UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukumbulala; uDavide wayesehlane eZifi eHoreshi. Kwasuka uJonathani, indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, wamqunga isibindi ngenxa kaNkulunkulu. Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule, ubaba, asiyukukufumana. Wena uyakubusa phezu kuka-Israyeli, mina ngiyoba ngowesibili embusweni; noSawule ubaba uyakwazi lokho.”
Bobabili benza isivumelwano phambi kukaSimakade. UDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.
Kwase kwenyuka abaseZifi, baya kuSawule eGibheya, bathi: “UDavide akacashile yini phakathi kwethu ezinqabeni eHoreshi egqumeni iHakhila, eliseningizimu yeJeshimoni na? Manje nkosi, uma ufuna ukwehla, ungehla, thina sizomkhaphela esandleni senkosi.”
USawule wathi: “USimakade makanibusise, ngoba ningizwele. Ake nihambe, niqinisekise impela, nazi, futhi nibone ukuthi ukuphi nokuthi ngubani ombone lapho, ngokuba ngizwile ukuthi wenza izinto ngobuhlakani obumangalisayo. Hlolani, nizazi zonke izindawo lapho ecasha khona, bese nibuya nize kimi nodaba olunesiqiniseko. Mina ngizohamba nani, uma esezweni, ngiyomfuna phakathi kwezinkulungwane zabakwaJuda.”
Base besuka, bahamba phambi kukaSawule baya eZifi, kodwa uDavide nabantu bakhe babesehlane eMahoni e-Araba, eningizimu yehlane.
USawule nabantu bakhe baphuma bayomfuna uDavide. UDavide wabikelwa ngalokho, wayesehlela edwaleni, wahlala ehlane eMahoni. USawule wakuzwa lokho, wamlandela uDavide ehlane eMahoni.
USawule wahamba ngapha kwentaba, uDavide nabantu bakhe bahamba ngale kwentaba. UDavide washesha wambalekela uSawule, ngokuba uSawule nabantu bakhe bamhaqa uDavide nabantu bakhe ukuze bababambe. Kwafika isithunywa kuSawule, sathi: “Phuthuma uze, ngokuba amaFilisti alihlasele izwe.”
USawule wanqandeka ekulandeleni uDavide, wahamba wayokulwa namaFilisti. Yingakho leyo ndawo yabizwa ngokuthi yiSela Hamalekothi. UDavide wasuka lapho wakhuphuka wayohlala ezinqabeni e-Eni Gedi.