ekhona ezweni, ngimfice phakathi kwayo yonke imindeni yakwaJuda.” Base besuka, baya eZifi phambi kukaSawule; kepha uDavide nabantu bakhe babesehlane laseMahoni e-Araba ngaseningizimu kwasehlane. USawule nabantu bakhe baya ukumfuna. UDavide watshelwa; wehlela-ke eweni, wahlala ehlane laseMahoni. USawule ekuzwa, wamxosha uDavide ehlane laseMahoni. USawule wahamba ngalapha kwentaba, uDavide nabantu bakhe bahamba ngale kwentaba; uDavide washesha wahamba ngokumesaba uSawule, ngokuba uSawule nabantu bakhe bahaqa uDavide nabantu bakhe ukuba bababambe. Kepha kwafika isithunywa kuSawule, sithi: “Shesha ufike, ngokuba amaFilisti angenele izwe.” Wayesebuya uSawule ekumxosheni uDavide, wahamba ukuhlangabezana namaFilisti; ngalokho babiza leyo ndawo ngokuthi iSela Hamalekoti.* UDavide wakhuphuka lapho, wahlala ezinqabeni zase-Eni Gedi.
1 uSamuweli 23:15-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukufuna ukuphila kwakhe, uDavide wayesehlane laseZifi ehlathini. UJonathani indodana kaSawule wasuka waya kuDavide ehlathini, waqinisa isandla sakhe kuNkulunkulu. Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule ubaba asiyikukuthola; uzakuba yinkosi phezu kukaIsrayeli, mina ngibe lawe; lobaba uSawuli uyakwazi lokhu. Benza isivumelwano bobabili phambi kukaJehova; uDavide wahlala ehlathini, uJonathani waya endlini yakhe. AbaseSifi base benyukela kuSawule eGibeya, bathi: “UDavide akazicashi yini kithi ezinqabeni zehlathi entabeni yaseHagila ngaseningizimu kwaseJesimoni na? Manje-ke, O nkosi, yehla ngokuvumelana nakho konke ukufisa komphefumulo wakho ukwehla; futhi ingxenye yethu kuyoba ukumnikela esandleni senkosi. USawuli wasesithi: Libusiswe nguJehova! ngoba ungihawukele. Hambani nizilungisele, nazi, nibone indawo yakhe lapho ehlala khona nokuthi ngubani owambona khona; ngoba ngitsheliwe ukuthi wenza ubuqili obukhulu. Bhekani, nibone zonke izindawo zokucasha lapho ecasha khona, nibuyele kimi impela, ngiyakuhamba nani; uma ekhona ezweni, ngiyakumphenya kuzo zonke izinkulungwane zakwaJuda. Baqeda, bahamba phambi kukaSawule baya eZifi, kepha uDavide nabantu bakhe basehlane laseMahoni ethafeni eliseningizimu kwaseJesmoni. USawuli labantu bakhe laye bahamba ukuyamdinga. Bamtshela uDavide, bathi: “Wafika edwaleni, wahlala ehlane laseMawoni. USawule ekuzwa lokho wamxosha uDavide ehlane laseMahoni. USawuli wasesuka waya ngaphetsheya kwentaba, loDavida labantu bakhe bengapha kwentaba; ngoba uSawule nabantu bakhe bamhaqa uDavide namadoda akhe ukuba bababambe. Kepha kwafika isithunywa kuSawule, sathi: “Shesha uze; ngoba amaFilisti ayelihlasele ilizwe. Ngakho uSawule wabuya ekumsukeleni uDavide, waya ukuhlangabezana namaFilisti; ngalokho babiza leyo ndawo ngokuthi iSelama-Hlekoti. UDavide wenyuka esuka lapho, wahlala ezinqabeni zase-Eni Gedi.